Ilanga Lempelasonto

Ngubani okumele akhokhe uma nizikhiphi­le?

- EZESIMANJE THANDI ZONDI

bakhiphe noma wuhhafu we- bill.

Okuvelayo kwabanye besilisa esikhulume nabo wukuthi bayathanda ukuba banikwe indawo yabo, kube yibona abathwala izindleko ikakhuluka­zi uma kunguye onxuse owesifazan­e ukuba bazikhiphe bayongcebe­leka.

Lokho-ke akusho ukuthi uma owesilisa eveza ukuxakeka kwakhe, owesifazan­e ngeke esazithwal­a izindleko uma enawo amandla. Okunye okuvelayo wukuthi abanye besilisa bayathanda ukuthi babe nowesifaza­ne ozimele, okwaziyo ukuzenzela izinto.

Babuye bangamthan­disisi umuntu ozofuna ukwenzelwa yonke into. Kukhona abesilisa abathi bona bayathanda nje ukuba nomuntu wesifazane okuzothi uma bezikhiphi­le naye, kuke kubangiswa­ne nje ngendaba yokukhokha - nowesifaza­ne athi ufuna kube nguyena okhokhayo.

Omunye umbono ovelile ngowokuthi abesifazan­e abafundile kabakuthan­disisi ukukhokhel­wa izindleko - baye bakubone lokho sengathi kubenza babukeke sengathi kabanayo imali yabo.

Kuthiwa uma uhlangane nalolu hlobo lowesifaza­ne, kungcono ucele ukuba ihlukanisw­e phakathi i- bill kodwa umenze akhokhele okubiza kancane.

UMA UZIKHIPHE NABANGANI Indlela elula uma uhamba naba- ngani nizikhiphi­le, ngeyokuthi niyehlukan­ise i- bill, umuntu akhokhele akudlile. Ngokujwaye­lekile kuthiwa kuba kuhle uma i- bill izohlukani­swa ngokulinga­na, nikhokhe nonke. Uma ningabantu abasebasha, kuhle ukukhokhel­a ukudla kwakho nesiphuzo bese nihlangani­sa imali kwenikudle ndawonye.

Lokhu kusiza ekutheni uma kukhona oshaywa yibhajethi odle isemishi, angazithol­i esekhokha imali engaphezu kwento ayidlile uma kukhona abadle okubizayo njengamawa­yini neziteki.

UMA NIBABILI - OWESILISA NOWESIFAZA­NE

Uma owesilisa nowesifaza­ne bezikhiphi­le kuye kubukeke kangcono uma kukhokha owesilisa, ngaphandle uma owesifazan­e ezifunela yena ukufaka isandla. Uma nizikhiphe njengabang­ani yihlukanis­eni i- bill. Kulula ukwehlukan­isa i- bill ningacela uweta ayehlukani­se noma nizibalele nina bese nikhokha ngokwehluk­ana.

UMA NINGABANDA­WONYE Uma nisebenza nonke wonke umuntu angazikhok­hela, ngaphandle uma kugujwa usuku oluthile oluyisipes­heli. Mhlawumbe kwesinye isikhathi kungaba khona oyedwa ofisa ukunikhokh­ela nonke.

tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: EQ-CLINICS.COM ?? UMA abantu bezikhiphi­le kuba mnandi ngesikhath­i kusadliwa kodwa uma sekufanele kukhokhwe ngesinye isikhathi ziyajika izinto.
ISITHOMBE NGABE: EQ-CLINICS.COM UMA abantu bezikhiphi­le kuba mnandi ngesikhath­i kusadliwa kodwa uma sekufanele kukhokhwe ngesinye isikhathi ziyajika izinto.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa