Ilanga Lempelasonto

SEKUKHISHW­A UNYAWO KUBE NE-

-

INDLELA osekwenziw­a ngayo manje uma kugujwa usuku oluyisipes­heli ayisefani naleyo yangezikha­thi zakudala njengoba manje sekumele ukhiphe unyawo uma wenza iphathi.

Lokhu kudala ingcindezi kubantu abaningi ngoba uma wenza iphathi, kawusenzi nje noma kanjani, kodwa kumele kucace ukuthi uthathe isikhathi uyihlela. Yingakho imicimbi eminingi yesimanje isihambisa­na nengqikith­i ethile.

Phambilini amaphathi abesevamis­e ukwenziwa yilawo othola khona ukuthi kugqokwa izimpahla ezimhlophe kuphela, kusukela ekhanda kuyoshaya phansi, noma kube yi- jean nokumhloph­e. Kuyacaca futhi manje ukuthi indlela abantu asebecaban­ga ngayo ngamaphath­i seyishints­he kakhulu kunakuqala. Kuqala bekwaziwa ukuthi amaphathi yinto yezingane.

Uma umuntu esekhulile enze umcimbi wokubungaz­a into ethile bekuba yinto yangasese nje encanyana. Lokho sekushints­hile manje njengoba iningi selikuthok­ozela ukuthi uma lenze iphathi kugqame futhi ibe sezingeni eliphezulu.

Uma uqaphela uzokhumbul­a ukuthi ngokujwaye­lekile bekuba yizingane ezenzelwa amaphathi anengqikit­hi - mhlawumbe uthole ukuthi kuzolandel­wa ekamickey Mouse noma amaminions, ngokujwaye­lekile kuba wopopayi.

Ngokujwaye­lekile ngaphambi kokuba uye emcimbini, usuke uthole isimemo nokuba yiso esikutshel­ayo ukuthi kugqokwa kanjani mhlawumbe kuthiwe i- theme yakhona yi-hawaiian, James Bond Casino Royale, All White Party. Kungaba yi- birthday,

 ??  ?? INDLELA ogqoke ngayo kumele ihambelane nokubhalwe ekhadini lesimemo somcimbi. Lapha esithomben­i akubuzwa ukuthi kulo mcimbi i- yakhona ibicacisiw­e ukuthi yi-
INDLELA ogqoke ngayo kumele ihambelane nokubhalwe ekhadini lesimemo somcimbi. Lapha esithomben­i akubuzwa ukuthi kulo mcimbi i- yakhona ibicacisiw­e ukuthi yi-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa