Ilanga Lempelasonto

Inhlanzeko ingaluqeda nya uthando

- EZOTHANDO

NAMHLANJE kule ngosi yezothando, sibone kungcono ukuba singajuli kodwa sikhumbuza­ne nje ngenye yezinto ezisemqoka ebudlelwan­eni, indaba yenhlanzek­o.

Bakwethu, mubi umuntu oyidlabha, ongezwani nhlobo nje nenhlanzek­o. Ayiyona into encane indaba yenhlanzek­o ebudlelwan­eni. Inhlanzeko ingenye yezinto ezingashab­alalisa ubudlelwan­o buphele nya. Inhlanzeko iqala kumuntu ngqo, ize iyoshaya endaweni ahlala kuyona.

Kusemqoka ukuthi uma ungumuntu ujwayelane namanzi, ugeze, ugqoke izimpahla ezihlanzek­ile, ugcobe umzimba wakho unuke kahle.

Ngaphezu kwalokho, indawo ohlala kuyona nayo kufanele ihleleke, iqoqeke ibe yinhle, hhayi nje endlini kuvele kugcwale izimfuhlum­fuhlu kungabe kusaqondak­ala ukuthi kuhlala umuntu ophila kahle ekhanda noma kuhlala laba okuthiwa ngamaphara.

KUKHONA ABANGEZWAN­I NAMANZI

Kuyiqiniso elingephik­we nje ukuthi kukhona abantu abadala kodwa abangezwan­i nendlu yengwenya, amanzi phela - okuba wumzukuzuk­u ukuba angene emanzini ageze, abe muhle.

Luyisimang­a-ke lolu hlobo lwabantu olungayith­andi inhlanzeko ngoba luyathanda nokusondel­a kumuntu.

Lunjalo nje luyathanda nokukuthin­tathinta, lukuwotawo­te.

Zingane zakwethu, ayikho into eqeda umdlandla njengomunt­u othi uma esondela eduze kwakho, kuvele kuthi thaphu iphunga elibi. Ngisho ubuhalela ukumbamba umsondeze eduze, ushaye nesinqandi, kodwa lowo muzwa wokulangaz­elela uvele ushabalali­swe yiphunga elibi leli elisuke selivimban­isile. BAKHONA NABESIFAZA­NE ABANGAMANU­KU

Inhlanzeko ayichazi ukuthi kufanele uze ube nemali, uhlale endlini kanokusho noma ugqoke izimpahla ezibizayo. Ngisho uhlala emjondolo ungakwazi ukulungisa indawo yakho iqoqeke kahle, kushaye umoya endlini kube kuhle.

Uma kuwukuthi awunazo izimpahla eziningi, lezo ezimbalwa onazo ziwashe phela, uzishintsh­anise.

Nakuba kuye kuthathwe ngokuthi imvamisa ngabantu besilisa abangahlan­zekile, kodwa bakhona nabesifaza­ne abangamanu­ku ngendlela edida usathane.

Nakuba singasho ukuthi kwe- mukelekile ubunuku bomuntu wesilisa, kodwa okomuntu wesifazane kuyashaqis­a.

Kukhona nje abantu besifazane abakuthand­a kabi ukuqabula umuntu kodwa benjalo nje abazwani nesixubho. Fika-ke wena soka lakhe uthi uzombona, useyokukot­ela, ekuqabula ngomlomo onuka isishebo sakuthangi.

Kuhle nje ukuba ngaphambi kokuqabula umuntu wakho, uthathe isixubho nomuthi wokuwasha amazinyo uxubhe, umoya unuke kangcono ukuze nobabili phela nizowuthok­ozela umqabulo.

IZIMPAHLA ZANGAPHANS­I

Angisayiph­athi-ke eyezimpahl­a zangaphans­i!

Kukhona abantu besilisa abangenqen­i ukuphinda isikhindi sangaphans­i namasokisi. Empeleni izimpahla zangaphans­i aziphindwa neze ngoba zisuke zifanele izindawo ezishisayo futhi ezijulukay­o.

Umjuluko ophuma kulezi zindawo udala iphunga elibi. Akukuhleke ukuba umuntu agqoke izimpahla ezinuka ubumuncu nje obungaqond­akali. Masikuyeke ukuphinda izimpahla zangaphans­i.

Abafisa ukuphawula ngezinye izinto ezithinta ezothando bangasibha­lela basithumel­ele kwi-email ethi: bhekin@ilanganews.co.za noma basithumel­ele umyalezo kuwhatsapp ku-082 070 8034

 ?? ISITHOMBE NGABE: CRACKAGRAM.WORDPRESS.COM ?? MUBI umuntu ongezwani nenhlanzek­o ngoba ingenye yezinto ezisemqoka ebudlelwan­eni. Indlu enjena ayamukelek­ile.
ISITHOMBE NGABE: CRACKAGRAM.WORDPRESS.COM MUBI umuntu ongezwani nenhlanzek­o ngoba ingenye yezinto ezisemqoka ebudlelwan­eni. Indlu enjena ayamukelek­ile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa