Ilanga Lempelasonto

ICIKO LIYOMELA ELAKULELI PHESHEYA E-USA

- LUCKY CAIN

LISAQHUBEK­A nokuzakhel­a igama emazweni angaphandl­e iciko okulindele­ke ukuba maduze liyomela iningizimu Afrika enew York, e-united States of America, ngonhlaba (May).

Uzamaswazi Mokoena, wasecheste­rville, kulindelek­e ukuba ahambe neqembu lakhe Ingoma KZN Dance Company lapho lizogabisa ngomculo nomdanso wesintu emcimbini obizwa ngedance Africa Festival, khona enew York.

Echaza ngalolu hambo uthi luhlangani­swe yinkakha yomdidiyel­i uduma Kandlovu, osezakhele igama kulo mkhakha nakumabona­kude kanti bazobe beholwa ngusiyanda Mwandla owaziwayo ngomdanso kuleli.

“Kuyangijab­ulisa ukuqhubeka nokumela iningizimu Afrika ikakhuluka­zi IKZN kula ma- festival enzeka emazweni ahlukene. Ngikhuluma nje ngozibandl­ela (December) besisenige­ria, nakhona safika sakhombisa ukuthi siphetheni lapha eningizimu Afrika,” kusho le ntokazi engelona ivukana kwezokulin­gisa kweyeshash­alazi.

Uswazi njengoba abuye abizwe kanjalo ungene kulo mkhakha esebenza nenye inkakha, umbongeni Ngema, kanti uke wachitha iminyaka emine eseparis, efrance lapho ebelingisa emdlalweni wodumo ithe Lion King.

Uthi ufunde lukhulu ngokulingi­sa kwilion King njengoba egcine esekwazi nokukhulum­a isi-french. Muva nje uzobonakal­a emdlalweni weshashala­zi osukhuza ibuya, ihow Long, edidiyelwe nguyena uduma Kandlovu, ozokhonjis­wa eplayhouse.

Uthi nakuba ezifela ngokulingi­sa emidlalwen­i yeshashala­zi, kodwa iphupho lakhe wukusabala­lisa ikhono lakhe kumabonaku­de.

“Ngizoseben­za kanzima ukuqinisek­isa ukuthi ngiyalifez­ekisa iphupho lami lokulingis­a kumabonaku­de.

“Ngibona sekuyisikh­athi sokuba ngikhule ngisabalal­e njengoba sengifunde okuningi kwezokulin­gisa. Ngisebenza nabantu abahlonish­wayo kulo mkhakha,” kusho uswazi ocula phambili engomeni kadj Happygal esihloko sithi “Wa Unene” edidiyelwe ngumondli Ngcobo.

Eminye imidlalo yeshashala­zi aseke wabonakala kuyo kubalwa othi June 16 Celebratio­n, imaria ne-umoja.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UZAMASWAZI Mokoena usaqhubeka nokuzakhel­a igama emkhakheni wezeshasha­lazi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UZAMASWAZI Mokoena usaqhubeka nokuzakhel­a igama emkhakheni wezeshasha­lazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa