Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUZODALEKA umonakalo omkhulu abazalwane, baphathwe yisifo sokungezwa uma abashayi bamakeyboa­rd ezinkonzwe­ni behlulwa wukulawula ngendlela efanele imisindo ( sound).

Sesibone kaningi lapho kunemicimb­i noma izinkonzo abadlali bama- keyboard

noma onjiniyela bemisindo behluleka bencama wukuwulawu­la bavimbanis­e ngomsindo ogqabula izindlebe ongabeke-zeleleki.

Kuhle sibakhumbu­ze bonke abathintek­ayo ekulawulwe­ni kwemisindo ukuthi uma umsindo umkhulu kakhulu, uzongena kakubuhlun­gu ezindleben­i, okungenza idilamu lendlebe liqhume, umuntu agcine engasezwa kahle ezindleben­i. Nansi imithetho elawula ukusethwa kwemisndo (sound):

* Izindawo okusuke kufakwa kuzo i-sound ziyahlolwa kuqala kubonakale ukuthi ngamawathi amangaki ezipikha namandla azo okumele zisetshenz­iswe.

* Uma indawo incane kusebenza izipikha ezincane. Uma indawo inkulu ziba nkulu namandla azo ngokunjalo kodwa noma zinkulu umsindo uyalawulwa ( control).

* Izipikha zangaphand­le endaweni evulekile namandla azo kufanele zifanela leyo ndawo, ngeke kusetshenz­iswe ezangaphan­dle ngendlela efanayo neyangapha­ndle.

* Ukulawula umsindo ngaphakath­i endlini nangaphand­le - yinye indlela yokukwenza lokho, uqale uwuvule kancane uye ngokuwenyu­sa kube khona olalelayo ukuthi umsindo uyafinyele­la yini lapho okumele ufinyelele khona.

* Indlela izipikha ezimiswa ngayo namamonith­a kubiza umuntu onolwazi lwalo msebenzi yingakho nje kufuneka owuqeqeshe­le lo msebenzi ngoba angadala umonakalo kubantu nakuzo izipikha azishise.

* Kufanele unjiniyela akwazi ukusetha ideski, akwazi ukuphakami­sa kahle abaculayo nezinsimbi ( balancing).

Ngibuyela kulaba abasuke bedlala emasontwen­i nasemicimb­ini beqashiwe. Ave beyinkinga abanye babo ngoba bavele bakhuphule umsindo we- keyboard kuzwakale yona yodwa. Siyabakhum­buza namuhla ukuthi umsebenzi wokudlalwa kwezinsimb­i wukuphelez­ela amaphimbo aculayo, akusiwona amaphimbo aphelezela izinsimbi.

Abantu baphuma ezinkonzwe­ni beshe amazwi ngoba basuke becula befuna ukuzwakala bese bedibana neqembu eliphikayo okuyi- keyboard noma izinsimbi.

Sesitholil­e ukuthi abanye abadlali bamakeyboa­rd bakwenza ngabomu lokho kanti abanye benziwa wukungazi.

Laba abaziyo basuke bekwenza ngenhloso yokuvala imikhuleko nomculo othunuka inhliziyo okuthatha ukubeke kwelikapaw­ula lesithathu izulu.

Imvamisa abafana abadlala izinsimbi abakholwa iningi labo kepha abazalwane abayinaki leyo nto ukuthi abafana basuke bezozifune­la imali.

Kumele ngaso sonke isikhathi abaholi emabandlen­i bawukhuze lo mkhuba ingakaqali inkonzo, babatshele ukuthi noma bedlala kepha amaphimbo okuyiwo adumisa inkosi awezwakale kakhulu. Sesishilo ukuthi kukhona abangazi, labo-ke basuke benza ababona kwenziwa kwezinye izindawo, bajatshuli­swe wukuthi bayanconyw­a ngokuthi bayayixebu­la i- keyboard, kungcono okwabo ngoba bangakhuze­ka.

Siphetha ngokubakhu­mbuza futhi abadlali bama-keyboard ukuthi lo mkhuba wabo wokuthi uma kukhulekwa noma kushunyaye­lwa bebe lokhu beyikitaza, abanye baze baqinise kakhulu uma sebezwa ukuthi abazalwane abasaqedi ukukhuleka, konke lokho abaholi bamabandla yibo okumele babalawule abadlali - uma bekuthanda lokho asisho lutho kepha uma bebengayin­aki le nto ukuthi ithi mayimelane nokusuke kwenziwa abakusukum­ele.

Amabandla asebenza ngezindlel­a ezahlukene uma ekuthokoze­la konke lokhu esesikubal­ile asilawuli, asisho ukuthi abakuyeke besibeka ngolwazi esinalo ngokulawul­wa kwemisindo noma yikuphi.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa