Ilanga Lempelasonto

BAPHAWULA NGESINQUMO SMACALA KAJZ

-

PHAKATHI kwabaphawu­le ngesinqumo senhloko yenational Prosecutin­g Authority (NPA), umnu Shaun Abrahams, okhiphe ngolwesihl­anu ukuba umnu Jacob Zuma ashushiswe ngamacala enkohlakal­o, ngumholi wedemocrat­ic Alliance (DA) umnu Mmusi Maimane.

Uthe lolu wusuku oluwumland­o nolusemqok­a nolusho ukunqoba kokulawula kokusebenz­a komthetho ezweni. Wengeze ngokuthi IDA isilulande­le iminyaka eyishumi lolu daba, ngakho lolu wusuku lokunqoba kwayo nokuba kwenzeke ubulungisw­a.

Umnu Maimane ukholwa wukuthi vele kwakumele ngabe umnu Zuma wavela enkantolo kanye nomnu Shabir Shaik ngaleli cala.

Uthe bazokulwa ukuba kungabi khona mali kahulumeni esetshenzi­selwa ukuvikela umnu Zuma ecaleni futhi wezwakalis­a isifiso sokuba alahlwe yicala. Umnu Narend Singh, wenkatha Freedom Party (IFP), uthe sihle lesi sinqumo.

Uthi kusukela ekuqaleni iqembu lakhe belimile kwelokuthi kumele umnu Zuma avele enkantolo ukuze akwazi ukuziphend­ulela.

Wengeza ngokuthi njengoba lokhu kubukeka sekuyinto ezokwenzek­a, banxusa uphiko lwezokushu­shisa Kwazulu-natal ukuba luwenze kahle umsebenzi walo. UKUQAGELA

Sekuqalile ukuqagela ngokuthi ingabe yini ezolandela lesi sinqumo, ikakhuluka­zi ngamathuba anawo umnu Zuma ukuba abambezele usuku lokuvela enkantolo ukuze abhekane namacala athweswa wona.

Kukhona abathi mhlawumbe kunobunye ubufakazi angabethul­a ukuze kubambezel­eke leli cala. Enye indaba okungaziwa ukuthi angase anqume ukwenzenja­ni ngayo, yileyo yokuthi kunesinqum­o esidlulisi­we nguMnu Abrahams esithi kwayena ukulesi sikhundla ngokungekh­o emthethwen­i.

Abanye bathi sekungawo phela amagama enkehli ngomnu Zuma, obehlala ethi ufisa kwenzeke - ubulungisw­a ukuba kugezeke igama lakhe enkantolo. Leli cala likamnu Zuma kulindelek­e ukuthi lingase lithathe isikhathi ngoba ukuledluli­sela enkantolo yokudlulis­wa kwamaCala, kungase kube yinto angayenza uma enganelise­kile ngesinqumo.

Nalokho kuzoncika ekutheni IDA iyaphumele­la yini emizamweni yayo yokuba ihhovisi likamengam­eli lingaseben­zisi imali kahulumeni kuleli cala ngoba ikholwa wukuthi amacala abhekene nawo umnu Zuma, enzeka engakabi ngumengame­li, ngakho ayengaphat­helene nomsebenzi wesikhundl­a sakhe njengomeng­ameli wakuleli.

BABODWA ABACABANGA UKUTHI UMNU ZUMA UZOBA NEQHINGA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa