Ilanga Lempelasonto

THANDI ZONDI

- KHIPHA UNYAWO NGOPHUTHU OLUNONGIWE

Amaqanda amathathu Usawoti ne-freshly ground pepper

Amafutha, okuthosa Inyama yenkukhu ( chicken breast) isikwe ibe yizingcwez­u

U-anyanisi owodwa, oqotshwe waba mncane

Izipuni ezimbili zika- garlic ogayiwe

Izinkomish­i ezimbili zempuphu Usawoti wokunandis­a Ispring onion, esikwe yaba ncanyana - enye izosetshen­ziselwa ukuhlobisa

Izipuni ezimbili ze- soy sauce

Bilisa amanzi anosawoti ebhodweni bese ufaka impuphu, wenze njengoba kuphekwa uphuthu.

Lubeke eceleni uphuthu luphole.

Shaya amaqanda esitsheni esincane, unandisa ngosawoti no- pepper.

Shisisa amafutha amancane epanini esitofini esingashis­i kakhulu, bese uthosa iqanda kodwa ungalisebe­nzisi lonke leli okade ulishaya.

Libeke epuletini kodwa ungaligoqi.

Phinde uthose iqanda elisalile ulibeke phezu kwaleli elinye uwaqonbe womabili, bese uwabeka eceleni.

Shisisa izipuni ezintathu zamafutha bese ufaka inyama yenkukhu, usawoti ne- pepper ize ibe nsundu kancane.

Faka u-anyanisi ne- garlic imizuzu emithathu noma uze uthambe u-anyanisi.

Faka ezinye izipuni ezimbili zamafutha bese ufaka uphuthu lwakho oluthambil­e ne- spring onion ulokhu uhlanganis­a. Vuvuzela isoy sauce uqhubeke uhlanganis­e.

Susa ekushiseni bese ufaka amaqanda aqotshiwe, uhlobise nge- spring onion.

UMTHOMBO NGABE: ACE

 ?? ISITHOMBE: ACEMAIZEME­AL.CO.ZA ?? THOKOZELA uphuthu olwenziwe ngendlela yesimanje, lwanongwa.
ISITHOMBE: ACEMAIZEME­AL.CO.ZA THOKOZELA uphuthu olwenziwe ngendlela yesimanje, lwanongwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa