Ilanga Lempelasonto

Umosimane akeneme ngeyecaf

Ukhathazwa yirekhodi labo lemidlalo yasekhaya

- SENZO SOKHELA

UKHATHAZEK­ILE umqeqeshi wemamelodi Sundowns ngerekhodi elingelihl­e lale kilabhu emidlalwen­i yasekhaya emqhudelwa­neni wecaf.

Idowns izogadulis­ana nerayon Sport yase-uganda emlenzeni wesibili wecaf Champions League namuhla ngesonto ngo-19h00 elucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille.

Emlenzeni wokuqala obuseUgand­a emasontwen­i amabili edlule la makilabhu abambane ngo-0-0.

Idowns iya kulo mdlalo nje, ngesizini eyedlule kulo mqhudelwan­o ize yaqeda esigabeni samaqoqo ingakaze inqobe mdlalo ekhaya. Ibizenzela ekuhambeni kodwa ifike ekhaya ishaye udaka.

Upitso “Jingles” Mosimane ocija idowns uthi liyamkhath­aza leli rekhodi.

“Into eyenze saphuma kulo mqhudelwan­o ngesizini eyedlule wukuthi asizange sibe nerekhodi elihle emidlalwen­i yasekhaya njengoba singanqoba­nga mdlalo.

"Kodwa ngalena sifuna ukukushint­sha lokho.

"Emdlalweni owedlule bekufanele sinqobe kodwa sabhekana nezingqina­mba ezithile engingeke ngisathand­a ukwenaba kakhulu ngazo. Kodwa-ke lo mdlalo kufanele siwunqobe akukho ukujikela emuva.

"Sifuna ukudlulela emzuliswan­eni olandelayo ngakho-ke kufanele sinqobe,” kusho umosimane.

Kowecaf Confederat­ion Cup, icape Town City izobhekana necosta do Sol yasemozamb­ique emlenzeni wesibili walo mqhudelwan­o namuhla ngesonto ngo16h00 ecape Town Stadium.

Emlenzeni wokuqale obusemozam­bique icity inqobe ngo-1-0.

 ??  ?? PITSO Mosimane
PITSO Mosimane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa