Ilanga Lempelasonto

ABE-LEOPARDS BASONGA UKUVUKA NGE-REAL KINGS

- MFANAFUTHI NDLOVU

BAFUNA ukuvukela esiswini njengotshw­ala izitha abeblack Leopards ezovavana inkani nereal Kings kowenation­al First Division (NFD) namuhla ngesonto ngo-15h30 eking Zwelithini Stadium, emlazi.

Ujoel Masutha ocija ileopards utshele ILANGA Langesonto ukuthi umdlalo wabo nekings unzima kakhulu futhi basophe ukuzama ngazo zonke izindlela ukuvuka ngayo kwazise kuningi abangakuzu­za.

Uthi ukubeke kwacaca kubadlali bakhe ukuthi kufanele bathole igoli ngokushesh­a ukuze ikings ithwale kanzima.

Umasutha uthi lo mdlalo yiwona ozobacacis­ela ngekusasa labo elibheke kwi-absa Premiershi­p njengoba kungumbang­o wasesicong­weni.

“Ngikholwa wukuthi kuzokuba nzima kakhulu kwikings ngoba ngeke nangengozi sipake ibhasi ngizolwela amaphuzu agcwele. Uma sizimisele ngokufeza iphupho lethu kufanele sizishayel­e thina ikings.

“Ngiyazi ukuthi ikings isithuse abantu abaningi kodwa kulo mdlalo wethu nayo ngikholwa wukuthi ifike ekugcineni.

"Abadlali bami sebewulung­ele lo mdlalo. Ngenhlanhl­a enkulu bonke bakhona sizofika futhi bafithi. Kangimesab­isi usimo Dladla umqeqeshi wabo ngiyamhlon­ipha kakhulu ngomsebenz­i asewenzile kule kilabhu,” kusho umasutha.

Ulindokuhl­e “Maleven” Mtshali olihlikihl­a esiswini kwikings, utshele leli phephandab­a ukuthi kunomoya wobumbano kwezabo yingakho bezoyiqumb­a phansi ileopards.

Uthi wonke umdlali ulwela ukuthola indawo eqenjini eliqalayo nokwenza kube nokuncinti­sana. Uthi umqeqeshi wabo ukubeke ngokusobal­a ukubalulek­a kwalo mdlalo ngoba uma

bengase bawudedele bazokona izinhlelo zabo.

Ileopards igabe ngomwape Musonda ongalibhek­i ipali noEden “Nono” Nene odlala esiswini kanti ikings igabe ngonkosing­iphile “Mapo” Phewa nophumelel­e “Ace” Bhengu nabo abangalibh­eki ipali.

Isiyonke imidlalo YENFD enamuhla ngesonto imi kanje: E-athlone Stadium: Cape Town All Stars vs Stellenbos­ch FC 15h30.

Evosloorus Stadium: Jomo Cosmos vs Ubuntu Cape Town 15h30.

Eking Zwelithini Stadium: Real Kings vs Black Leopards 15h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa