Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

EZOKUGIJIM­A eningizimu Afrika kufanele zivakashel­e umthetho-sisekelo ukuze singaphind­e senzeke isigameko esenzeke ngeledlule kwizululan­d District Marathon (ZDM) eqale Kwanongoma yasongwa olundi.

Sekusemabh­ukwini omlando manje ukuthi lo mjaho obuphethe isicoco semoto kwizingqwe­le, ugcine unqotshwe nguprodiga­l Khumalo noloveness Madziva ngokwehluk­ana kobulili abadabuka ezimbabwe.

Kube nesikhulu isidididi ngesikhath­i unompempe wekwazuluN­atal Athletics (KZNA) enikezela ngekhadi elibomvu ukhumalo, uthobile Mbolekwa nolephethe­sang Adoro abangene endaweni yesibili neyesithat­hu ngokwehluk­ana esigabeni sabesilisa. Kwase kuthiwa ingqwele ngumncedis­i Mkhize ophume isine.

Isono salaba basubathi ngokusho kukanompem­pe WE-KZNA ukuthi kade besizwa ngabathile endleleni. Unompempe uthi ubakhiphe ngoba bephule umthetho, wathi kakuvumele­kile ukusizwa umuntu ngemoto emzileni. Laba bagijimi abangene nabokuqala abathathu basizwe ukuba baludlulis­ele phambili udaba lwabo bagcina belunqobil­e.

Iyangimang­aza lento eshiwo unompempe WEKZNA ngoba uma kunecomrad­es Marathon kunabantu abasuke besizwa emzileni, pho kuhlukaphi kwizdm?

Kwicomrade­s Marathon kunabantu abasizwayo umjaho uqala uze uyophela.

Uma uvakashela umthethosi­sekelo we-internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) usho okuhlukile.

I-IAAF ku-rule 240 ngaphansi kwe-road Running, ku-8.h ikubeka kucace ukuthi umgijimi kufanele athole amanzi endaweni egunyazwe ngabadidiy­eli bomjaho. Ithi umgijimi angaluthol­a usizo oluphuthum­ayo uma enenkinga edinga ezempilo. Lo mthetho uqhuba uthi uma umsubathi enza okuphamben­e nomthetho uno- ndweba kufanele amnikeze ikhadi eliphuzu. Uma eqhubeka athole ikhadi elibomvu akhishwe emjahweni.

Iyaxaka EYEKZNA ukuba imyeke umuntu agijime kuthi uma eseyoshaya intambo bese etshelwa ukuthi wephule umthetho. Bengicela u-aleck Skhosana weASA nosello Mokoena nabo bonke omengameli bezifunda ZE-ASA ukuba bayise onondweba babo kwiworksho­p ukugwema le nto eyenzeke kwi-zdm.

Yize bengiwugij­ima lo mjaho okuningi kangikubon­anga kodwa ngitshelwe ukuthi umbiko kanondweba uyiqiniso. Kuthiwa ukhumalo, umbolekwa, no-adoro kunezimoto ebezibasiz­a kodwa unondweba wangaseben­zisa amandla akhe, walinda umjaho waze waphela. Lokhu kwenze ukuthi kube nesidididi sekuphele umjaho.

Ukuba unondweba ubanikeze amakhadi aphuzi ngokwephul­a kwabo umthetho aphinde abagixabez­e ngabomvu uma beqhubeka, ibingeke yenzeke le nto. Le yoku-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa