SISOLWA NGOKUDALA UQHEKEKO ISIKHULU SELE-PSL
ISIKHULU sekilabhu egijima kwi-absa Premiership sisolwa ngokudala uqhekeko ekilabhini yaso njengoba sikhokhele abanye abadlali imali abebeyikweletwa sangabakhokhela abanye.
Ibloemfontein Celtic izobhekana neplatinum Stars kowe-absa Premiership namuhla ngesonto ngo-15h30 edr Molemela Stadium, efree State.
Iceltic iya kulo mdlalo nje, izinto zimapeketwane ekhempini yayo njengoba abadlali beke bateleka bangajima bekhala ngokungakhokhelwa izimali zabo zokusayina abebethenjiswe zona.
Leli phephandaba lithole ukuthi umax Tshabalala ongumnikazi weceltic uvele wakhokhela laba badlali abavamise ukuthola isikimu wangabanika laba abangadlali.
Kuthiwa laba abayitholile imali yabo sebemanqika ukuteleka nalaba abangayitholile osekudale uqhekeko.
Omunye umdlali weceltic okhulume naleli phephandaba ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe uthe: “Thina esisitholayo isikimu, siyinikiwe imali yethu ngeledlule ngaphambi kokuba siye ekhempini yomdlalo werichards Bay.
"Inkinga wukuthi laba abangavamisile ukudlala abakakhokhelwa manje kwathina asisazi ukuthi senzenjani. Utshabalala iyamhlula le kilabhu akavele ayidayise,” kusho lo mdlali.
Imizamo yokuthola utshabalala ongumnikazi weceltic nokhumbulani Khonco oyisikhulu esiphezulu iphunzile njengoba izingcingo zabo bezivaliwe.
Nolukasello Nduna ongumxhumanisi wale kilabhu nababalandeli beluvaliwe.