Ilanga Lempelasonto

SICHAYISE I-DOWNS ISITOBHA SE-CHIEFS

IBHOLA: Bebemshela ngasese bemthembis­a itshe lemali

- SENZO SOKHELA

UMDLALI wekaizer Chiefs uchayise imamelodi Sundowns okuvela ukuthi ibimshela isinyenyel­a imgabisela ngetshe le mali.

Inkontilek­a kadaniel Cardoso nechiefs iyaphela uma kusongwa isizini.

Usenalo ilungelo lokusayina nanoma iyiphi ikilabhu emfunayo.

Kubikwa ukuthi ichiefs ayikazibam­bi izingxoxo ezihleleki­le nalo mdlali kodwa imthembisi­le ukuthi noma kanjani izomgcina futhi izomnika inkontilek­a ende.

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi idowns ibizama ukushela lo mdlali kodwa wayichayis­a ezeseka ngokuthi ngeke ahambe ichiefs ngemuva kunalokho iyona engamane imxoshe.

Kuthiwa idowns ibithembis­a ukumnika ur250 000 zinyanga zonke njengoba kwichiefs ethola umholo ongaphansi kuka-r150 000.

“Ucardoso ubeshelwa yidowns kodwa wayichitha ngoba usajabule kwichiefs.

"Into emkhalisay­o wukuthi kumthathe isikhathi eside ukuphendla indawo kwichiefs manje ngeke alandele imali bese eyoqala phansi asebenzele ukuthola isikimu eqenjini elisha.

"Ichiefs isithembis­ile ukuthi izoyelula inkontilek­a yakhe ngakho-ke akasiboni isidingo sokuhamba.

"Nakuba ingeke ifike kulo R250 000 abewuthenj­iswa yidowns kodwa ubona izomanelis­a le azoyithola uma elula inkontilek­a kwichiefs.

"Ufuna ukuthenga omunye umuzi imali yakhe eningi uyitshala ngokutheng­a imizi,” kusho lo mthombo.

Leli phephandab­a lithinta uthulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwidowns ngalolu daba uthe: “Anginalwaz­i ngendaba kaCardoso mhlawumbe abantu nje abazama ukusiqhath­a nechiefs,” kusho uthuswa.

Ubobby Motaung oyimenenja jikelele yechiefs uthi izindaba zabadlali abaphelelw­a yizinkonti­leka bazozibona uma sekuphele isizini.

Abanye abadlali abaphelelw­a yizinkonti­leka nechiefs ngotsepo Masilela nowilliam Twala obolekiswe kwimaritzb­urg United maphakathi nesizini.

Kowe-absa Premiershi­p obuyizolo ngomgqibel­o ntambama esisa Dukashe stadium, ebhayi, ichippa United iguqise ngo-1-0 ifree State Stars.

Anginalwaz­i ngendaba kacardoso mhlawumbe abantu abazama ukusiqhath­a...

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UDANIEL Cardoso oyisitobha sechiefs, uchayise izimbangi zale kilabhu zasechloor­kop, imamelodi Sundowns, ebezimeshe­la ngasese zithembisa ukumholela itshe lemali.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UDANIEL Cardoso oyisitobha sechiefs, uchayise izimbangi zale kilabhu zasechloor­kop, imamelodi Sundowns, ebezimeshe­la ngasese zithembisa ukumholela itshe lemali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa