UMISELWE UKUHUQA UBUTHONGO UMSAKAZI
EZOSAZIWAYO: Umiswe emuva kokubhoka komsakazi owaxoshelwa icala elifanayo
KUVELA izindaba ezithi ubhekene necala elibi umsakazi wegagasi FM, omisiwe emsebenzini. Okuvelayo ngomthombo othembekile WELANGA Langesonto ongaphakathi kulesi siteshi wukuthi unomalanga Shozi umiselwe icala lokuhuqa ubuthongo ngesikhathi somsebenzi.
Le ntokazi isakaza uhlelo lwasebusuku olubizwa ngokuthi yi-the Flame At Night, olusakazwa kusukela ngomsombuluko kuya kulwesine.
Ngokusho kwalo mthombo, unomalanga umiswe ngemuva kokugasela esiteshini kukadj Manny owaxoshwa kulo msakazo ngonyaka owedlule, wabhoka ebuza ukuthi kungani engamiswa unomalanga emsebenzini ekubeni enze icala elifanayo nelamxoshisa yena.
Kuzokhumbuleka ukuthi UDJ Manny naye kwavela izindaba zokuthi uxoshelwe icala lokuhuqa ubuthongo ngesikhathi somsebenzi kodwa isiteshi sagcina singaphumelanga obala ngokuxoshwa kwakhe.
UDJ Manny ngesikhathi kutholakala ukuthi wenze icala akaza- nge anikwe nesexwayiso kodwa wakhonjwa indlela.
Ulandisa leli phephandaba umthombo uthi okwenze kwathatha isikhashana ukuba unomalanga ethathelwe izinyathelo, kuze kusukume UDJ Manny, yingoba uyintandokazi yomunye wabaphathi.
Umthombo uqhuba uthi ukuba akusukumanga UDJ Manny ngabe unomalanga akamiswanga emsebenzini ngoba uthandwa lokho okwedlulele.
“Ukumiswa kwakhe besekwenzelwa nje ukuthi kubhalansiswe izinto. Akaqali ukwenza iphutha,” kuqhuba umthombo.
Ngaphandle kokuba ngumsakazi wegagasi FM unomalanga, ubuye abe ngumlingisi kwirhythm City, abuye ethule nohlelo IMTV Base.
Ukhulekani Shandu, okhulumela igagasi FM, uziqinisekisile izindaba zokumiswa kwale ntokazi kodwa wathi akukho okutheni angakuphawula mayelana nalolu daba okwamanje.
“Umisiwe kodwa ngeke ngikwazi ukuphumela obala ukuthi uxoshelweni. Okwamanje sisesezingxoxweni mayelana nekusasa lakhe emsakazweni. Uma sesenziwe isinqumo sizonazisa,” kuphetha yena. tzondi@ilanganews.co.za