Ilanga Lempelasonto

UMISELWE UKUHUQA UBUTHONGO UMSAKAZI

EZOSAZIWAY­O: Umiswe emuva kokubhoka komsakazi owaxoshelw­a icala elifanayo

- THANDI ZONDI

KUVELA izindaba ezithi ubhekene necala elibi umsakazi wegagasi FM, omisiwe emsebenzin­i. Okuvelayo ngomthombo othembekil­e WELANGA Langesonto ongaphakat­hi kulesi siteshi wukuthi unomalanga Shozi umiselwe icala lokuhuqa ubuthongo ngesikhath­i somsebenzi.

Le ntokazi isakaza uhlelo lwasebusuk­u olubizwa ngokuthi yi-the Flame At Night, olusakazwa kusukela ngomsombul­uko kuya kulwesine.

Ngokusho kwalo mthombo, unomalanga umiswe ngemuva kokugasela esiteshini kukadj Manny owaxoshwa kulo msakazo ngonyaka owedlule, wabhoka ebuza ukuthi kungani engamiswa unomalanga emsebenzin­i ekubeni enze icala elifanayo nelamxoshi­sa yena.

Kuzokhumbu­leka ukuthi UDJ Manny naye kwavela izindaba zokuthi uxoshelwe icala lokuhuqa ubuthongo ngesikhath­i somsebenzi kodwa isiteshi sagcina singaphume­langa obala ngokuxoshw­a kwakhe.

UDJ Manny ngesikhath­i kutholakal­a ukuthi wenze icala akaza- nge anikwe nesexwayis­o kodwa wakhonjwa indlela.

Ulandisa leli phephandab­a umthombo uthi okwenze kwathatha isikhashan­a ukuba unomalanga ethathelwe izinyathel­o, kuze kusukume UDJ Manny, yingoba uyintandok­azi yomunye wabaphathi.

Umthombo uqhuba uthi ukuba akusukuman­ga UDJ Manny ngabe unomalanga akamiswang­a emsebenzin­i ngoba uthandwa lokho okwedlulel­e.

“Ukumiswa kwakhe besekwenze­lwa nje ukuthi kubhalansi­swe izinto. Akaqali ukwenza iphutha,” kuqhuba umthombo.

Ngaphandle kokuba ngumsakazi wegagasi FM unomalanga, ubuye abe ngumlingis­i kwirhythm City, abuye ethule nohlelo IMTV Base.

Ukhulekani Shandu, okhulumela igagasi FM, uziqinisek­isile izindaba zokumiswa kwale ntokazi kodwa wathi akukho okutheni angakuphaw­ula mayelana nalolu daba okwamanje.

“Umisiwe kodwa ngeke ngikwazi ukuphumela obala ukuthi uxoshelwen­i. Okwamanje sisesezing­xoxweni mayelana nekusasa lakhe emsakazwen­i. Uma sesenziwe isinqumo sizonazisa,” kuphetha yena. tzondi@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE YI: INSTAGRAM ?? UNOMALANGA Shozi ongumsakaz­i wegagasi FM omisiwe emsebenzin­i.
ISITHOMBE YI: INSTAGRAM UNOMALANGA Shozi ongumsakaz­i wegagasi FM omisiwe emsebenzin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa