Ilanga Lempelasonto

Olomhlaba ludinga ubunono bekati

-

AKUMANGAZI ukuthi udaba lobunikazi bomhlaba eningizimu Afrika selukhuphu­le imimoya, kwaba nesimo esishubile ezweni.

Phela umhlaba wathathwa kubantu abansundu, uthathwa ngabamhlop­he ngendluzul­a, okwenza ukuthi uma lolu daba lukhulunyw­a, luqubule uhlevane neminjunju ezinhliziy­weni zabampisho­lo.

Okukhathaz­ayo wukuthi nakuba izwe labuyela ezandleni zeningi, okungabamp­isholo ngowezi-1994, kodwa udaba lomhlaba nobunikazi balo alukaguquk­i ngokutheni.

Ngokweziba­lo zakamuva zikahulume­ni, abamhlophe banesabelo esiwu-72% womhlaba, abampisoho­lo bona bano-4% kuphela, kuthi amakhaladi namandiya bona basala nengxenye angama-20%.

Lezi zibalo zikhomba ukuthi kufanele kube noguquko olunzulu olwenzekay­o ukuze abampishol­o bazizwe nabo beyingxeny­e yezwe labo, lapho khona bengumsins­i wokuzimile­la.

Isiphakami­so sephalamen­de, lapho iningi lamaqembu lavumelana ngokuthi kudliwe umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo, sesibe nomphumelo wokuthi kube nokuphakam­a kwemimoya phakathi kwezinhlan­ga ezakhele leli, okuyisimo okufanele silungiswe nguhulumen­i, ebambisene nabaholi bamaqembu aphikisayo, nezinye izinhlaka zobuholi ezweni.

Udaba lomhlaba kufanele luphathwe ngesinono sekati, lungasetsh­enziswa ukuphakami­sa imimoya yabantu ezweni ngenhloso yokuzuza amavoti okhethweni lwangonyaj­a ozayo.

Le ndlela yokukhanka­sela amavoti, egxila ekuqhakamb­iseni ukuhlukana kwethu ngokobuhla­nga, futhi engakhi, ibukeka iyingxenye enkulu yomkhankas­o weqembu likamnu Julius Malema, i-economic Freedom Fighters, njengoba sekusele isikhathi esicishe sibe wunyaka kube nokhetho lukazwelon­ke.

Okunganamb­ithisiseki wukuthi leli qembu lisebenzis­a amagama anohlevane nenhlansi yobandlulu­lo lobuhlanga uma likhuluma ngale ndaba ebaluleke kangaka. Lokhu sikubona kufana nokubhidli­za imizamo yokwakha iningizimu Afrika eyisizwe esibumbene, esinokuthu­la nozinzo.

Akungabaze­ki ukuthi udaba lobunikazi bomhlaba kufanele lulungiswe, kodwa lokho kakwenzeke ngendlela ehlelekile neyakhayo.

Ngeke kusize muntu ukuba izwe lihlukane phakathi kuthi umsebenzi omkhulu kangaka osewenziwe ngabaholi bethu bamaqembu ahlukene, abamasonto, izinyunyan­a nabamabhiz­inisi kule minyaka engama-24 eyedlule ushabalale ngenxa nje yabathile phakathi kwethu abathathel­a izinto phezulu.

Sinxusa nohulumeni ophethe ukuba enze umkhomband­lela ngalolu daba ukuze kusheshe kucace ukuthi lithini ikusasa ngalolu daba olubucayi kangaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa