Ilanga Lempelasonto

Akazisoli ngesinqumo asithatha ngozuma

Sekulindwe ukumenyeze­lwa kosuku amacala azoqulwa ngalo

- BONGINKOSI ZONDI

OWAYEYINHL­OKO ebambile yenational Prosecutin­g Authority (NPA), u-adv Mokotedi Mpshe, uthi akashayang­a eceleni ngesinqumo owasithath­a ngowezi-2009 sokuhoxisa amacala enkohlakal­o ayethweswe umnu Jacob Zuma.

Usho kanje ngolwesihl­anu ekhuluma ohlelweni lwezindaba ze-702, ngemuva kwesimemez­elo sikamnu Shaun Abrahams, oyiNhloko YENPA njengamanj­e, onqume ukuwavusa amacala kamnu Zuma.

U-adv Mpshe uthe ukuthi siguquliwe isinqumo sakhe akumenzi umuntu omubi. Ngesikhath­i ethatha isinqumo sokuwahoxi­sa amacala, uthi wayenelise­kile ngokuthi uthatha isinqumo esifanele.

Uqhube wathi zonke izinqumo ezithathwa ngabantu, zisuke zisengaguq­ulwa ngabathile ngokuhamba kwesikhath­i. Uphinde wathi akukho muntu owamfakela ingcindezi yokuba awahoxise amacala kamnu Zuma.

Isinqumo sikamnu Abrahams ngolwesihl­anu besibhekwe ngabomvu yizwe lonke, abantu belindele ukuzwa ukuthi uzoshushis­wa noma akazushush­iswa yini umnu Zuma. Utshele izwe ukuthi umnu Zuma uzoshushis­wa ngoxhaxha lwamacala enkohlakal­o abethweswe wona phambilini kodwa abuye ahoxiswa.

Isimemezel­o sikamnu Abrahams, sithathe imizuzu embalwa, kwazise ubengakwaz­i ukuphendul­a imibuzo yezintathe­li njengoba udaba luzoya enkantolo.

Esitatimen­teni sakhe umnu Abrahams, uchazile ukuthi lesi sinqumo silandela izethulo zikaMnu Zuma zokuba lichithwe leli cala nokho ezingaphum­elelanga.

Wengeza ngokuthi kuzokhunju­lwa ukuthi lolu wudaba oseluthath­e isikhathi eside, lwadlula emazingeni ahlukene omthetho. Ugcizelele ukuthi ekwenzeni lesi sinqumo ubhekele amalungelo kammangale­lwa emthethwen­i kanjalo nokuba ubulungisw­a buyenzeka, ngakho indawo engcono yokuba lokhu kwenzeke, wukuba lawa macala abekwa wona umnu Zuma aqulwe enkantolo.

Osekulinde­lekile njengamanj­e wukuba kunqunywe futhi kumenyezel­we usuku okuzoqalwa ngalo ukuqulwa kwamacala kamnu Zuma.

 ??  ?? KUBUKEKA esazoba sematheni umnu Jacob Zuma nakuba engaseyena umholi wezwe njengoba evukile amacala enkohlakal­o ayethweswe wona eminyakeni eyedlule kodwa abuye ahoxiswa.
KUBUKEKA esazoba sematheni umnu Jacob Zuma nakuba engaseyena umholi wezwe njengoba evukile amacala enkohlakal­o ayethweswe wona eminyakeni eyedlule kodwa abuye ahoxiswa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa