Ilanga Lempelasonto

ISUKAPHI LE NDABA YAMACALA KAMNU JACOB ZUMA?

-

UHLELO lwezomthet­ho kuleli zwe, luqopha umlando njengoba lowo obengumeng­ameli waleli zwe, umnu Jacob Zuma, esezoziphe­ndulela enkantolo ngamacala abekwa wona okukhona kuwo awenkohlak­alo nokukhwaba­nisa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi unogwaja wavuswa ngomandulo (September) we-1999 ngunkk Patricia de Lille, owethula ephalamend­e umqulu (owawuhlang­aniswe ngabazibiz­a ngokuthi bangamalun­gu ephalamend­e e-african National Congress - ANC akhathazek­ile), owawuquket­he izinsolo zenkohlaka­lo ezijulile ngokutheng­wa kwezikhali yiningizim­u Afrika. Wacela ukuba kwenziwe uphenyo lwekhomish­ini yezomtheth­o.

Kuthe ngozibandl­ela (December) we-1999 owayengung­qongqoshe wezimali, umnu Trevor Manuel, wasayina egameni likahulume­ni isivumelwa­no sokuboleka imali nezivumelw­ano sokuthenga izikhali. Izindleko zalokho kwakungu R29,229 billion.

Ngonhlolan­ja (February) wezi2000, ihhovisi labaphenyi lofezela, lwamemezel­a ukuthi lwenza uphenyo ngesivumel­wano sokuthengw­a kwezikhali.

Okwalandel­a lapho kuthiwa kwaba wumhlangan­o phakathi kukamnu Zuma, nguschabir Shaik no-alain Thetard wenkampani ithint, okuthiwa babedingid­a kuwo inkokhelo engu-r500 000 njalo ngonyaka kamnu Zuma, ukuze avikele inkampani ithomson ophenyweni.

Lokhu kwaze kwavela obala kamuva lapho sekuqulwa icala lika Mnu Shaik.

Kwathi ngoncwaba (August) wezi-2000, owayengumc­waningi mabhuku, umnu Shauket Faukie, wethula umbiko wokuqala ngodaba lwezikhali, lapho athola ubufakazi bokuthi inqubo yokuthenga ayilandelw­anga futhi wancoma ukuba umvikeli Womphakath­i wangaleso sikhathi, umnu Selby Baqwa enze uphenyo.

Umnu Shabir Shaik waboshwa ngolwezi (November) wezi-2001.

Ngoncwaba wezi-2003 owayengums­hushisi omkhulu, umnu Bulelani Ngcuka, wamemezela ukuthi inational Prosecutin­g Authority) izoshushis­a umnu Shaik, kodwa hhayi iphini likaMengam­eli Jacob Zuma.

Waphawula ukuthi nakuba kukhona izimpawu zenkohlaka­lo ngomnu Zuma, kodwa uphiko Lwezokushu­shisa alunalo ithemba lokuthi lungaphume­lela (enkantolo).

Ngalolo suku umengameli Thabo Mbeki wathola umbiko kumnu Mac Maharaj oveza umnu Ngcuka njengempim­pi kahulumeni wobandlulu­lo.

Ngowezi-2005, ijaji Hillary Squires, lalahla umnu Shabir Shaik ngecala - lamgweba iminya- ka eli-15, abameli baka Mnu Shaik basedlulis­a isinqumo secala. Emhlanganw­eni wephalamen­de ophuthumay­o umengameli Mbeki wenza isimemezel­o ngesinqumo sakhe sokuxosha umnu Zuma esikhundle­ni.

Ngomfumfu (October) wezi2005, umnu Zuma wethweswa amacala amabili enkohlakal­o.

Ngozibandl­ela we-2007 abashushis­i bamemezela ukuthi sebenobufa­kazi obanele bokuthwesa umnu Zuma icala lenkohlaka­lo

Ngomandulo wezi-2008 ijaji Chris Nicholson lawachitha amacala enkohlakal­o ayethweswe umnu Zuma. Kwathi ngomasinga­na wezi-2009 isinqumo sejaji unicholson sachithwa yinkantolo Ephakeme Yokudlulis­a Amacala. Kwathi-ke ngombasa wezi-2009 owabe eyonhloko ebambile yeNPA, u-adv Mokotedi Mpshe, wawahoxisa wonke amacala ayethweswe umnu Zuma.

 ??  ?? UMNU Mmusi Maimane, ongumholi we-da, okungageji ukuthi bafuna umnu Zuma ashushiswe ngamacala enkohlakal­o.
UMNU Mmusi Maimane, ongumholi we-da, okungageji ukuthi bafuna umnu Zuma ashushiswe ngamacala enkohlakal­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa