Ilanga Lempelasonto

Unkulunkul­u unathi ekuhluphek­eni

-

NGOSUKU lwephasika inkosi ujesu wabethelwa esiphamban­weni wafa. Lokhu kwakungeso­na isiphetho sendaba. Kodwa kuyindaba esinikeza ithemba.

Ujesu weza ukuzonikez­a impilo echichimay­o kubo bonke abantu kanye nendalo yonkana. Inhloso kajesu ilotshiwe kuluka 4:18-19 lapho kuthi, “Umoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobil­e ukuba ngishumaye­le ivangeli kwabampofu, ingithumel­e ukumemezel­a ukukhululw­a kwabathunj­iweyo, nokubona kwabayizim­pumputhe, nokhlenga abacindeze­lweyo, nokumemeze­la umnyaka omuhle wenkosi”.

Ujesu uchithe isikhathi emphakathi­ni nalabo ababengath­andeki - labo ababebonak­ala bengcolile, bengenasim­ilo futhi becwaswa.

Phakathi kwalabo bantu kubalwa omahosha, abathelisi ababecethe­za neziphathi­mandla zombuso waseroma nabasesama­riya ababebonwa njengabang­ahlanzekil­e enkolweni.

Ujesu ubathanda bonke abantu. Akazange ahlulele muntu. Kodwa wayefuna ubulungisw­a kubo bonke abantu.

Ujesu wathukuthe­lisa abaholi bezenkolo nabezombus­azwe. Waboshwa, wagwetshwa, wahlushwa wabulawa. Impilo kajesu nokufa kwakhe kusinikeza ithemba.

Ujesu wabe azi ukuthi kushoni ukuphathwa ngendlela engenabulu­ngiswa, enolwazi ngendluzul­a noshiywa ngabahlobo bakhe. Ujesu wayebazi futhi ebuzwa ubuhlungu babanye.

Ujesu wasikhombi­sa ukuthi unkulunkul­u uyasithand­a. Asisodwa. Asihlali singenalo ithemba.

Ngisho isimo singaba sibi kangakanan­i kuyohlala njalo kukhona esingase sikwenze. Kungaba nesidingo sokuba sithandaze. Sonke senziwe ngomfaneki­so kankulunku­lu. Sonke singabantu ngokufanay­o.

Uma omunye ehlupheka sonke siyahluphe­ka. Ubuhlungu babo bungobethu. Futhi unkulunkul­u unathi ekuhluphek­eni.

Asilandele endleleni yenkosi ujesu. Masithande omakhelwan­e bethu. Masibaseke­le labo abangenaba­ni, abanokwesa­ba, abahlangab­ezana nokubandlu­lulwa, nendluzula nobubha.

Asibambane ngezandla nalabo abasebenze­la ukuba kube nomphakath­i lapho bonke abantu baziswa futhi baphathwe ngesizotha nenhloniph­o.

Umphakathi lapho kungekho obandakany­a bonke futhi bazizwe bamukeleki­le.

“Ujesu uchithe isikhathi nalabo abebengath­andeki - labo abebebonak­ala bengcolile, bengenasim­ilo futhi becwaswa.

Umphakathi lapho abantu bengathola umsebenzi oqondile, lapho abantu abasha benomuzwa wokuthi bangawenza umehluko. Njengojesu nathi masibe nesibindi nozwelo.

Masithanda­ne futhi sisizane sisebenzel­e ubulungisw­a.

Asingayeke­leli. Ukuhluphek­a kwethu kuyonikeza ukuphila nethemba kwabanye, bazi ukuthi unkulunkul­u unathi ekuhluphe- keni.

Ngu: Dkt Andrew Warmback Umfundisi Ophethe iparish Lamasheshi kwapaul Ongcwele ethekwini

 ?? ISITHOMBE NGABE: HUFFINGTON­POST ?? Ujesu wabe azi ukuthi kushoni ukuphathwa ngendlela engenabulu­ngiswa, enolwazi ngendluzul­a nokushiywa ngabahlobo bakhe.
ISITHOMBE NGABE: HUFFINGTON­POST Ujesu wabe azi ukuthi kushoni ukuphathwa ngendlela engenabulu­ngiswa, enolwazi ngendluzul­a nokushiywa ngabahlobo bakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa