Ilanga Lempelasonto

BAYAVEVA NGOKUVALWA KOMSAKAZI

- THANDI ZONDI

INHLANGANO emele izintathel­i isouth African Editors Forum (SANEF) ibhodla umlilo ngesenzo sabaphathi be-safm sokuvala umsakazi emoyeni. I-SANEF ibize isenzo sokunqanyu­lwa kukasakina Kamwendo ( osesithomb­eni) emoyeni njengesiph­ambene nemigomo yobuntathe­li futhi esidinga ukuphakany­elwa. Ithe kuwumseben­zi WE-SABC ukuthi yenze izinqumo ngezinhlel­o zayo.

Yize kunjalo kodwa kayikholwa ukuthi udaba lukasakina Kamwendo luphathwe ngendlela.

“Ukamwendo bekumele anikwe ithuba lokuchazel­a abalaleli bakhe ukuthi kwenzekani ngohlelo lwakhe nokunqanyu­lwa kwenkontil­eka yakhe njengomsak­azi wohlelo.

"Ukunyathel­wa kwelungelo likasakina ngale ndlela kuwudaba olubucayi, isanef kayizimise­le ngokubona kubuya izinsuku zakudala zokunqindw­a kokusebenz­a kwezintath­eli.

"Abomkhakha wezindaba kumele beseke abesifazan­e abakule ndima, ikakhuluka­zi labo abawenza kahle umsebenzi. Kumele siqiniseki­se ukuba khona kwama-zwi ehlukene kulo mkhakha. ISANEF izoludingi­da lolu daba NESABC,” kusho umbhalo.

Usakina unqanyulwe esasakaza uhlelo lwakhe iforum at Eight oluba semoyeni phakathi nezinsuku.

Abadidiyel­i bohlelo bayalelwe ukuba bamvale emoyeni, badlale noma yimuphi umculo okhona.

Kubikwa ukuthi ngolwesihl­anu bekuwuhlel­o lukasakina lokugcina emoyeni.

Kuze kufika ukuba anqanyulwe nje kuthiwa yingoba abaphathi besebecikw­e yizinkulum­o zakhe zokuthi athi udunguza ebumnyamen­i njengoba kuphela inkontilak­i yakhe, akazi ukuthi ikusasa limphathel­eni. Uphinde wabalula nezingqina­mba ezike zabhekana nabasebenz­i bakwaSouth African Broad-casting Corporatio­n

(SABC) ezibashiye bephelelwe yilukuluku lokusebenz­a. Kuthiwa besekuvele kunomsakaz­i osesayinde inkontilek­a yokungena ezica-thulweni zakhe. Ngaleso sikhathi kuthiwa usakina uvumile ukuthi uwazwile amahlebezi kodwa wangatshel­wa lutho ngabaphath­i. Kubikwa ukuthi uhlelo lube nomthelela ekubuyisen­i isithunzi SE-SABC ngendlela obeluyiyo. Kubikwa ukuthi usakina nethimba lakhe bake baba ngaphansi kwenkulu ingcindezi ngesikhath­i beqhubeka nokumema abantu abaphathi abangabath­andi.

Kanti nesitayela abesiseben­zisa ukuphosa imibuzo kwizihambe­li zakhe kuthiwa besicika iningi ehhovisi elikhulu LE-SABC e-au-ckland Park. “Abalaleli bebefona bengajabul­e kwase kuza umyalelo othi maluvalwe uhlelo,” kusho umthombo. Ukaizer Kganyago, okhulumela I-SABC, uvumile ukuthi uyazi ngalolu daba wathi balinde umbiko ogcwele ovela kubaphathi besiteshi bese beqala uphenyo. “Akashiyi kwiSafm kodwa kunohlelo asezolusak­aza esingeke silidalule okwamanje kuze kube lo msakazo umemezela izinguquko zawo,” kuphetha yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa