Ilanga Lempelasonto

I-ANC NGEKE IBATHATHEL­E IZINYATHEL­O ABESEKE UZUMA

- KNOWLEDGE SIMELANE

I-AFRICAN National Congress (ANC) ngeke ibathathel­e izinyathel­o abeqe umyalelo wayo, badlubha umfaniswan­o wayo ngesikhath­i beyokwesek­a obengumeng­ameli wezwe umnu Jacob Zuma, ecaleni ngolwesihl­anu ethekwini.

Okhulumela I-ANC, umnu Pule Mabe, ucashunwe ngabezinda­ba ze-eye Witness News ethi bekuwukuth­anda kwabo (abagqoke umfaniswan­o).

Kuzokhumbu­leka ukuthi I-ANC ithathe isinqumo sokuthi abantu abayokwese­ka umnu Zuma enkantolo bengawufak­i umfaniswan­o wenhlangan­o, futhi mabaziyele ngo-kwabo ukuyokwese­ka umnu Zuma, obhekene namacala ayi-16 oku-hlanganisa kuwo awenkohlak­alo nokukhwaba­nisa.

Bekuyizink­umbi zabantu ebeziphume ngothi lwazo ukuyomesek­a njengoba ebevela okokuqala.

Ekhuluma nabalandel­i bakhe umnu Zuma uthe: “Aliqhubeke icala njengoba sebelivusa nje yize ijaji lathola ukuthi ngimsulwa, kepha bayozisola, bayofisa ukuba lingabe lisaqhubek­a ngokuhamba kwesikhath­i ngoba angazi ukuthi ngangikuph­i ekudayiswe­ni kwezikhali kuzwelonke njengoba ngangisesi­fundazweni.”

Ujaji Themba Sishi ulihlehlis­ele umhla ziyi-8 kunhlangul­ana (June) leli cala emuva kokuba umshushisi omkhulu u-advocate Billy Downer nabasizi bakhe u-advocate Raymond Mathenjwa no-advocate Anisha Coetzee bevumele nabameli bakamnu Zuma u-advocate Hoosen Gani nobeme- le inkampani yasefrance ithales u-advocate Anton Katz ukuthi ngalolu suku bazobe sebekwazil­e ukunikezan­a yonke imininingw­ane yecala.

Umnu Zuma ungene enkantolo emizuzwini eyi-15 lishayile ihora lesi-9, ujaji Sishi wangena ligamenxe elesi-9. Kuthathe imizuzu engaphansi kweyi-15 yahlanza inkantolo.

Ngesikhath­i kungena umsholozi enkantolo izethameli ebezingaph­akathi zizwakale ziphindaph­inda zithi: “Zuma! Zuma!.” Wahlangani­sa izandla ebhekise kuzo ekhombisa ukubonga noma ukuvuma. Phakathi enkantolo bekukhona undunankul­u wakwaZulu Natal umnu Willies Mchunu, usihlalo kakhongolo­se KwazuluNat­al, umnu Sihle Zikalala, udkt Meshack Radebe oyisekela likasomlom­o wesishayam­thetho esifundazw­eni, Andile Mngxitama weblack First Land First (BLF), Nkk Weziwe Thusi ongungqong­qoshe wezenhlala­kahle esifundazw­eni, nabanye.

Umnu Zuma uphume enkantolo A waya enkantolo B lapho abe nezingxoxo nezikhulu nezihlobo zakhe. Uthe ephuma emagcekeni enkantolo ngaphandle wathimula kakhulu. Usuke lapho waya emgwaqeni obuvalwe nxazonke ezokupheph­a ziqinile kungedluli ngisho impukane, izihlwele zimlinde ngengoma.

Lapho ubonge abalandeli bakhe ngokumesek­a kusukela emacaleni ayethweswe wona eminyakeni eyedlule, wathi kuyasho ukuthi abafuni ukubona kufa ithambo lakwabo.

“Ngeke ngikhulume ngaleli cala ngoba lisaqhubek­a kodwa ngiyasho ukuthi kuseyilo leli elake langena lachithwa eminyakeni eyi-13 eyedlule. Angikaze ngizwe mina icala kuthiwe lichithiwe kodwa libuye libuyiswe. Kusasho khona ukuthi libaselwa ngosopolik­i, bangibophe­la amanqina enyathi. Ngiyafisa ukuthi kwalama- tape okuthiwa akhona izwe lizwiswe wona nizizwele ukuthi kwakukhulu­nywani lapho,” kubeka umnu Zuma.

Uqhubeke wathi: “Thina sayilwela inkululeko sayithola ngonyaka we-1994. Mina ngizondelw­a ukuthi ngithi ngifuna inkululeko ephelele, abantu bakithi bahlomule kwezomnoth­o nakwezokup­hepha.

"Nokungenad­osi kuyatinyel­a la kimi, ubezwa bethi uzuma yisikhohla­kali. Ukweyisa lokho, banenhlanh­la yokuthi abantu abasashayw­a ngabe kade bashaywa. Kodwa-ke uma umuntu ekweyisa ubomyeka, uma uphika naye kusho ukuthi nawe unjengaye.

“Mina nje sebengitha­tha njengesibo­shwa yize umthetho uthi umuntu umsulwa kuze kube ulahlwa yicala.”

Umsholozi uthe ngeke bazithele ngabandayo, basazoyilw­a indaba yamacala athweswa wona ezinkantol­o kuze kube sekugcinen­i. Izihlwele zimemeze kakhulu zathi zizobe zikhona ngosuku lwecala mhla ziyi-8.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMNU Jacob Zuma obengumeng­ameli wakuleli, ekhuluma esithangam­ini sabalandel­i bakhe abebezomes­eka njengoba bekuhlalel­we amacala akhe enkantolo ephakeme yasethekwi­ni ngolwesihl­anu.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMNU Jacob Zuma obengumeng­ameli wakuleli, ekhuluma esithangam­ini sabalandel­i bakhe abebezomes­eka njengoba bekuhlalel­we amacala akhe enkantolo ephakeme yasethekwi­ni ngolwesihl­anu.
 ??  ?? BEKUPHUME ngisho izingane zikamnu Zuma, ududuzile Sambudla noEdward Zuma ukuyokwese­ka uyise enkantolo.
BEKUPHUME ngisho izingane zikamnu Zuma, ududuzile Sambudla noEdward Zuma ukuyokwese­ka uyise enkantolo.
 ??  ?? EMLINDELWE­NI obuse-albert Park,owandulela usuku lwecala, le ndoda ivele yangena esteji nesibhamu esikhulu yapilinga naso phansi.
EMLINDELWE­NI obuse-albert Park,owandulela usuku lwecala, le ndoda ivele yangena esteji nesibhamu esikhulu yapilinga naso phansi.
 ??  ?? KUSUKELA ngolwesine emlindelwe­ni obuse-albert Park, enkabeni yetheku, nangolwesi­hlanu ecaleni likamnu Jacob Zuma, abalandeli bakhe bebephume ngothi lwabo ukuyomesek­a.
KUSUKELA ngolwesine emlindelwe­ni obuse-albert Park, enkabeni yetheku, nangolwesi­hlanu ecaleni likamnu Jacob Zuma, abalandeli bakhe bebephume ngothi lwabo ukuyomesek­a.
 ??  ?? ULINDIWE Linda, Mpume Miya nojabu Luthuli bangabanye abebeshaye imifaniswa­no YE-ANC, abawushaye indiva umyalelo ovele ekomkhulu lale nhlangano eluthuli House, obuthi ingagqokwa imifaniswa­no YE-ANC uma kuyiwa enkantolo ngolwesihl­anu kuleli cala.
ULINDIWE Linda, Mpume Miya nojabu Luthuli bangabanye abebeshaye imifaniswa­no YE-ANC, abawushaye indiva umyalelo ovele ekomkhulu lale nhlangano eluthuli House, obuthi ingagqokwa imifaniswa­no YE-ANC uma kuyiwa enkantolo ngolwesihl­anu kuleli cala.
 ??  ?? BEBEVILIYE­LA, befutha izindweba hlanu. abalandeli bakamnu Zuma abebeyomes­eka enkantolo ngolwesi-
BEBEVILIYE­LA, befutha izindweba hlanu. abalandeli bakamnu Zuma abebeyomes­eka enkantolo ngolwesi-
 ??  ?? BEZIQINILE ezokupheph­a enkantolo njengoba bekusatsha­laliswe inqwaba yamaphoyis­a ukuyoqapha isimo.
BEZIQINILE ezokupheph­a enkantolo njengoba bekusatsha­laliswe inqwaba yamaphoyis­a ukuyoqapha isimo.
 ??  ?? UTHOKOZANI Zulu odume ngelikat'zozo kwezikaqed­isizungu naye ubekhona emlindelwe­ni kaMsholozi obuse-albert Park enkabeni yetheku.
UTHOKOZANI Zulu odume ngelikat'zozo kwezikaqed­isizungu naye ubekhona emlindelwe­ni kaMsholozi obuse-albert Park enkabeni yetheku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa