I-ANC NGEKE IBATHATHELE IZINYATHELO ABESEKE UZUMA
I-AFRICAN National Congress (ANC) ngeke ibathathele izinyathelo abeqe umyalelo wayo, badlubha umfaniswano wayo ngesikhathi beyokweseka obengumengameli wezwe umnu Jacob Zuma, ecaleni ngolwesihlanu ethekwini.
Okhulumela I-ANC, umnu Pule Mabe, ucashunwe ngabezindaba ze-eye Witness News ethi bekuwukuthanda kwabo (abagqoke umfaniswano).
Kuzokhumbuleka ukuthi I-ANC ithathe isinqumo sokuthi abantu abayokweseka umnu Zuma enkantolo bengawufaki umfaniswano wenhlangano, futhi mabaziyele ngo-kwabo ukuyokweseka umnu Zuma, obhekene namacala ayi-16 oku-hlanganisa kuwo awenkohlakalo nokukhwabanisa.
Bekuyizinkumbi zabantu ebeziphume ngothi lwazo ukuyomeseka njengoba ebevela okokuqala.
Ekhuluma nabalandeli bakhe umnu Zuma uthe: “Aliqhubeke icala njengoba sebelivusa nje yize ijaji lathola ukuthi ngimsulwa, kepha bayozisola, bayofisa ukuba lingabe lisaqhubeka ngokuhamba kwesikhathi ngoba angazi ukuthi ngangikuphi ekudayisweni kwezikhali kuzwelonke njengoba ngangisesifundazweni.”
Ujaji Themba Sishi ulihlehlisele umhla ziyi-8 kunhlangulana (June) leli cala emuva kokuba umshushisi omkhulu u-advocate Billy Downer nabasizi bakhe u-advocate Raymond Mathenjwa no-advocate Anisha Coetzee bevumele nabameli bakamnu Zuma u-advocate Hoosen Gani nobeme- le inkampani yasefrance ithales u-advocate Anton Katz ukuthi ngalolu suku bazobe sebekwazile ukunikezana yonke imininingwane yecala.
Umnu Zuma ungene enkantolo emizuzwini eyi-15 lishayile ihora lesi-9, ujaji Sishi wangena ligamenxe elesi-9. Kuthathe imizuzu engaphansi kweyi-15 yahlanza inkantolo.
Ngesikhathi kungena umsholozi enkantolo izethameli ebezingaphakathi zizwakale ziphindaphinda zithi: “Zuma! Zuma!.” Wahlanganisa izandla ebhekise kuzo ekhombisa ukubonga noma ukuvuma. Phakathi enkantolo bekukhona undunankulu wakwaZulu Natal umnu Willies Mchunu, usihlalo kakhongolose KwazuluNatal, umnu Sihle Zikalala, udkt Meshack Radebe oyisekela likasomlomo wesishayamthetho esifundazweni, Andile Mngxitama weblack First Land First (BLF), Nkk Weziwe Thusi ongungqongqoshe wezenhlalakahle esifundazweni, nabanye.
Umnu Zuma uphume enkantolo A waya enkantolo B lapho abe nezingxoxo nezikhulu nezihlobo zakhe. Uthe ephuma emagcekeni enkantolo ngaphandle wathimula kakhulu. Usuke lapho waya emgwaqeni obuvalwe nxazonke ezokuphepha ziqinile kungedluli ngisho impukane, izihlwele zimlinde ngengoma.
Lapho ubonge abalandeli bakhe ngokumeseka kusukela emacaleni ayethweswe wona eminyakeni eyedlule, wathi kuyasho ukuthi abafuni ukubona kufa ithambo lakwabo.
“Ngeke ngikhulume ngaleli cala ngoba lisaqhubeka kodwa ngiyasho ukuthi kuseyilo leli elake langena lachithwa eminyakeni eyi-13 eyedlule. Angikaze ngizwe mina icala kuthiwe lichithiwe kodwa libuye libuyiswe. Kusasho khona ukuthi libaselwa ngosopoliki, bangibophela amanqina enyathi. Ngiyafisa ukuthi kwalama- tape okuthiwa akhona izwe lizwiswe wona nizizwele ukuthi kwakukhulunywani lapho,” kubeka umnu Zuma.
Uqhubeke wathi: “Thina sayilwela inkululeko sayithola ngonyaka we-1994. Mina ngizondelwa ukuthi ngithi ngifuna inkululeko ephelele, abantu bakithi bahlomule kwezomnotho nakwezokuphepha.
"Nokungenadosi kuyatinyela la kimi, ubezwa bethi uzuma yisikhohlakali. Ukweyisa lokho, banenhlanhla yokuthi abantu abasashaywa ngabe kade bashaywa. Kodwa-ke uma umuntu ekweyisa ubomyeka, uma uphika naye kusho ukuthi nawe unjengaye.
“Mina nje sebengithatha njengesiboshwa yize umthetho uthi umuntu umsulwa kuze kube ulahlwa yicala.”
Umsholozi uthe ngeke bazithele ngabandayo, basazoyilwa indaba yamacala athweswa wona ezinkantolo kuze kube sekugcineni. Izihlwele zimemeze kakhulu zathi zizobe zikhona ngosuku lwecala mhla ziyi-8.