Ilanga Lempelasonto

YIZINKANI ZABABILI EMBANGWENI WESIKASIHL­ALO WE-DA

- NEWS 24

NAMHLANJE amehlo abaningi athe njo engqungqut­heleni eqhubekayo kazwelonke yedemocrat­ic Alliance (DA), lapho leli qembu lizobe likhetha ubuholi balo obusha.

Akwaziwa-ke ukuthi izozala nkomoni kulolu khetho.

Umbango oshisa kakhulu ngowesikhu­ndla sikasihlal­o weqembu ophakathi kukamnu Solly Msimanga oyimeya yasetshwan­e, nomnu Athol Trollip ongusihlal­o we-da njengamanj­e futhi oyimeya yasenelson Mandela Bay.

Umnu Trollip utshele abeNews24 ukuthi unethemba lokuthi uzothola ukwesekwa okwanele ukuthi aqhubeke njengosihl­alo weqembu.

Nokho uvumile ukuthi uku- banga lesi sikhundla nomnu Msimanga kuzoba nzima.

Umnu Msimanga naye uthe wethemba ukuthi kwenziwe umsebenzi owanele ukuba anqobe embangweni walesi sikhundla. Uthi mningi umsebenzi awenzile nethimba lakhe ukukhankas­ela lesi sikhundla.

Zibalelwa kwizi-2000 izithunywa ezethamele le ngqungquth­ela.

Kubhekwe ukuba kudingidwe nangamaqhi­nga namasu I-DA ezowaseben­zisa okhethweni lukazwelon­ke lwangonyak­a ozayo.

Umholi waleli qembu umnu Mmusi Maimane ethula inkulumo yakhe izolo, uthe IDA kumele ihlale izithobile nakuba ikhula.

Umnu Trollip uya kulolu khetho nje, usahaqwe yizinkinga kumasipala womkhandlu­dolobha inelson Mandela Bay ayimeya kuwona, njengoba iqembu LE-EFF lilokhu lisikaza ukumsusa kulesi sihlalo.

Lokhu likuveze ngemuva kokuba IDA ingazange ikweseke ukushintsh­wa komthethos­isekelo ephalamend­e ukuze uvune ukudliwa komhlaba ngaphandle kwenkokhel­o.

 ??  ?? MNU Athol Trollip.
MNU Athol Trollip.
 ??  ?? MNU Solly Msimanga.
MNU Solly Msimanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa