INKULU INDABA KOWEMBEWU NOZALO
ZIPHINDE zaqina izinsolo zokuthi kunokungatholani phakathi kukaDuma kandlovu ongumdidiyeli nomsunguli wezinhlelo zethelevishini ezibukwa yizinkumbi, nabomdlalo ohamba phambili ngokubukwa uzalo, okhonjiswa KUSABC 1.
Uduma wethule kwabekhethelo umdlalo wakhe omusha (ImbewuThe Seed) ngolwesine kusihlwa ethekwini. Lo mdlalo uzokhonjiswa kwi-etv kusukela mhla ziyi-16 kwephezulu. Ekhuluma kulesi sigcawu ubelokhu ezwakala sengathi ugigiyela umdlalo uzalo nakuba ebengalugaguli ngegama.
“Ngesikhathi sithatha isinqumo sokuzokwenza uhlelo lwalolu hlobo ethekwini besazi ukuthi kazikho izikhungo zokuqopha ( production studios), ngenhlanhla bengikhona ngesikhathi sizoqopha umdlalo wokuqala esengiwukhohliwe ukuthi yini igama lawo,” usho kanje kwaqhuma uhleko naye elunanela.
Kuzokhumbuleka ukuthi uduma ubengumsunguli wozalo aphinde abe yi-executive Producer nodudu Zuma-ncube nopepsi Pokane.
Ekushiyeni kwakhe nopepsi kulo mdlalo, nokugcine kungavezwanga izizathu, bakhishwe nasohlwini lwamagama anyuka uma kuphela umdlalo nokuyinto abathe bazoyithathela izinyathelo zomthetho ngoba ingekho emthethweni.
Uduma unenkampani iword of Mouth asungule ngayo nomdlalo umuvhango okhonjiswa KUSABC 2. Isenzo sokuqhamuka nalo mdlalo Imbewu sibukeke njengokubangisana ngqo nozalo njengoba nalo luqoshelwa ethekwini.
Uphinde wavutha kakhulu umlilo uma sekuvela ukuthi phakathi kwabalingisi abaphambili kunoLeleti Khumalo ongumazulu, osanda kushiya kuzalo lapho ebelingisa khona indawo kamanzuza, nompumelelo Bhulose ongungcolosi, onelingisa indawo kagxabhashe kuzalo.
Nasekwethulweni kwayo imbe- wu, uphinde waveza ukuthi nguye uduma noleleti abasungule lo mdlalo befuna nezindawo zokusebenza nokuchaza ukuthi ngesikhathi uleleti ekuzalo ubeseqalile ukuzenzela lo msebenzi.
Imbewu kulindeleke ukuba ishise izikhotha njengoba ingqikithi kungamanga nemfihlo yeminyaka emndenini.
“Abakwa-etv bakujabulele kakhulu ukuletha kwethu lo mqondo walo mdlalo. Ngalo mdlalo sifisa ukugqugqquzela ukuphilisana kwabantu nezinhlanga ezahlukene,” kusho uduma.
Phakathi kokuzobonakala kulo mdlalo wushisanyama wodumo osemlazi wena owabona iyadi lodumo onendawo yezicukuthwane ebizwa ngokuthi umsamo.
Uduma uwukhiqize ngokubambisana nenkampani ka-anant Singh wevideo Vision ekhiqize inqwaba yamafilimu ikakhulukazi Kwazulu-natal.
Phakathi kwabalingisi abagqamile ngale kwalaba esibabale ngenhla nguthembi Mtshali-jones (Mandlovu), Rafael Griffiths (Zithulele), Fundiswa Zwane (Kamandosela), Nqobile Ndlovu (Kanyo), Xolani Mfeka (Nganono), Sandile Dlamini (Phakade) nonokwanda Khuzwayo (Futhi)
zowakha@ilanganews.co.za