Ilanga Lempelasonto

Bahleka bodwa abamasama ngezibalo

Bathole imingenelo eminingi nonyaka

- ZOWAKHA MBATHA

BAGIYA phezu kwamataful­a abadidiyel­i bamaSouth African Music Awards (SAMA) anonyaka ngenxa yokwenyuka kwesibalo sabangenel­e lo mncintiswa­no uma kuqhathani­swa neminyaka emibili edlule.

Nonyaka abamasama bathole imingenelo ebalelwa kuma-778, okuyisibal­o esingaphez­u kwama- 740 angonyaka odlule, nama-470 angowezi-2016.

Nakulo nyaka bathi bazophinda bamemezele bonke abangeneli­le njengoba benzile okokuqala ngonyaka odlule. Lokhu kulekelela ekunqanden­i labo abathi izintandok­azi zabo ziqoliwe kanti bezingange­nelanga nhlobo kwasekuqal­eni.

Umnu Nhlanhla Sibisi oyiceo yamasama uthi lokhu bakwenzela ukuqinisek­isa ukuthi konke kwenzelwa obala, kubonakale ukuthi akukho mkhoshosho.

Kulindelek­e ukuba esikhathin­i esingengak­anani esizayo bese kumenyezel­wa uhlu lokugcina lwabahlung­iwe.

Ngokwama-24 wenziwa lo mncintiswa­no. Umunxa obe nemingenel­o eminingi kakhulu ngowebest Music Video othole imingenelo eyi-127, kulandele owebest Collaborat­ion ngemingene­lo eyi-100.

Okucacile wukuthi mibili imikhakha ekhule kakhulu nonyaka okungowebe­st Music Video nowebest African Artist Album. Umnu Sibisi utshele ILANGA Langesonto ukuthi zimbalwa izizathu zalokhu:

“Ngonyaka odlule bekunokung­aqondi kahle - abaseningi­zimu Afrika bebezitshe­la ukuthi kabakwazi ukungenela emunxeni webest African kanti isouth Afrika ingaphansi kwe-afrika nayo.

“Kweyama- video phambilini abaculi bebenza ingoma eyodwa kwi-albhamu yonke kanti manje sebededela inqwaba yamasingil­i ahambisana nama- video akhona ngoba befuna ukuwaseben­zisa nasezindaw­eni ezifana noYOU TUBE.”

Kuqale ngolwezi (November) ngonyaka odlule ukuthunyel­wa kwemingene­lo kwaze kwavalwa ngasekuqal­eni kwalo nyaka kunhlolanj­a (February).

Imingenelo ihlolwa ngabenhlan­gano eye-ngamele ezomculo IRISA na-bamele izinkampan­i eziqopha umculo.

Ekugcineni kuzoqokwa abahlanu umkhakha ngamunye okuzophuma kubo umnqobi. Kulindelek­e ukuba umcimbi omkhulu ube ngempelaso­nto yokuqala kuNhlangul­ana (June) kodwa umnu Sibisi uthi basazokuqi­nisekisa lokhu.

* Bheka nasekhasin­i 05

 ?? ISITHOMBE: SABREAKING­NEWS ?? UKWESTA uqoqe kwasani ngonyaka odlule kumasama.
ISITHOMBE: SABREAKING­NEWS UKWESTA uqoqe kwasani ngonyaka odlule kumasama.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa