Ilanga Lempelasonto

IGONYULUKA NGESIMO SETHEKU IMENENJA KAMASIPALA

- LUCKY CAIN

UMASIPALA itheku ungomunye wabakhulu eningizimu Afrika njengoba isabelomal­i sawo singaphezu­lu kuka-r45 billion. Yiwona wodwa umasipala oyi-metro osengaphan­si kweqembu elibusayo i-african National Congress (ANC).

Muva nje sekubikwe kakhulu ngenkohlak­alo okuthiwa inuka phu kulo masipala njengoba amaqembu aphikisayo ekhala ngendlela oholwa ngayo.

ILANGA Langesonto libe nengxoxo ekhethekil­e nomnu Sipho Nzuza oyimenenja yalo masipala.

Umnu Nzuza udalule ukuthi kuyamjabul­isa ukuthi inkohlakal­o iyavela ukuze bakwazi ukubhekana nayo.

Uthi kulesi sikhathi eqalile ukuhola lo masipala usekwazile ukubhekana nalabo abathintek­ayo enkohlakal­weni futhi wazithatha nezinyathe­lo lapho kufanele khona.

“Kuningi abantu okumele bakuqonde ngomasipal­a. Okokuqala wukuthi sinezisebe­nzi ezingaphez­ulu kwama-25 000, ngakho ngaphambi kwakho konke kumele sigqugquze­le umqondo owodwa kuzona zonke izisebenzi zethu - wokuthi zizinikele emsebenzin­i wazo futhi zisebenze ngokuthemb­eka.

"Kuhle ukuthi uma kukhona labo abenza inkohlakal­o basheshe bahlale obala bese bethathelw­a izinyathel­o,” kusho umnu Nzuza.

Uthi okubuhlung­u okubuye kwenzeke ngemibiko evelayo wukuthi eminye isuke isetshenzi­selwa ukuqhuba ipolitiki.

“Eminye yale mibiko ayinaso isisekelo noma okuphathek­ayo ngayo,” esho mayelana nemibiko ethi kunemibiko eduve ehhovisi lakhe angafuni ukuthatha izinqumo ngayo. “Engingakus­ho wukuthi yonke imibiko efikile kimina ngikwenzil­e obekufanel­e ngayo ngakho kungamampu­nge ukuthi kunemibiko eduve ehhovisi lami,” ecacisa.

Umnu Nzuza uphinde waphawula ngodaba oluthinta inhlangano ezibiza ngamadelan­gokubona okuke kwaba nemibiko ethi amalungu ayo aphazamise isigcawu sokuqondis­wa ubugwegwe kwesinye sezikhulu zikamasipa­la. Ukubeke kwacaca ukuthi okwenzekil­e kuleso sigcawu yinto angahambis­ani neze nayo futhi ube nawo umhlangano nabaholi bale nhlangano babonisana.

“Okubalulek­ile wukuba ukuxhumana kuhlale kukuhle ngaso sonke isikhathi ukuze uma kunezinkin­ga zidingidwe kusenesikh­a- thi kungaze kufinyelel­e lapho sekuhluthu­ka izinhliziy­o.

"Le nhlangano sengike ngahlala nabaholi bayo ngazizwa izikhalo zabo futhi kucacile ukuthi izikhalo zabo ziyezwakal­a kodwa kunendlela okumele bayiqonde yokwenza izinto,” echaza.

Umnu Nzuza uphinde waphawula ngezinkamp­ani okubikwa ukuthi zikhokhelw­e wumasipala ngaphandle kokwenza umsebenzi noma ezikhokhel­wa zingawupho­thulanga umsebenzi. Uthi kuyishwa ukuzwa ukuthi kwenzeka izigameko ezifana nalezi.

“Okuhle wukuthi sinalo uphiko lwangaphak­athi olusiqhube­la uphenyo ezintweni ezifuze lezi,” ephawula. Unanela ngokuthi ngokwazi kwakhe akuvumelek­ile ukuba inkampani ikhokhelwe imali ingakawenz­i umsebenzi.

“Yinto okumele siyisukume­le siyifakele izibuko uma yenzeka. Uma kukhona okumele bathathelw­e izinyathel­o makwenzeke lokho,” kusho umnu Nzuza, ekucacisa ukuthi nguyena obhekelela ukusebenza kukamasipa­la.

Uthi unkk Zandile Gumede oyimeya yalo masipala akaxhumi ezintweni ezithinta ukusebenza kwawo noma ekuqashwen­i kwezikhulu.

Lokhu ukucacise ngenxa yemibiko ethi ezinye izikhulu zifakwe ezikhundle­ni ngenxa yobudlelwa­no ezinabo nonkk Gumede. Umnu Nzuza uveze ukuthi kuzomele ibuyekezwe indaba yemicimbi exhaswa wumasipala wetheku. “Angiphikis­ani nokuxhaswa kwemicimbi kodwa ngibona ukuthi kuningi okubalulek­ile esingakwen­za kunokuxhas­a imicimbi. Kodwa lokho yinto okusamele siyibhekis­ise,” kusho umnu Nzuza.

Uthi kuyimanje bamatasa nohlelo oluzoshint­sha impilo yabantu olubizwa ngebulit Environmen­t Plan.

“Lolu hlelo luzosondez­a abantu eduze kwezindawo abasebenza kuzona futhi luzokwenza kubelula nokuba bafinyelel­e kuzona.

"Ukwakha amathuba emisebenzi, nokulethel­a abantu izingqalas­izinda yizinto okumele zihambe phambili,” echaza.

“Le BEP izosiza kakhulu kulokhu nokunye njengoba sizosebenz­isana nezinhlaka ezahlukene ezithintek­ayo ukuqinisek­isa ukuthi iba yimpumelel­o,” esho.

Umnu Nzuza uthi uzimisele ngokuseben­za ngokuzikha­ndla ukulwa nenkohlaka­lo nokubuyisa isithunzi kubantu abangaphan­si kwalo masipala.

* Bheka nasekhasin­i 10

Kuhle ukuthi uma kukhona abenza inkohlakal­o basheshe bahlale obala...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa