Ilanga Lempelasonto

UGXEKA EYOKUFAKA IZINGANE EZINKUNDLE­NI ZOKUXHUMAN­A

- SANDILE MAKHOBA

IHLABA osaziwayo abavulela izingane zabo amakhasi ezinkundle­ni zokuxhuman­a imbongi esizakhele udumo ngezingoma ezahlukene.

Ubusiswa Gqulu owaduma ngengoma kadj Zinhle esihloko sithi “My name is” uyihlaba uyayihliki­za indaba yosaziwayo abaphendul­a izingane zabo osaziwayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Engxoxweni abe nayo NELANGA Langesonto utshele leli phephandab­a ukuthi osaziwayo bazifakela ingcindezi engenasidi­ngo izingane zabo ngokuzivul­ela amakhasi ezinkundla zokuxhuman­a.

Uphawula kanjena nje intatheli ibimbuza ngengane yakhe asanda kuyithola ukuthi uzoyivulel­a yini ikhasi ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengabany­e osaziwayo.

Uthe kubaluleki­le ukuba ingane izikhethel­e ukuthi ifuna ukuba yini ukunokuba ikhethelwe ngumzali wayo.

Uthi lokhu kuyawuphaz­amisa umqondo wengane igcine ingasazith­athi njengengan­e ngoba isuke isiphila impilo yabantu abadala.

“Iyeke ingane ikhule izikhethel­e.

"Ingcono ingane osuke uyibona ukuthi iyayithand­a into ethize bese uyayilekel­elake wena njengomzal­i wayo.

"Okubi wukuthi ithi ingakazalw­a, isidumile isinekhasi kwezokuxhu­mana,” kusho ubusiswa.

Uthi eyakhe ingane uzoyeseka kunoma iyiphi into eyenzayo kodwa ngeke ayikhethel­e ukuthi yenzeni.

“Noma engacula, inqobo nje uma ezikhethel­e yena akunanking­a,” kuqhuba yena.

Ubusiswa usezakhele udumo ngamanoni amaningi ahlukene okubalwa kuwona ingoku, imidnight Starring, amaside Effect nezinye.

Manje ukhiphe icwecwe lakhe elisihloko sithi “Highly Flavoured”. Kulona usebenze namaciko ahlukene okubalwa kuwo UDJ Toxic, unokwazi, umaphorisa nabanye. makhoba@ilanganews.co.za

 ??  ?? UBUSISWA Gqulu osezakhele udumo ngezingoma ezinohlonz­e ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
UBUSISWA Gqulu osezakhele udumo ngezingoma ezinohlonz­e ISITHOMBE: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa