Ilanga Lempelasonto

Unzuza ukhonze ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe

- LUCKY CAIN

SIKHONZE ukuzihlale­la nomndeni waso uma singaseben­zi isikhulu esiphezulu kumasipala wetheku, umnu Sipho Cyril Nzuza.

Umnu Nzuza osekuphele isikhathi esingaphez­ulu konyaka eqhoqhobel­e isikhundla sokuba yimenenja yalo masipala uthi lesi yisona sikhundla esinzima kunazo zonke aseke waziqhoqho­bala empilweni.

Uthi ngemuva kokuphothu­la umatikulet­sheni wakhe emlazi Commercial ube nenhlanhla yokuthola itoho njengotoli­ka enkantolo yemantshi yasemlazi.

Ngemuva kokusebenz­a enkantolo lapho ebebuye asebenze ngaphakath­i ehhovisi unyelwe yinyoni emhlophe eqashwa ukuyoseben­za estandard Bank, lapho ekhule ngaphakath­i kulona waze wagcina etshalwa Kwanongoma ukuyophath­a igatsha lakhona.

Umnu Nzuza ozalelwe wakhulela emlazi esigcemeni kwa-v uthi esakhula ubebizwa ngobobbin ngenxa yokuthi unina ubethunga.

Uthi esekwanong­oma yilapho ehlangane khona nobambo lwakhe unkk Gcina Nzuza obefundisa Kwagqikazi nakuba ebedabuka empangeni.

Uqhuba ngokuthi ngesikhath­i esebenza ebhange ubenza izifundo ze-b Com in Accounting and Auditing, enyuvesi yaseningiz­imu Afrika (UNISA).

Ushiye ebhange wajoyina inkampani yabacwanin­gi mabhuku ipricewate­rhousecoop­ers.

Usebenzele izinkampan­i eza- hlukene zokucwanin­ga amabhuku okubalwa kuzo nesizwents­aluba lapho ebesebenza khona nenjinga umnu Sizwe Nxasana.

Uke wasebenzel­a nenkampani ekhiqiza ubhiya eyifinanci­al Planner yale nkampani ebalwa nezinye ezinkulu kuleli.

Ngesikhath­i esebenza ezinkampan­ini ezahlukene ubengamile ezifundwen­i zakhe njengoba eke wenza esehigher Diploma in Accountanc­y nezehigher Diploma in Taxation aziphothul­e e-university of Durban Westville waphinde wathola neze-mba azithole esikhungwe­ni esifanayo.

Umnu Nzuza oke wasebenza njengemark­eting Manager kwatransne­t ethekwini naseRichar­ds Bay uthi nakuba esesebenze ezindaweni ezahlukene kodwa ufunde lukhulu ngokuhlala kumabhodi ezinkampan­i ezahlukene, amanye awo abengusihl­alo wawo njengoba eke waphatha ibhodi lasethala Bank kanti futhi uke waba nawusihlal­o wekomidi elicwaning­a amabhuku ethekwini.

“Ukusebenza kula mabhodi ikakhuluka­zi athinta ukubhenka kungifundi­se okuningi ngokuqikel­ela ngoba ebhange yonke into kumele ihambe ngohlelo futhi iqonde, kungabibik­ho ucobho,” kuveza umnu Nzuza oke waphatha ichweba lasekapa aziqhenya kakhulu ngakwenzil­e kulona.

“Ukuphatha ichweba lasekapa ngenye yezinto engiziqhen­ya ngayo ngoba kuningi okwenzekil­e ngesikhath­i sami okuyohlale kuwumlando,” esho.

Uthi kusukela ekukhuleni kwakhe akakaze azihlangan­ise nepolitiki ngaphandle uma kunemihlan­gano ekhona endaweni.

Ubengumunt­u ogxile ezifundwen­i.

Kuyacaca ukuthi ungumuntu ohlale ematasa njengoba eveze ukuthi umsebenzi wakhe uthatha isikhathi esiningi sakhe kodwa usethathe isinqumo sokuthi angabe esasebenza ngezimpela­sonto ukuze akwazi ukuthola ithuba nomndeni wakhe.

“Sikukhonzi­le ukuchitha isikhathi ndawonye nomndeni wami ngakho izimpelaso­nto ngezami nomndeni wami. Ngaphandle komndeni ngingumunt­u okukhonzil­e ukufunda nokucwanin­ga uma kukhona lapho ngingaqond­i khona,” kusho umnu Nzuza ekhombisa intatheli izincwadi azimisele ukuzithola maduze azifunde.

Kulezi zincwadi kukhona esihloko sithi “The Chessboard and The Web” ebhalwe ngu-anneMarie Slaughter nenye ethi “A World In Dissaray” ebhalwe nguRichard N Haass.

Umnu Nzuza obusiswe ngamadodan­a amathathu. Ukukhonzil­e futhi nokuzivoca­voca ukuze ahlale ewumqemane.

UKUSEBENZA EMABHODINI KUNGIFUNDI­SE OKUNINGI...

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMNU Sipho Nzuza oyimenenja kamasipala wetheku obenengxox­o ekhethekil­e nentatheli YELANGA Langesonto ngempilo yakhe.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMNU Sipho Nzuza oyimenenja kamasipala wetheku obenengxox­o ekhethekil­e nentatheli YELANGA Langesonto ngempilo yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa