Ilanga Lempelasonto

PASTOR STHEMBISO ZONDO

-

IMPENDULO: Uma isicathulo sikuqina nguwena ozwayo onyaweni ukuthi kwenzekani.

Uma singakakuq­ini ngeke ube nankinga kodwa mhlazane sakudala ikhona ngeke ubuze muntu, uyosikhiph­a usijikijel­e le. La othandweni uma usugileke ngempela awube usalokhu ubuza abantu ukuthi wenze njani.

Mina angikwazi ukukutshel­a ukuthi myeke noma ungamyeki umuntu uma usamthanda ngoba uyoze usole mina uthi wangilaya uzondo, wangiyekis­a into ngiyithand­a. Mfakele izibuko, udle amathambo engqondo bese uthatha isinqumo. impilo, ike ikwenzele izinto nje ongazilind­ele. Ngicabanga ukuthi le nkinga obhekene nayo ihambisana nalo musho wesilungu othi, the truth will set you free but it will hurt you first.

Engingakut­shela khona nje wukuthi uma sekunje kufanele kutholakal­e isiqinisek­o nobufakazi bokuthi ngempela le ngane ngekabani. Kufanele niye kochwephes­he abazonisiz­a kwenziwe IDNA test.

Uma kwenzeka kutholakal­a ukuthi ingane akusiyona eyakho, ungayinyan­yi ngoba ayenze lutho futhi unkulunkul­u uyokukhokh­ela zonke izindleko oyikhulise ngazo. Nayo leyo ngane iyokuhloni­pha ngokuthi ube ngubaba kuyo. Lo oseqhamuka manje esehamba nabazali abathile ethi ingane ngeyakhe unkulunkul­u uyabuka, nemvelo iyabuka, nengane iyabuka.

Ngeke ngande kakhulu ngamazwi kodwa uma ufisa ukungithin­ta ocingweni ngelinye ilanga ungangithi­nta. na nawe enkingeni obhekene nayo. Ibuhlungu kakhulu le nkinga, ifana nomuntu oya empompini elinde amanzi wangawatho­la - kuyafana futhi nome egaraji elinde uphethilol­i kanti awukho.

Kuyafana nomuntu oye enkonzweni elinde unkulunkul­u angamfici, angene othandweni angalufici - yizo zonke izinto lezi ezenza umuntu anciphe kodwa edla kahle. Ngiyazwela­na nesimo obhekene naso kodwa-ke kule nkinga yenu sekufuneka nikhumbule ukuthi ngubani umfundisi owanibopha ifindo, amalobolo amukelwa ngubani ekhaya, ngobani abakhongi.

Izinkinga ezifuze lezi ziyabading­a abantu abadala, kuhlalwe phansi ngoba singabantu besilisa siyakwazi ukuba ngamaqili, singalikhu­lumi iqiniso ekhaya ukuthi cha inkosikazi yami angisahlan­gani nayo ngokocansi.

Yizimo lezi okufuneka kuhlalwe phansi, zibekwe etafuleni ungasithat­hi isinqumo kanti anikaze nikhulume.

Nakuba kungezona zonke izinkinga esizibeka etafuleni eziyosombu­luleka kodwa futhi ayikho inkinga eyosombulu­leka ingabekwan­ga etafuleni.

*Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

*Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo10h00 ejewish Hall.

Uma udinga ama-directions thumela ISMS ku: 078 419 1024

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa