EZOTHANDO:
MININGI imibuzo okumele uzibuze yona ngaphambi kokuba ujole nomuntu obethandana nomngani wakho. Phakathi kwezinto okumele uzibuze zona wukuthi: Ngabe kuyinto elungile ukwenza lokho?
Ngabe umngani wakho akasenalo ngempela uthando lomuntu abethandana naye?
Uzimisele yini ukuhlukana nomngani wakho ngenxa yomuntu abethandana naye?
Embhalweni oshicilelwe ekhasini eleluleka ngezothando, i- Dating Nerd, kuthiwa ukuthandana nomuntu obethandana nomngani wakho kuyingozi kakhulu kuwena nakumngani.
Kuthiwa ungalokothi nje ujole nomuntu obejola nomngani wakho. Kubikwa ukuthi kulolu hlobo lobudlelwane ayikho nhlobo inkululeko phakathi kwenu nobathathu.
Phela umngani wakho nguyena umuntu okumele umethembe ezintweni eziningi.
Uma nje ufuna ukuthumela umngani endlini yakho kanti ushiye intombi yakho ebithandana naye - ucabanga ukuthi kungenzekani uma beficana phakathi?
Khumbula, isizulu sithi: Lapho kwake kwama khona amanzi, aphinde ame.
Lokho kusho ukuthi uma bethola ithuba lokuba ndawonye futhi kukhona okuthile okusengenzeka. Mhlawumbe inhlansi yothando ingaqhasha futhi.
Kuyenzeka abangani bahlangane, bachithe isikhathi ndawonye nabantu abathandana nabo. Uyacabanga-ke ukuthi kungaba njani uma senihlangene nonke ndawonye? Nakanjani isimo ngeke sibe sihle kahle.
Ukujola nomuntu obethandana nomngani wakho ngesinye isikhathi kungahumusheka ngendlela yokuthi ubuvele umhalela, okungukuthi ubungathembekile kumngani wakho.
makhoba@ilanganews.co.za