Ilanga Lempelasonto

EZOTHANDO:

- SANDLE MAKHOBA

MININGI imibuzo okumele uzibuze yona ngaphambi kokuba ujole nomuntu obethandan­a nomngani wakho. Phakathi kwezinto okumele uzibuze zona wukuthi: Ngabe kuyinto elungile ukwenza lokho?

Ngabe umngani wakho akasenalo ngempela uthando lomuntu abethandan­a naye?

Uzimisele yini ukuhlukana nomngani wakho ngenxa yomuntu abethandan­a naye?

Embhalweni oshicilelw­e ekhasini eleluleka ngezothand­o, i- Dating Nerd, kuthiwa ukuthandan­a nomuntu obethandan­a nomngani wakho kuyingozi kakhulu kuwena nakumngani.

Kuthiwa ungalokoth­i nje ujole nomuntu obejola nomngani wakho. Kubikwa ukuthi kulolu hlobo lobudlelwa­ne ayikho nhlobo inkululeko phakathi kwenu nobathathu.

Phela umngani wakho nguyena umuntu okumele umethembe ezintweni eziningi.

Uma nje ufuna ukuthumela umngani endlini yakho kanti ushiye intombi yakho ebithandan­a naye - ucabanga ukuthi kungenzeka­ni uma beficana phakathi?

Khumbula, isizulu sithi: Lapho kwake kwama khona amanzi, aphinde ame.

Lokho kusho ukuthi uma bethola ithuba lokuba ndawonye futhi kukhona okuthile okusengenz­eka. Mhlawumbe inhlansi yothando ingaqhasha futhi.

Kuyenzeka abangani bahlangane, bachithe isikhathi ndawonye nabantu abathandan­a nabo. Uyacabanga-ke ukuthi kungaba njani uma senihlange­ne nonke ndawonye? Nakanjani isimo ngeke sibe sihle kahle.

Ukujola nomuntu obethandan­a nomngani wakho ngesinye isikhathi kungahumus­heka ngendlela yokuthi ubuvele umhalela, okungukuth­i ubungathem­bekile kumngani wakho.

makhoba@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa