KUBONGELWE IZINTANDANE EZIGILA IZIMANGA KWEZEMFUNDO
UKUKHULA kanzima akumvimbi umuntu ukuba akhule abe yinto ayifisayo empilweni.
Lokhu kufakazelwa yimpumelelo yezingane ezikhule kanzima zifunda ngemali yesibonelelo sikahulumeni.
Lezi zingane, okungusakhile Njoko nonoxolo Manyoni, kuyimanje zisezikhungweni zemfundo ephakeme, zifundela umsebenzi.
Baphase ngamalengiso kumatikuletsheni, badabula izifundo ngo-a.
Ngesikhathi bekhuluma emcimbini obuse-protea Hotel, ethekwini, kuqathake izinyembezi kwabaningi.
Bona nezinye izingane eziyizintandane bebeklonyeliswa ngokwenza kahle emcimbini obizwa nge-inaugural Alternative Care Matric Awards obuwenziwe ngumnyango wezenhlalakahle Kwazulu-natal.
Usakhile uphase umatikuletsheni ngo- distinction abayi-7. Ungowe-5 kwabo ukukhuliswa yiyo le mali.
Abazali bakhe bobabili bashona ngokulandelana, base bekhuliswa ngumzala.
Usakhile wenza izifundo ze-actuarial Science enyuvesi yase Witswatersrand. Uthi ukuzimisela, ukulalela nenhlonipho yikho okumenze wakwazi ukuphasa ngale ndlela ephase ngayo. Yize ekhulele endaweni yasemakhaya esandlwana, enquthu, uthi lokho akuzange kumthene amandla ngoba ubezazi ukuthi uphokophele kuphi.
“Ngikholwa wukuthi kumele uzithathele isinqumo sokuthi ufuna ukuphumelela. Ulalele abazali, uhloniphe ngisho kungabe abazali abasekho. Wonke umuntu kumele umhloniphe. Kumele usebenze kanzima,” kuchaza yena.
Ngenxa yokukhula phakathi kwabantu abebezimisele, uthi naye bekumphoqa ukuba enyuse amasokisi. Unabafowabo abathathu abenza izifundo zobudokotela nodadewabo onguthisha.
“Bengibukela kubona, bebengenza ukuba ngibe nethemba makufika lizikhathi ezinzima. Kusukela ngikhula abafowethu bebezikhandla befuna ngenze kangcono kunabo,” kuqhuba usakhile obefunda esiyanda Secondary.
Ekhipha isiyalo kwabeza ngemuva abafisa ukuzibona bephumelela empilweni uthi: “Empilweni ungaziqhathanisi nomunye umuntu. Bonga lokhu onakho, ungakusebenzisi ukuthi abazali kawusenabo kodwa hlonipha abakukhulisayo.”
Unoxolo wasembazwana, emsinga yena ufundela ukuba ngunjiniyela e-university of Kwazulu-natal.
Ukhuliswe ngumalume emuva kokushona kwabazali bakhe esemncane. Uthi ukungabi nabazali yikho okumenze wabona isidingo sokuba asebenze kanzima.
Unoxolo uthi kuke kwaba nesikhathi lapho umalume wakhe ephelelwa wumsebenzi, yena efunda ugrade 11 nokwenze sanzima kakhulu isimo ekhaya. Uthi yize kunjalo ubeqinisela, efunda, yingakho ephume no-distinction abayisithupha.
Uthi into emenze wafisa ukungena kulo mkhakha wukubona izwe lakuleli libhekene nenkinga yokushoda kwamanzi.
Usdu Maphanga wasehammarsdale ukhuliswe ngabazali okungesibo abakhe njengoba abamzalayo engakaze ababone.
Uthi kuthe uma ekhula washona uyise (ongamzali) nokwenze impilo yanzima ngoba nguye obondla umndeni kodwa unina (ongamzali) ubeqinisekisa ukuthi umnika lonke uthando. Uthi uthole esekwamatikuletsheni ukuthi akusiye umzali wakhe lo omkhulisayo.
“Angikaze ngicabange nakanye ukuthi umama ongikhulisile akasiye umama wami. Ngathola ukuthi akasiye umama kodwa ngakhetha ukuhlala ngenxa yothando abenalo,” echaza ngezwi ebeligcwele umunyu.
Le ntokazi esencane kumanje yenza izifundo zobudokotela e-university of Kwazulu-natal.
tzondi@ilanganews.co.za