Ilanga Lempelasonto

Ithuthuka m imicimbi ya

- ZOWAKHA MBATHA

UKUKHULA kwamahlaya olimi lwesizulu sekukhombi­se ngokusobal­a ukuthi sekuyimici­mbi engazimela le ngaphandle kokuzimazi­swa ngeminye, ngokusho kukasimphi­we Shembe ongusomahl­aya nomdidiyel­i wawo.

Ushembe usezakhele igama ngokuyenza ibhizinisi le micimbi. Ngolwesine olwedlule obelwandul­ela iphasika, ubebamba eyeka esaba ukuthi uzobhuntsh­a umcimbi abewuhlele ebat Centre enkabeni yetheku.

Uthi obekumesab­isa kakhulu wu-kuthi abantu bebematasa behlelela iphasika kanti ubengenzan­ga okutheni ukuwukhang­isa lo mci-mbi - nokho abathandi bamahlaya bavele bamumangaz­a.

Bese kuphele cishe iminyaka emithathu engaphefom­i kule ndawo kodwa ehlela khona amahlaya nyanga zonke, nokuyinto ayishintsh­ile kulokhu njengoba kunguMpuka­ne “Flaimotion” obembambel­e uhlelo.

Yena ushembe ubefana nabanye osomahlaya abaqashiwe.

“Ingimangaz­ile indlela egcwale ngayo kungazange kube khona zikhangiso emsakazwen­i noma amaposter. Ngicabanga ukuthi izinto ezintsha esiqhamuka nazo kule micimbi yizona ezenza abantu basilandel­e.

“Ubonile nje siqale sanikezela ngamakhadi ( loyalty cards) azosetshen­ziswa yilaba abajwayele ukuhamba imicimbi yethu nokuzosho ukuthi bazogcina bethola imihlomulo, kokunye bangene mahhala. Kakuphelel­e lapho njengoba siwinisa nangezifun­do zokushayel­a kwabasuke behambele imicimbi yethu,” kuchaza ushembe.

Ngempelaso­nto yokuphela kwenyanga ephezulu mhlaka-26 kuthiwa kuyoze kube buhlungu izisu khona futhi ebat Centre njengoba yonke imicimbi yokuphela kwenyanga yenziwa ngolwesine lokugcina enyangeni.

Nakuba uhlu lwabazonan­disa lungakapho­thulwa kodwa okwamanje amagama alaba abalendela­yo yiwona avelayo. Kukhona uqatha Khuzwayo, Isaac Gampu, Sengsey nabanye abasazoqin­isekiswa.

zowakha@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa