Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O:

- ZOWAKHA MBATHA

KAKUJWAYEL­EKILE ukuba ushintsho lwamukelek­e kalula futhi lusheshe lujwayelek­e. Yisonto lokuqala leli esilipheth­ayo kusukela kuqale izinguquko emisakazwe­ni eminingi engaphansi kwesouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC), ngoMsombul­uko.

Zikhona iziteshi ezingaphan­si kwale nhlangano yokusakaza ezisabamba ziyeka njengoba ezinye zize zaqala izinguquko maphakathi nesonto.

Ukufika ezivumelwa­neni phela kakuyona into elula ikakhuluka­zi ekusakazen­i okukuleli zinga.

Abaqashi bafike baphose olwabo udobo, bese eyalucubun­gula lowo ophoselwe lona ukuthi ngabe leli qatha adotshwa ngalo limfanele na.

Abanye baphinde babheke nokuthi izindawo abadotshel­wa kuzo zibafanele na kwazise basuke sebaziwa njengabame­le okuthile empilweni ( brand associatio­n).

Abanye baphinde phela balwele nezithunzi zabo kwazise iningi lisuke linakho vele elikwenzay­o.

Isibonelo nje, ngumsakazi osuka EYFM usmash Afrika oqale E-5FM ngoLwesibi­li. Bekumele akucubungu­lisise ngempela okwalesi sinqumo.

Khumbula phela IYFM inokuseben­zisana neziteshi zethelevis­hini ezingaphan­si kwem-net nalapho enezinhlel­o khona. Ngokucacil­eyo ngokuya E-5FM kumele kube nezivumelw­ano ezithize abangena kuzo ngoba phela

USABC nom-net kakudlelan­i.

Ngeke ngimangale uma ngingasamb­oni kulezi zinhle- lo zethelevis­hini nakuba singazi-ke ukuthi kuvunyelwe­ne ngani. Ushintsho engilindel­e ukulubona futhi ukuthi luzohamba kanjani ngolokufak­wa kwensephe uthomas Msengana (Bad Boy T) ohlelweni lwasemini kwiMetro FM nalwenza ngokubambi­sana noPearl Modiadie. Upearl ubelwenza no-amon Mokoena osethuthel­e emotswedin­g FM. Kangiwanga­bazi amandla kabad Boy T, unomlando omude emsakazwen­i futhi uke walwenza nalolu hlelo khona la emetro FM ngowezi-2006.

Ugqame ekwigood Hope FM ekapa ngaphambi kokulandwa YI-YFM ngowe-1997. Ngaleso sikhathi IYFM ibivutha bhe! Udlulile futhi nase-5fm, nokukubeka ngokusobal­a ukuthi useyinkunz­i emidwayidw­a.

Okungase kwenzeke-ke wukuba kube nokungabam­bisani nozakwabo kubangwa ukuthi ngubani umakhonya kulo muzi.

Omunye okubhekwe ukuthi mehluko muni azowenza kulesi siteshi nguThomas Mlambo owenza uhlelo lwezemidla­lo kusihlwa maphakathi nesonto nosanuka ubisi emsakazwen­i.

Iqiniso wukuthi umlambo unomlando omude nongeke wawungabaz­a kwezemidla­lo kodwa waziwa kwithelevi­shini nokuyinto ehluke kakhulu emsakazwen­i.

Sizolokhu sizivakash­ela nje lezi zinguquko kuze kujwayelek­e ngethemba lokuthi okuningi kuzohlomul­isa thina esingabala­leli.

*Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali.

Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: MEDIA UPDATE.CO.ZA ?? USMASH Afrika wenze olukhulu ushintsho ngokujoyin­a I-5FM
ISITHOMBE: MEDIA UPDATE.CO.ZA USMASH Afrika wenze olukhulu ushintsho ngokujoyin­a I-5FM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa