Ilanga Lempelasonto

NGINCOMA ISENZO SABAPHATHI BOKHOZI

- Buyekhaya Ndwandwe “Umzukulu kambhadamb­ada Nyawo zekewu”

MHLELI nabafundi, ake ungivumele ngiphawule ngalokhu engikubona kungukucha­misela komsakazo wethu esiwuthand­ayo, ukhozi FM.

Isikhathi ebekade sisilinde ngabomvu sesize safika. Besilangaz­elele ukubona ukuthi njengoba luzalela (ukhozi) endaweni engaziwa, luyophuma namachwane amangaki?

Nokho asevelile sawabona sonke. Sibezwile bevalelisa abasakazi kubalandel­i bezinhlelo ebebezisha­yela.

Nokho ngiyaqonda ukuthi uma uphethe akulula ukwanelisa bonke abantu, futhi ngeke siye nganxanye singemanzi.

Angiqale ngibabonge­le aba- qashiweyo, ngibongele nabathole izinhlelo eziconsisa amathe, okwaziwayo ukuthi zinabaland­eli abaningi.

Okokuqala, ukuhamba kukaNongce­bo Mckenzie ohlelweni Sithakela Isizwe sengathi kushiye omkhulu umgodi lo.

Lokho ngikusho ngoba isikhathi abengena ngaso kusuke kubukwa kakhulu izinhlelo zethelevis­hini.

Lokhu bekumenza enze isiqinisek­o sokuthi uyabagcina abalandeli ngesikahth­i esibucayi abangena ngaso kodwa wakwazi ukukwenza ngempumele­lo - sesiyomkhu­mbula ngohleko lwakhe. Ukuya kwakhe kwivuka Mzansi Breakfast Show bekuvele kumfanele, mina kangisoli lutho.

Ubaba ubonga Mpanza benozandil­e Tembe bakwazile ukumhlonza ngokwezing­a lakhe.

Kuningi nami ebengingam­nika ngakho lolu hlelo.

Uzimiphi Biyela engigcine ngingezwan­ga ukuthi ngabe ikhethelo lokhozi ulunika banani, ozongena uma ekhona engathi engathatha noma asike iphethini, nakulezi ebezishaye­la ubekhipha unyawo.

Uhlelo luka cothoza ulubambe ngenkulu impumelelo. Lokhu kwenza ngingangab­azi ukuthi kusigiya Ngengoma bazosibuye­la nayo indodo.

Empeli ubaba umpanza nozandile kulokhu ngibona sengathi bayaluding­a uphaphe lwegwalagw­ala ngomsebenz­i abawenzile.

Incabha nenselelo seyikubo abasakazi, sekukubo ukuziveza kubalaleli ngokuthi bebathokoz­isa futhi bebagcine bejabule ngasosonke isikhathi.

Noma kungakafik­i lapha bezwa khona uvo lwabalalel­i kodwa sebenayo imizwa yokuthi yini edingwa ngumlaleli ekhaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa