Uzesatshiswa wubuthakathi izimfene NGAPHANDLE KWENKUNDLA:
UKHATHAZWA wukubhalwa ngendlela engaqondile kwesibongo sakhe usiboniso Conco ongumdlali welamontville Golden Arrows. Lo mdlali ngowakwachonco ngokwesibongo esiqondile.
Uthi kwenzeke iphutha ngesikhathi unina eyokwenza umazisi okuholele ekutheni leli phutha likapakele nakuzona zonke izingane zakwabo.
Uthi uzokwenza konke okusemandleni ukulungisa leli phutha emnyangweni wezesekhaya.
Lo mdlali odabuka entshawini, Kwadukuza, akawuvali umlomo ngohambo lwangeledlule njengoba kade bevakashele espain nesikwati esinqobe imultichoice Diski Challenge (MDC).
Usiboniso ubeyingxenye yesikwati se-arrows esivakashele enetherlands ngemuva kokunqoba yona futhi IMDC, yize efike esezodlala umdlalo owodwa.
Lo mdlali ubeliphela endlebeni ezitobheni zekaizer Chiefs emdlalweni wakhe wokuqala ngqa esigabeni esikhulu bewasha ijezi kwinedbank Cup.
Lo mdlali ubedlala kuthongathi FC ngesikhathi lunyukela kwiSouth African Football Association (Safa) Kwazulu-natal ABC Motsepe League.
Uthongathi selugijima kwinational First Division (NFD). Usuke kuthongathi wajoyina i-arrows ebe isimbolekisa kumvoti FC odlala kwimotsepe League.
Ukuqina kokhakhayi kuholele ekutheni Abafana Bes’thende bamlande ngokushesha.
Ngesikhathi esiza uthongathi FC ukunyukela kwimotsepe League, ubenza ugrade 12 echief Albert Luthuli Secondary, kanti ngaphambi kwalokhu ubefunda eloyd Primary nasedonview.
Ingxoxo kasiboniso NELANGA Langesonto ( IL) ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:
IL: Kawusithi fahla ngemvelaphi yakho.
Siboniso: Ngikhulele entshawini kodwa umama, uphumelele, udabuka kwesakwamthethwa empangeni. Umama ulandele ugogo uthembisile obeyozama amatoho Kwadukuza base behlala khona.
IL: Basekhona abazali emhlabeni?
Siboniso: Sebadlula emhlabeni. Umama ushone ngisemncane kakhulu, kanti ugogo usishiye ngonyaka odlule.
Ubaba naye usadlula emhlabeni, kodwa-ke kangimazi kangako ngoba kangikhuliswanga nguyena. Engikwaziyo nje wukuthi ngowaseSakhamkhanya edoringkop, Kwadukuza. IL: Nibangaki kwenu?
Siboniso: Sibathathu. Yimina, uzanele nozandile abakwadukuza. Konke engikwenzayo ngikwenzela bona, bawumthwalo wami emuva kokushona kukagogo.
IL: Usugcagcelwe?
Siboniso: Angikakashadelwa kodwa ngiyakufisa ngelinye ilanga. Nginezingane ezimbili, uphilasande ohlala Kwamaphumulo nobayanda osentshawini.
Uma izinto sezihamba kahle ngizokwakha umuzi ozohlala odadewethu, bese ngilanda nezi- ngane zami.
IL: Yikuphi ukudla okuthandayo?
Siboniso: Ngizifela kakhulu ngophuthu nemifino.
IL: Yimuphi umbala okushaya ngaphakathi?
Siboniso: Omhlophe.
IL: Imoto ekuchazayo iyiphi?
Siboniso: I-TT yakwa-audi iyangiwasha.
IL: Likhona yini izwe ofisa ukulivakashela?
Siboniso: Ngiyithanda kakhulu imadagascar, ngiyafisa ukuvaka- sha kuyona.
IL: Usebenzisa nhloboni yeselula?
Siboniso: Ngiphatha isamsung Galaxy J5.
IL: Lukuphathe kanjani uhambo lwasespain?
Siboniso: Siphatheke kahle kakhulu futhi sifunde okuningi. Okungichaze kakhulu wukubuka bukhoma ireal Madrid.
Ngichazeke kakhulu ngibona ucristiano Ronaldo evalela amagoli amane emdlalweni owodwa. Lokhu kusikhuthaze kakhulu. Ngijabule kabi ngifika ebarcelona ngoba vele ngizifela ngayo. Bengizitshela ukuthi ngizogcina ngokuphupha nje ngokuya lapho kudabuka khona le kilabhu kanti unkulunkulu uzolenza icebo. Ulwazi lwami luthuthuke kakhulu ngoba nasenetherlands kuningi engikufundile.
IL: Kuleli ikhona ikilabhu obuzifela ngayo?
Siboniso: Ngenhlanhla bengichazwa yisitayela se-arrows isalolongwa ngumanqoba Mngqithi.
Lokhu kungenze ngathambekela ngakuyona futhi ngijabule ngokuthi ngigcine sengidlala kuyona le kilabhu.
IL: Yini oyenzayo uma ungekho matasa ngonobhutshuzwayo?
Siboniso: Ngizihlalela endlini, sizipholele nabalingani bami engihlala nabo. Sihlala emorningside nonkosikhona Dube, ungunezi Mkhize nofalakhe Tshanini. Njalo ntambama ngiya kojima evirgin Activeeseworkshop.
IL: Yiluphi uhlobo lomculo olukushaya ngaphakathi?
Siboniso: Angihlukani nomasikandi. Ngisho ngaphambi kokuba kuqale umdlalo ngizidlalela wona. Ugogo wami nguyena ongenze ngathanda lo mculo. Ngikhonze kakhulu umculo kamgqumeni “Ibhova Likadikadika” Mseleku nokakhuzani “Indlamlenze” Mpungose.
IL: Ukhona umdlalo owuchungechunge owukhonzile kumabonakude?
Siboniso: Ngikhonze ukubuka Isithembiso, Isibaya ne-the Queen.
IL: Ngabe wenzani ukuba kawuyena umdlali webhola?
Siboniso: Angingabazi ukuthi ngabe ngiyiphoyisa. Bengiwuthanda lo msebenzi ngenxa yokubona indlela okukhula ngayo ubugebengu ezweni lethu.
IL: Ubani obukela kuyena kunobhutshuzwayo?
Siboniso: Ngibukela kubonginhlanhla Gwala ongumnikazi womvoti. Uyikho konke kimina. Ngimbonga kakhulu ngeziyalo zakhe ezingikhulisayo kulo mdlalo.
IL: Uyakholelwa ekusebenziseni umuthi?
Siboniso: Mina angiwusebenzisi umuthi. Ngikholelwa kakhulu emthandazweni. Nokho-ke ekhaya siyahlaba futhi ngisazoqhubeka nakho.
IL: Yisiphi isilwane osithandayo nosesabayo?
Siboniso: Ngithanda ibhubesi. Ngenze ne- tattoo yalo entanyeni.
Isilwane engisesabayo yimfene ngoba ngezwa kuthiwa ikhonzwe ngabathakathi.