Ilanga Lempelasonto

Uchashwe ngenhlamba owe-arrows

Usolwa ngokudlise­la Abafana Bes'thende

- SENZO SOKHELA

UPHUME emanaphana­pha yinhlamba uclinton Larsen ongumqeqes­hi welamontvi­lle Golden Arrows ngesikhath­i ifree State Stars igoduka nephuzu ebelingayi­fanele emuva kokuba la makilabhu ebambane ngo-1-1 kowe-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o ntambama eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.

Ifree State igoduke nephuzu kulo mdlalo ingashayan­ga goli njengoba unkanyiso Mngwengwe elihlabe ngasekhaya ngomzuzu wama-56, kwalamula usiphelele Magubane oshaye elokulinga­nisa ngowama-72. Abalandeli beArrows bavuke indlobane ngomzuzu wama-61 ngesikhath­i ularsen ekhipha usandile Zuke wafaka uwayde Jooste. Bamubize ngezinhlam­ba ezesabekay­o ezingeke zabhaleka, bamubiza nangenja edlisela i-arrows.

Bathe umato Madlala ongumnikaz­i wale kilabhu kufanele amuxoshe ngoba amakhaladi uma eqeqesha le kilabhu ayifaka ehlathini njengoba kwenzeke ngesikhath­i isalolongw­a ngushaun Bartlett. Baze babuza ukuthi woneni unduduzo Sibiya njengoba engasadlal­iswa. Nangesikha­thi umdlalo usuphelile bebelokhu bekhononde njalo bethi le kilabhu inqoba uma ihambile uma isekhaya idlala udoti webhola.

Nakuba abalandeli be-arrows bezwakalis­e ukungenami kodwa le kilabhu ibe neshwa kulo mdlalo, bekufanele iwunqobe. Yiyona ethole amathuba angcono kunawefree State kodwa ngenxa yesifo esihlasele ebholeni lakuleli, yangawaseb­enzisa.

Ujabulani Shongwe odlala esiswini kwi-arrows, oqokwe njengomdla­li ovelele, uke washaya ipali ebhekene nonozinti. Ngaphandle kwaleli thuba, maningi amanye atholwe yi-arrows kodwa yawashweba.

Ularsen uthe: “Sibe neshwa kulo mdlalo, bekufanele siwunqobe ngenqwaba yamagoli. Ngesiwombe sokuqala nje sakhe amathuba amaningi, bekufanele okungenani siye ekhefini sihamba phambili ngo-2-0. Ngijabule ngoba sikwazile ukulwa sathola iphuzu yize belingasif­anele. Ngizwile abalandeli bekhala ngikhipha uzuke ngeshwa ngeke ujabulise wonke umuntu. Besihlulwa sifuna igoli bekufanele simukhiphe sifake umdlali ohlaselayo ngenhlanhl­a silitholil­e igoli.”

Uluc Eymael ocija ifree State, uvumile ukuthi basindiswe wukuba buthuntu kwe-arrows.

“Kasizange sidlale kahle, i-arrows ibingcono kunathi kodwa-ke ngijabule ngephuzu esilitholi­le,” kusho u-eymael.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UDANNY Venter wegolden Arrows nobangaly Keita wefree State Stars bebhekene emdlalweni weligi ophele ngo-1-1 izolo Kwamashu.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UDANNY Venter wegolden Arrows nobangaly Keita wefree State Stars bebhekene emdlalweni weligi ophele ngo-1-1 izolo Kwamashu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa