ESKHALENI:
ISIKHULU esiphezulu esibambile kwipremier Soccer League (PSL), umato Madlala, sesiyohlanganisa izinyanga ezingama-30 siqhoqhobele izintambo kulesi sikhundla esixake ngokukhulu ukushesha izikhulu ezimbili ebeziqashwe kusona ngokugcwele.
Lesi sikhundla esiphezulu kwiPSL sishise uzola Majavu osibambe izinyanga ezine nje kuphela ngowezi-2011.
Umajavu ulandelwe ngustan Matthews kulesi sihlalo yena osibambe izinyanga eziyisi-8 ngowezi-2012.
Sibe sesinikwa ubrand de Villiers ngonhlangulana (June) wezi-2013.
UDE Villiers uhlale kusona izinyanga ezingama-29 njengoba eshenxe kusona ngolwezi (November) wezi-2015.
I-PSL inqume ukusinika umato ukusibamba okwesikhashana.
Umlando ukhomba ukuthi umato lesi sikhundla usebe kusona isikhathi esingaphezulu kwesihlalwe yilezi zikhulu ezintathu ebeziqashwe ngokugcwele ukusibamba ngaphambi kwakhe.
Phambilini umato ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba, uzwakalise ukuthi phakathi kwezizathu eziholele ekutheni abanjiswe lesi sikhundla, wukuthi isigungu esiphezulu SEPSL besifuna ukwazi ngomuntu oyingxenye yaso ukuthi yiziphi izingqinamba ezihlangabezana nezikhulu eziphezulu kule nhlangano, ezenza ukuba izikhulu zingahlali isikhathi eside kusona.
Wabuchaza ubunzima akholwa wukuthi buxosha izikhulu eziphezulu, waze wananela ngokuthi cishe nxa sekuqokwe isikhulu esisha ukuthatha lesi sikhundla ngokugcwele, ukholwa wukuthi uyohlala ezwelana naso ngoba usebuqonda kahle ubunzima nezinselelo ezihambisana naso.
Nakuba umato azwakala njengomuntu osebuqonda kahle ubunzima bokuba yisikhulu esiphezulu, kodwa kubukeka sengathi basaxakeka abaqashwa ukwenza umsebenzi ofanayo kwilamontville Golden Arrows angumnikazi wayo.
Izikhulu kubukeka zingahlali kule kilabhu njengoba leli sonto elisongwayo liqale ngezindaba zokushiya esikhundleni kukagordon Masondo obeyisikhulu esiphezulu kubafana Bes’thende.
Umasondo ubenza umsebenzi ofanayo kwi-arrows nobewuqashelwe ujames Dlamini obebizwa ngemenenja-jikelele.
Cishe yingane ekhasayo engaphika ukuthi ukufika kukamaso- ndo kwi-arrows kushiye udlamini engasenawo umsebenzi, okungathusanga uma (udlamini) ejoyina iroyal Eagles edlala kwinational First Division (NFD) lapho enza umsebenzi ofanayo kuyona.
Ngaphambi kukadlamini, lesi sikhundla sike saphathwa ngugugu Marawa. Ugugu cishe yisona sikhulu esethulwe ngegiya eliphe- zulu kwi-arrows.
Nokho akahlalanga isikhathi esitheni njengoba ashiya isigubhukane kuyona.
Njengoba umato esebenza ngabanikazi bamakilabhu kwipsl, abahlale befuna ukuba izinto zenzeke ngendlela ebavunayo ngaso sonke isikhathi, kwenza kulindeleke ukuba kuhleleke kangcono ekilabhini yakhe.
Nakuba zingacacile kahle izizathu ngokushiya kukamasondo kodwa sikholwa wukuthi ozonikwa lo msebenzi ngokuzayo uyokwazi ukuhlala isikhathi esingaphezulu kwesesibanjwe ngumato kwipsl.
Phela njengoba isikhulu esibambile kwipsl salibeka ngesihloko elokuthi sizomeseka ngokugcwele oyongena ezicathulweni zaso, silindele ukuba konke kuqale ekhaya, nophethe isikhundla esifanayo ekilabhini yaso ahlale isikhathi esithe xaxa, kungaphekwa kuthululwa.
Nokho ngikuqonda kahle ukuthi unobhutshuzwayo yibhizinisi, nxa umuntu engasakhiqizi kumele akhululwe.