Ilanga Lempelasonto

UMGADLI ULOBIZELA UKUBINGELE­LA IZITHA NGENQAKU

-

ULOBIZELA ukubingele­la izitha ngegoli udiego Costa ( osesithomb­eni) we-atletico Madrid eqhathwe nomkhaya ireal Madrid namuhla ngesonto kowe-spanish La Liga.

Ucosta sekuphele amasizini amane egcine ukudlubha ijezi le-atletico ibhekene nereal Madrid njengoba kade esedlalela ichelsea yase-england.

Ngaphambi kokuya e-england, udlale imidlalo eyisikhomb­isa yeAtletico ibhekene nereal Madrid, kanti kowokugcin­a uvalele igoli.

Kulowo mdlalo ugareth Bale wereal Madrid ubedlala umdlalo wakhe wokuqala ngemuva kokuthengw­a kwiTottenh­am Hotspur yase-england.

Ngaleso sikhathi ibrazil ibilwela ukuthi ucosta adlalele yona njengoba bekunethub­a lokuthi adlalele ispain.

“Ngijabule ngokubuyel­a espain. Abantu abaningi bazitshela ukuthi ngibuyele ukuzobheka­na nereal Madrid kanti akunjalo. Umsebenzi wami wukuzosiza i-atletico esikhombis­e kaningi ukuthi iyakholelw­a kimina. Ngifuna ukuyibonga ngamaphuzu nokunqoba izinkomish­i ngakho konke esingenzel­e khona. Uma livela ithuba lokuhlohla igoli kowanamuhl­a ngeke ngiliyeke,” kusho ucosta.

Isiyonke imidlalo yespanish La Liga ehlelelwe ukugijinyw­a namuhla ngesonto imi kanje:

Levante vs Las Palmas 12h00 (SS7).

Real Madrid vs Atletico Madrid 16h15 (SS7).

Real Sociedad vs Girona 18h30 (SS7).

Valencia vs Espanyol 20h45 (SS7).

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Villarreal vs Athletic Club 21h00 (SS7).

Eye-english Premiershi­p ididiyelwe kanje:NAMUHLA NGESONTO

Arsenal vs Southampto­n 15h15 (SS3).

Chelsea vs West Ham United 17h30 (SS3).

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa