Ilanga Lempelasonto

Owechiefs ucishe wavulela iqupha

Kuthiwa ucasulwe wukuphapha komqeqeshi

- SENZO SOKHELA

USINDE ekufinyisw­eni igazi ngusteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi wekaizer Chiefs uluc Eymael owenza umsebenzi ofanayo kwifree State Stars.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi kwale kancane ukuba ukomphela axove ngequpha u-eymael emsola ngokuphaph­a.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngemuva komdlalo we-absa Premiershi­p lapho ichiefs iguqise ifree State ngo-1-0 wegoli likaTeenag­e Hadebe ngolwesith­athu ebusuku egoble Park Stadium, ebethlehem.

Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu kwazise u-eymael ukhonjwa esigqikini sikakomphe­la kwiChiefs.

Kuyiwe kulo mdlalo u-eymael esanda kushiya angalazi kukomphela emsola ngokukhulu­ma amazwi ayiziswana kuyena.

Uze walibeka ngesihloko elokuthi ukomphela akabheke umsebenzi wakhe kwichiefs, angafuni ukuvika ngabanye abantu njengoba ehluleka.

Leli phephandab­a lithole ukuthi u-eymael ucishe wathola isibhaxu kukomphela emuva kwalo mdlalo, ngasezindl­ini zokushi- ntshela.

U-eymael ubengahlel­i ebhentshin­i kulo mdlalo kwazise ubedonsa isigwebo semidlalo emibili asinikwe yikomidi eliqondisa ubugwegwe lepremier Soccer League (PSL) ngenxa yokuhlulek­a wukuziphat­ha.

Kuthiwa lo mqeqeshi odabuka ebelgium uye kukomphela emuva komdlalo wakhuluma naye sakubhuqa, efuna nokumxhawu­la.

Kuthiwa izinkulumo zalo mqeqeshi kazehlanga kahle kukomphela washo ukumuminya, kwalanyulw­a kukubi.

Umthombo waleli phephandab­a ongaphakat­hi kwifree State Stars, uthe: “Inkinga ka-eymael wukuphapha. Empeleni nezikhulu zeFree State kazisamuzw­isisi kahle ngoba uphaphile.

"Besingekho nje isidingo sokuthi ayosukela ukomphela.

"Ubephapha nje futhi ngabe kungcono ukuba umshayile ukomphela. Umane wamyeka nje.”

U-eymael uvumile kuleli phephandab­a ukuthi kuke kwaba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nokomphela emuva kwalo mdlalo. Nokho uzwakalise ukuthi usedlulile kulokho.

“Ngiyamhlon­ipha kakhulu ukomphela, okwenzekil­e kwenze- kile kangifuni ukugxila kukhona,” kusho u-eymael.

Imizamo yokuthola ukomphela ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

 ??  ?? ULUC Eymael wefree State Stars ocishe wadliwa yisibhaxu sikakomphe­la.
ULUC Eymael wefree State Stars ocishe wadliwa yisibhaxu sikakomphe­la.
 ??  ?? USTEVE Komphela wekaizer Chiefs.
USTEVE Komphela wekaizer Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa