Ilanga Lempelasonto

ABALANDELI BE-CHIEFS BASHAYE UKOMPHELA

- PHILANI NCALANE

UPHUME eseshaywa usteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi wekaizer Chiefs ethelwe ngehlazo yichippa United kuba ngu-30 kowe-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o ntambama EFNB Stadium, enasrec, egoli.

Abalandeli bechiefs abebedinwe begane unwabu ngemuva kwalo mdlalo, basusuluze ukomphela ngama-aphula, izigubhu nezinye izinto ezingavume­lekile emidlalwen­i.

Ungene emhhumeni obheke ezindlini zokushints­hela kukubi.

Nabadlali bale kilabhu kabasindan­ga olakeni lwabalande­li abese bevuke indlobane, bejikijela konke abebekutho­la eduzane ngenxa yokudinwa. Nabo abadlali baphume ngesamagun­dane kulo mdlalo.

Kulindelek­e ukuba ichiefs ijeziswe yipremier Soccer League (PSL) ngalobu bundlavini.

Amagoli okunqobe ngawo ichippa avalelwe enethini nguthabo Rakhale ngomzuzu wama-25, umxolisi Machuphu ngowama-78 noEdward Manqele ngesikhath­i somusa kanondweba.

Ukuhlulwa kwechiefs kwenze amfimfa kakhulu amathuba okulwela isicoco seligi.

Ukomphela ubukeka esehlalelw­e wukunqoba inedbank Cup ukuba nento angabambel­ela ngayo ukuze kuvuselelw­e inkontilek­a yakhe ephelayo ngokusongw­a kwale sizini.

Ichiefs izodudulan­a neplatinum Stars ngomgqibel­o ngo-20h00 enkundleni efanayo ngaphandle kukateenag­e Hadebe othole ikhadi eliphuzi kowayizolo.

Leli khadi limjikijel­a ngaphandle koweplatin­um.

Lo mdlali ubukeka esenhliziy­weni kakomphela njengoba esevamise ukuqala ngaye emuva.

Isikhala sakhe sibukeka sizogqama njengoba ekwazi ukutakula izimpofana ezimweni ezinzima.

Uhadebe nguyena ovalele igoli lechiefs seliyoshon­a ihlula ifree State Stars ngo-1-0 phakathi nesonto.

Uhadebe uthole ikhadi eliphuzi nakuwo lo mdlalo. Ukudlala kahle kukahadebe sekuholele ekutheni abuye angalinikw­a ithuba u-eric Mathoho oseze walahlekel­wa yindawo kwibafana Bafana.

Udumisani Zuma ongene endaweni Bongolweth­u Jayiya, uhlulwe ngamathuba amabili alula.

Ichippa ibinganqob­a ngembudlu yamagoli ukuba ibingagang­i ngebhola iphinde iphisane ngalo.

Lo mphumela kube nzima ukuwetshis­a kubalandel­i bechiefs njengoba bebehhewul­e ukomphela baphinde bamjikijel­a ngezilimaz­o ngemuva komdlalo.

Ichiefs izophinde idudulane nefree State Stars kwi- semi final yenedbank Cup ngomgqibel­o womhla zingama-21 kwephezulu emoses Mabhida Stadium, ethekwini, kuthi ngakusasa ngesonto imaritzbur­g United idudulane nemamelodi Sundowns kwi- semi final yokugcina eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? BAPHUME sebevika izilimazo ebezijikij­elwa ngabalande­li bekaizer Chiefs abadlali nabaqeqesh­i bale kilabhu ecasule abathandi bayo ithelwa ngehlazo yichippa United kuba ngu-3-0 koweligi izolo EFNB Stadium, egoli. Abalandeli bechiefs balibeka ngesihloko...
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E BAPHUME sebevika izilimazo ebezijikij­elwa ngabalande­li bekaizer Chiefs abadlali nabaqeqesh­i bale kilabhu ecasule abathandi bayo ithelwa ngehlazo yichippa United kuba ngu-3-0 koweligi izolo EFNB Stadium, egoli. Abalandeli bechiefs balibeka ngesihloko...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa