Bagxeka uphenyo ngemali yabaculi
Bathi umphenyi usenga ezimithiyo, uholela abaculi ophathe
BASHAYA amakhala, bamsola ngokuphakamisa amaphaphu kubaculi kungenasidingo ugraeme Gilfillan, osanda kuphumela obala ngophenyo lwakhe lwezizumbulu zemali yabaculi athi ziduve kwiSouth African Music Rights Organisation (Samro).
Ngeledlule kuvele imibiko yophenyo okuthiwa lwenziwe nguMnu Gilfillan mayelana nenkohlakalo athi idla lubi kule nhlangano yabaqophi bomculo.
Kulolu phenyo umnu Gilfillan uveze ukuthi kunezizumbulu zemali yabaculi egcina ingafinyeleli kubona ngenxa yenkohlakalo okuthiwa ikwasamro.
Umnu Gilfillan wenze uphenyo ngemali athi bekumele itholwe yisihlabani somculo wokholo uhlengiwe Mhlaba, kodwa wagcina engayitholanga, kwavela negama lowayengumphathi wakhe usipho Makhabane enye imali ekhonjwa kuyena.
Lolu phenyo lwalo mmeli lwethuse abaqophi bomculo abaningi njengoba kukholakala ukuthi lunyuse amaphaphu kwabanye abaculi, baba nethemba lokuthi nebala zikhona izimali zabo eziduve kwisamro.
Imithombo eyahlukene ekhulume naleli phephandaba, esembonini yezomculo, ichaze umnu Gilfillan njengosomathuba.
Omunye umthombo okuwona lo mkhakha usola umnu Gilfillan ngokuthi usemoshe inqwaba yabaculi ngokukhipha imibiko engenasisekelo.
“Ngikhuluma nawe nje baningi abaculi abakhalayo ngaye. Okubuhlungu wukuthi uyabakhokhisa, ekugcineni le mali athi kumele bayithole bagcine bengayitholanga,” kusho umthombo.
Umnu Sipho Sithole ongumnikazi wenkampani inative Rhythm futhi ongomunye wongoti emculweni uchaze umnu Gilfillan njengomuntu osenga ezimithiyo.
“Mina uke wangihambela ngemuva esayinisa umculi wami usiphokazi inkontileka yokuthi uzomqoqela zonke izimali zakhe ezikwasamro. Ngimbuzile ukuthi kungani enza lokho ngoba naye ngeke athande uma ngimhambela ngemuva ezindabeni ezithinta yena. Ngigcine ngimphoqa ukuba ayinqamule le nkontileka abeyisayine nosiphokazi ngingazi,” kuchaza umnu Sithole.
Uthi isamba semali esivezwa ngumnu Gilfillan ngodaba oluthinta uhlengiwe Mhlaba siyihaba elikhulu.
“Uma ubheka umculo kahlengiwe omningi akusiwona owakhe kodwa umculo obukhona emphakathini, akwenzile yena wukuwuhlela ngendlela yakhe nokuyinto echaza ukuthi ngeke akwazi ukuhlomula imali egcwele ngawo,” kuchaza umnu Sithole.
Isikhulu sakwasamro, unkz Nothando Migogo, siveze ukuthi okwenziwa ngumnu Gilfillan kuyakhathaza ngoba unyusa amaphaphu kubaculi abangenalo ulwazi olugcwele ngezimali ezikhona kwasmaro.
“Konke esikwenzayo kusobala njengoba nezitatimende zemali esiyiqoqayo nesiyisabalalisayo zitholakala kwi- website. Ngakho kungampunge ukuthi kunemali yabaculi eduve kithina,” kusho unkz Migogo.
Uthi ngeke asheshe akudalule ukuthi bazothatha ziphi izinyathelo ngombiko kamnu Gilfillan njengoba besathola ukwelulekwa kwezomthetho.
“Okuseqhulwini kithina wukuqinisekisa ukuthi amalungu ethu ayacaciseleka ngemali esiyiqoqayo nangendlela esiyisabalalisa ngayo ukuze angaholelwa ophathe ngabantu abafuna ukudla imali yawo.
“Siyakuqonda ukuthi lokhu sekunyuse amaphaphu kumalungu ethu, ngakho okumele sikwenze wukubafundisa sibaqwashise ukuze bahlome ngolwazi, bangadlali abantu,” kusho yena.
Uqhube wathi uma sekufike isikhathi esifanele bazocacisa ngezinyathelo abazozithathela umnu Gilfillan.
Eziphendulela umnu Gilfillan ngalezi zinsolo abekwa zona uthe labo abamsolayo yibona kanye abancela igazi labaculi. “Umsebenzi wami uyazikhulumela njengoba sengike ngasebenza nenqwaba yabaculi nezinkampani ezizimele. Laba abenza lezi zinsolo ngami kusho ukuthi bona bahlakaniphile,” kusho yena.
Utshele ILANGA Langesonto ukuthi yibona abaculi abamcelayo ukuba abaphenyele uma kukhona abangakuqondi kahle ngezimali zabo.
“Inkampani engiyisebenzelayo inisa isineminyaka engaphezulu kwengama-20 isebenza futhi ine-rekhodi elihle ekusizeni abaculi,” kulanda yena, ebala izinkampani nabaculi aseke wasebenza nabo. lucky.cain@ilanganews.co.za