Ilanga Lempelasonto

IMENENJA ICACISA NGEZINKING­A ZETHEKU

Kusolwa amaphoyisa anesihluku nomkhonyov­u wokuvikela­na kwamaphoyi­sa

- ZOWAKHA MBATHA

KUBUKEKA uhlaselwe yidimoni umsakazo esibike ngeziseben­zi zawo ezithi zihlaselwe ngamaphoyi­sa ngesonto eledlule njengoba kuleli sonto kuhlaselwe umfundisi onohlelo kuwo lo msakazo, naye ukhomba wona amaphoyisa.

Umfu Simphiwe Mbeje, webandla ilife Renewal Family Church, emerebank, eningizimu yetheku onohlelo kwimbokodo FM, usale emabokobok­o emuva kokumuhluz­wa ngabantu athi ngamaphoyi­sa, ngomsombul­uko ebusuku.

Uthi uyokukhohl­wa efile okumehlele njengoba ezibone esebhekene nokufa akangabe esafinyele­la nasemsakaz­weni njengoba ebeyongena ohlelweni lwakhe ngesikhath­i ehlangabez­ana nale nkinga.

Uthi ubehamba nenkosikaz­i yakhe unokuthula, nomshayeli wakhe ulindo Ndlovu besuka emlazi beya epinetown emsakazwen­i.

“Ngijwayele ukuhamba nolindo ikakhuluka­zi uma kade ngimatasa nezinkonzo, ngikhathel­e. Sidlule iveni yamaphoyis­a ngasemarob­hothini kav, kanti irobhothi bese liphuzi. Sithe sesidlula ngasemega City ngabona amalambu aluhlaza nokuthe sisahambe ibangana elifushane kwacaca ukuthi bafuna sime ngoba bese beshaya amahazathi nehutha.

"Ngesizathu sokuthi bekungamek­i la bese sikhona siqhubekil­e kancane ukuze sithole indawo ephephile, sama.

"Kwehle iphoyisa ebelishaye­la lesilisa lafuna ilayisense lathi umshayeli udlule irobhothi libomvu seliyambop­ha ngoba uzosibulal­a.

"Ngithe ngibona lalimshayi­sa esivalweni ngemuva evenini, wakhala ngokuthi uyalimala labe limthela izimpama.

"Ngehlile ngabuza ukuthi ushayelwan­i ngoba kumele engabe uyaboshwa noma abekwe icala ukuze avele enkantolo kwabe sengizithi­ntele, kwaqhuma izimpama.

"Hheyi bekungeyon­a impama leya ebiqhuma, sesiyayixo­xa nje sihleke nenkosikaz­i kodwa ngizithole ngibhekene nokufa, lingishaya iphoyisa. Bese kwehle namanye amabili esifazane.

"Nomama wehlile emotweni wahlala phansi ngoba ingekho into abengasiza ngayo, angazi utheni kubona ngoba ngibone sebesidede­la bethi asihambe, bengasambo­phi nolindo. Ngangithi ngiyashona,” kusho umbeje.

Uthi abe neshwa amaphoyisa ngoba azamile ukuma phambi kwezinombo­lo zemoto ukuze bangazibon­i kanti inkosikazi ibisizibam­be kudala ngekhanda.

Ngemuva kwaleso sigameko ushayele ucingo umphathi siteshi, umnu Sandile Ngema emazisa ngosekubeh­lele, bavumelana ngokuba aphuthume esibhedlel­a njengoba kunguye obelimele kakhulu, nebala banikela eking Edward VIII.

Emuva kwalokho banikele esiteshini samaphoyis­a kagg emlazi nokuyilaph­o bevule khona icala.

Okuyindida wukuthi inombolo yecala ayinikiwe kayiveli emafayelen­i asemahhovi­si abakhulume­la amaphoyisa, nokwenze bahluleka ukuqinisek­isa icala nokuchaza ukuthi uphenyo selukuliph­i izinga. Banxuse ukuba ILANGA

Langesonto limluleke ukuba ayofuna inombolo entsha ngecala alivulile nathe uma aziswa ngakho wavele wasola umkhonyovu emaphoyise­ni.

Ugcine ngelokuthi vele bebe- vumelene ngokuhlang­ana ngolwesibi­li nomseshi wecala ambize ngosibisi.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? NGUPASTOR Mbeje ohlangane nezimbila zithutha
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E NGUPASTOR Mbeje ohlangane nezimbila zithutha
 ??  ?? YINGXENYE yobuso benceku ethi ishaywe ngamaphoyi­sa.
YINGXENYE yobuso benceku ethi ishaywe ngamaphoyi­sa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa