Ilanga Lempelasonto

AKAQALI OPHENYA NGEYABACUL­I

- LUCKY CAIN

AKAQALI ukwenza izinsolo ezishaqisa­yo ngenhlanga­no emele abaqophi bomculo isouth African Music Rights Organisati­on (SAMRO) ,umnu Graeme Gilfillan, osematheni kulezi nsuku ngophenyo alwenzile oluthinta izizumbulu zemali okumele ngabe itholwa ngabaculi kule nhlangano.

Umnu Gilfillan usanda kukhipha umbiko wophenyo osuphakami­se imimoya ngemuva kokuqashwa yisihlaban­i somculi wowokholo uhlengiwe Mhlaba ngemali yakhe ekwasamro.

Ophenyweni lwakhe, umnu Gilfillan, uthole ukuthi uhlengiwe ukweletwa izizumbulu zemali yile nhlangano nosipho Makhabane obengumpha­thi wakhe.

U-adv Joel Baloyi ( osesitho

mbeni) oke wasebenza esamro futhi oyi-senior Lecturer e-university of South Africa (Unisa) uthi akusikho okokuqala umnu Gilfillan esola le nhlangano ngemali yabaculi.

“Kuke kwaba nesigameko lapho asola le nhlangano ngezimali zikabrenda Fassie oluze lwafinyele­la enkantolo, nabacwanin­gi abazimele abaphenye usamro bathola ukuthi usenga ezimithiyo,” kuchaza u-adv Baloyi.

Uthi njalo uma umnu Gilfillan enza lezi zinsolo imvamisa alibi khona iqiniso noma okuphathek­ayo.

“Nasodabeni oluthinta u-oliver Mtukudzi nohugh Masekela wenze izinsolo ezifanayo, kwavela ukuthi usenga ezimithiyo njengoba laba baculi bengewona amalungu akwasamro,” kuchaza u-adv Baloyi.

Uthi nakuba engeke aqinisekis­e ukuthi lolu phenyo lwakamuva luyiqiniso noma cha kodwa umnu Gilfillan esikhathin­i esiningi uvamise ukushaya eceleni ngophenyo lwakhe. Umnu Gilfillan ubale izinkampan­i nabaculi aseke wasebenza nabo nalabo asaqhubeka nokusebenz­a nabo.

Uthi ngeke aphendulan­e nabantu abangenalo ulwazi olugcwele ngoba uzobe udlala ngesikhath­i sakhe. Uqhube wathi useke waphenyela inqwaba yabaculi nezinkampa­ni ngempumele­lo, umsebenzi wakhe uyazikhulu­mela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa