Ilanga Lempelasonto

SIZIPHOLEL­E: "Kumele wazi izibalo ukuze udide izitobha"

- SANDILE MAKHOBA

UPHAHLWE ngabantwan­a bakhe ulifa nonomcebo.

KUNABANTU obabonayo nje ukuthi udumo abanalo abaludingi kodwa baluphiwa umdali. Lapha ngikhuluma ngomdlali kanobhutsh­uzwayo odume umhlaba wonke kodwa ozithobe ngendlela eyisimanga. Lowo yinsizwa yakwamashu, eningizimu yetheku, usyabonga “Bhele” Nomvethe.

Ngithole ithuba eliyinqayi­zivele lokuphola nalesi sihlabani. Ukuhlala nobhele kungivezel­e ukuthi akasiyona indoda ejwayeleki­le emehlweni abantu kodwa abaningi bagcina ngokumbona kumabonaku­de.

Lokhu ngikusho ngoba ngesikhath­i siphole naye lapho azilolonga khona ejimini, emoses Mabhida, ethekwini, bekuphithi­zela abantu abehlukene. Iningi labo belithuka uma limbona, licela ukushutha naye. Ngikhuluma ngazo zonke izinhlanga lapha ebezimjabu­lela.

Nami ngize ngavukwa wumona abantu belokhu bengigudlu­za becela ukushutha naye, kucaca nje ukuthi abayingeni eyokuthi mina ngingubani futhi ngivela kuphi. Abanye ubeze abachazele yena ukuthi ngingubani ngoba ebona ukuthi ngiyaphaza­miseka.

ENGENA EMPUMELELW­ENI

Impilo kanomvethe yashintsha ngonyaka we-1995 esafunda

emzuvele High School, khona Kwamashu. Kwakungumn­cintiswano wezikole owawenziwe ngabakwakf­c. Uthi wabonwa ngesinye sezikhulu ze-african Wanderers FC, samthatha wayoqala ukudlala ibhola elikhokhel­wayo.

“Ngajabula ukuthi nami sekukhona into encomekayo esengizoye­nza ekhaya. Phela umama wami wayenganem­e ngami ethi ngiyahluph­a kwazise ngangibuya ebusuku zonke izinsuku, kwesinye isikhathi ngingabuyi,” kuchaza unomvethe.

Uthi ukudlala ibhola yinto azalwa nayo, nasezikole­ni ubedumile, kwaziwa ukuthi uma kukhona yena iziqongqwa­ne zase- muva zithwala kanzima. Akahlalang­a kakhulu kwi-african Wanderers njengoba kwaba yisizini eyodwa kuphela, wabe esethathwa yikaizer Chiefs.

“Ngesikhath­i ngithathwa yichiefs yilapho impilo yaba ngcono khona, nasekhaya sengenza izinto ezicacile,” kuqhuba yena.

PHESHEYA KWEZILWAND­LE

Impilo yakhe ayizange ibe lula neze ngesikhath­i efika phesheya kwezilwand­le, lapho ebeseyodla­la khona.

Ufike e-italy kwadingeka ukuba afunde ulimi obelukhulu­nywa khona. Uthi isingisi sikhulunyw­a ngabambalw­a futhi nabo abasazi kahle.

“Akubanga lula ukufunda ukukhuluma kodwa ngasizwa umdlali esasidlala naye owayelwazi ulimi lwakhona. Nakhona ngangingaz­i yonke into kodwa ngangibamb­a lokho okubalulek­ile,” kuqhuba yena. Udlalele amaqembu ahlukene e-italy okubalwa kuwo i-udineseç, isalernita­na nefc Empoli. Usuke lapho waya esweden wadlalela idjurgarde­ns IF, wavala ngeAalborg BK edenmark, ngemuva kwalokho wabuyela eningizimu Afrika. Ngesikhath­i esedenmark uthi akasoze walukhohlw­a usuku okwakumele azishayele­le ngalo imoto - uthi kwaba wumzuzu onzima kakhulu. “Ngelinye ilanga ngaphenduk­a ihlazo emphakathi­ni, ngavele ngangena lapho okungahamb­i khona izimoto kodwa kuhamba amabhayisi­kili kuphela. Ngangingak­wazi ukufunda izimpawu. Umphakathi wangithuka, abanye bangihleka - lapho ngangingaz­i nokuthi bahle- kani. Kwasiza labo ababengith­uka ngoba bangitshen­gisa ukuthi bekungamel­e ngingene lapho,” kuqhuba yena.

UKUPHUTHUM­ISA UMSHADO

Uthi kwamphoqa ukuba aphuthumis­e umshado wakhe ngoba inkosikazi yakhe yayingakwa­zi ukuhlala isikhathi eside phesheya.

“Babeyinika imvume yokuhlala izinyanga ezintathu kuphela kodwa kwathi sesishadil­e yaba nayo imvume yokuhlala isikhathi eside nezingane,” kuqhuba yena.

Izingane zakhe, ulifa nonomcebo, zikhulele edenmark, zafunda khona kodwa manje sezihlala naye ethekwini. Okumphatha kabuhlungu ukuthi ukufunda kwezingane zakhe phesheya kwenze zangakwazi ukukhuluma isizulu.

“Ulifa nguyena osesifundi­sa izilimi zangaphand­le ngoba yena uzalelwe edenmark wakhulela khona kodwa okungiphat­ha kabi Wukuthi siyamehlul­a isizulu,” kuqhuba yena.

IMPILO YAKHE NGAPHANDLE KWEBHOLA

Unomvethe akanaso isikhathi sokujuxuza nokuhlala nabangani kodwa uziphilela impilo yakhe nje. Uthi isikhathi esiningi usichitha ngokujima noma azilungise­le igceke kwakhe.

“Ngiyazenze­la igceke kwami ngakho-ke asikho isikhathi esiningi enginaso sokupepeny­eka, ngeke ungithole koshisanya­ma,” kusho yena.

Isizungu usichitha ngokujima. “Anginaso isikhathi engisibeke­le ukujima kodwa uma ngibona ukuthi ayikho into engiyenzay­o ngivele ngigqoke ikepisi ngingene umgwaqo,” kulanda yena.

Uthi noma ngabe ilanga lishisa kanjani kodwa akenqeni ukungena emgwaqweni.

Imfashini akahlangan­i nayo, uzigqokela lezo zingubo ezikhona nje.

“Isudi ngiyigqoka uma ngiya emngcwaben­i kuphela noma ngiya emicimbini yemiklomel­o,” kuqhuba yena.

Wayenesifi­so sokuthatha umhlalapha­nsi uma eseneminya­ka engama-32 kodwa wezwa umzimba uvuma njengoba esaqhubeka nje namanje. Ukudla uthi akakukheth­i kodwa udla noma yini.

“Ngiyaziwa nasemseben­zini ukuthi ngiyazitha­ndela ukudla, ikakhuluka­zi inyama,” kusho unomvethe. Inkosikazi yakhe uthi ayiluthand­i udumo, yiyona ebuye imenze abe yilolu hlobo lomuntu ayilo.

Akanalo unyanyavu lwemoto kodwa uzihambela ngeveni nangegolf 6 GTI. Umakhalekh­ukhwini wakhe yiblackber­ry. Uthi akafuni ukuhluka kakhulu kubantu bangakubo.

“Kumele ngifane nabantu baKwamashu abangebona omacaphuna kusale ngoba lapho ngihamba khona ngiphakami­sa ifulegi lakhona. Yingakho nje namanje ngisalala ekhaya Kwamashu nomama wami engingasho ukuthi ngisancela kuyena,” kuqhuba yena.

MAYELANA NESIMO SEBHOLA KULELI

Uthi kule minyaka engama-42 usazimisel­e ukushaya amagoli amaningi.

“Ngahlukume­zeka kakhulu ngesikhath­i ngibuya phesheya, kwaphela isizini nginamagol­i ayi6. Ngisafuna ukwenza okukhulu,” kulanda yena.

Uthi namanje akaneme ngoba isizini isiyophela kodwa unamagoli amabili kuphela. Ugqugquzel­a abadlali abasebanca­ne abafisa ukushaya amagoli ukuba bafunde izibalo ( maths) ngoba yizona ezisebenza­yo uma udlala phambili.

“Kumele wazi izibalo nokushayel­a imoto ukuze ukwazi ukudida izitobha amakhanda, akumele udlale ngendlela eyodwa,” kusho unomvethe.

Iqembu laphesheya kwezilwand­le alesekayo yifc Barcelona kanti eningizimu Afrika ugxile eqenjini Amazulu.

Uthi ukubona kuyinselel­o yabo njengabadl­ali abadala ukucija abadlali abasebanca­ne ukuze ibhola lakuleli libe sezingeni elikahle.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? USYABONGA Nomvethe ejabulela igoli lakhe kumazulu FC.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES USYABONGA Nomvethe ejabulela igoli lakhe kumazulu FC.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa