SIZIPHOLELE: "Kumele wazi izibalo ukuze udide izitobha"
UPHAHLWE ngabantwana bakhe ulifa nonomcebo.
KUNABANTU obabonayo nje ukuthi udumo abanalo abaludingi kodwa baluphiwa umdali. Lapha ngikhuluma ngomdlali kanobhutshuzwayo odume umhlaba wonke kodwa ozithobe ngendlela eyisimanga. Lowo yinsizwa yakwamashu, eningizimu yetheku, usyabonga “Bhele” Nomvethe.
Ngithole ithuba eliyinqayizivele lokuphola nalesi sihlabani. Ukuhlala nobhele kungivezele ukuthi akasiyona indoda ejwayelekile emehlweni abantu kodwa abaningi bagcina ngokumbona kumabonakude.
Lokhu ngikusho ngoba ngesikhathi siphole naye lapho azilolonga khona ejimini, emoses Mabhida, ethekwini, bekuphithizela abantu abehlukene. Iningi labo belithuka uma limbona, licela ukushutha naye. Ngikhuluma ngazo zonke izinhlanga lapha ebezimjabulela.
Nami ngize ngavukwa wumona abantu belokhu bengigudluza becela ukushutha naye, kucaca nje ukuthi abayingeni eyokuthi mina ngingubani futhi ngivela kuphi. Abanye ubeze abachazele yena ukuthi ngingubani ngoba ebona ukuthi ngiyaphazamiseka.
ENGENA EMPUMELELWENI
Impilo kanomvethe yashintsha ngonyaka we-1995 esafunda
emzuvele High School, khona Kwamashu. Kwakungumncintiswano wezikole owawenziwe ngabakwakfc. Uthi wabonwa ngesinye sezikhulu ze-african Wanderers FC, samthatha wayoqala ukudlala ibhola elikhokhelwayo.
“Ngajabula ukuthi nami sekukhona into encomekayo esengizoyenza ekhaya. Phela umama wami wayenganeme ngami ethi ngiyahlupha kwazise ngangibuya ebusuku zonke izinsuku, kwesinye isikhathi ngingabuyi,” kuchaza unomvethe.
Uthi ukudlala ibhola yinto azalwa nayo, nasezikoleni ubedumile, kwaziwa ukuthi uma kukhona yena iziqongqwane zase- muva zithwala kanzima. Akahlalanga kakhulu kwi-african Wanderers njengoba kwaba yisizini eyodwa kuphela, wabe esethathwa yikaizer Chiefs.
“Ngesikhathi ngithathwa yichiefs yilapho impilo yaba ngcono khona, nasekhaya sengenza izinto ezicacile,” kuqhuba yena.
PHESHEYA KWEZILWANDLE
Impilo yakhe ayizange ibe lula neze ngesikhathi efika phesheya kwezilwandle, lapho ebeseyodlala khona.
Ufike e-italy kwadingeka ukuba afunde ulimi obelukhulunywa khona. Uthi isingisi sikhulunywa ngabambalwa futhi nabo abasazi kahle.
“Akubanga lula ukufunda ukukhuluma kodwa ngasizwa umdlali esasidlala naye owayelwazi ulimi lwakhona. Nakhona ngangingazi yonke into kodwa ngangibamba lokho okubalulekile,” kuqhuba yena. Udlalele amaqembu ahlukene e-italy okubalwa kuwo i-udineseç, isalernitana nefc Empoli. Usuke lapho waya esweden wadlalela idjurgardens IF, wavala ngeAalborg BK edenmark, ngemuva kwalokho wabuyela eningizimu Afrika. Ngesikhathi esedenmark uthi akasoze walukhohlwa usuku okwakumele azishayelele ngalo imoto - uthi kwaba wumzuzu onzima kakhulu. “Ngelinye ilanga ngaphenduka ihlazo emphakathini, ngavele ngangena lapho okungahambi khona izimoto kodwa kuhamba amabhayisikili kuphela. Ngangingakwazi ukufunda izimpawu. Umphakathi wangithuka, abanye bangihleka - lapho ngangingazi nokuthi bahle- kani. Kwasiza labo ababengithuka ngoba bangitshengisa ukuthi bekungamele ngingene lapho,” kuqhuba yena.
UKUPHUTHUMISA UMSHADO
Uthi kwamphoqa ukuba aphuthumise umshado wakhe ngoba inkosikazi yakhe yayingakwazi ukuhlala isikhathi eside phesheya.
“Babeyinika imvume yokuhlala izinyanga ezintathu kuphela kodwa kwathi sesishadile yaba nayo imvume yokuhlala isikhathi eside nezingane,” kuqhuba yena.
Izingane zakhe, ulifa nonomcebo, zikhulele edenmark, zafunda khona kodwa manje sezihlala naye ethekwini. Okumphatha kabuhlungu ukuthi ukufunda kwezingane zakhe phesheya kwenze zangakwazi ukukhuluma isizulu.
“Ulifa nguyena osesifundisa izilimi zangaphandle ngoba yena uzalelwe edenmark wakhulela khona kodwa okungiphatha kabi Wukuthi siyamehlula isizulu,” kuqhuba yena.
IMPILO YAKHE NGAPHANDLE KWEBHOLA
Unomvethe akanaso isikhathi sokujuxuza nokuhlala nabangani kodwa uziphilela impilo yakhe nje. Uthi isikhathi esiningi usichitha ngokujima noma azilungisele igceke kwakhe.
“Ngiyazenzela igceke kwami ngakho-ke asikho isikhathi esiningi enginaso sokupepenyeka, ngeke ungithole koshisanyama,” kusho yena.
Isizungu usichitha ngokujima. “Anginaso isikhathi engisibekele ukujima kodwa uma ngibona ukuthi ayikho into engiyenzayo ngivele ngigqoke ikepisi ngingene umgwaqo,” kulanda yena.
Uthi noma ngabe ilanga lishisa kanjani kodwa akenqeni ukungena emgwaqweni.
Imfashini akahlangani nayo, uzigqokela lezo zingubo ezikhona nje.
“Isudi ngiyigqoka uma ngiya emngcwabeni kuphela noma ngiya emicimbini yemiklomelo,” kuqhuba yena.
Wayenesifiso sokuthatha umhlalaphansi uma eseneminyaka engama-32 kodwa wezwa umzimba uvuma njengoba esaqhubeka nje namanje. Ukudla uthi akakukhethi kodwa udla noma yini.
“Ngiyaziwa nasemsebenzini ukuthi ngiyazithandela ukudla, ikakhulukazi inyama,” kusho unomvethe. Inkosikazi yakhe uthi ayiluthandi udumo, yiyona ebuye imenze abe yilolu hlobo lomuntu ayilo.
Akanalo unyanyavu lwemoto kodwa uzihambela ngeveni nangegolf 6 GTI. Umakhalekhukhwini wakhe yiblackberry. Uthi akafuni ukuhluka kakhulu kubantu bangakubo.
“Kumele ngifane nabantu baKwamashu abangebona omacaphuna kusale ngoba lapho ngihamba khona ngiphakamisa ifulegi lakhona. Yingakho nje namanje ngisalala ekhaya Kwamashu nomama wami engingasho ukuthi ngisancela kuyena,” kuqhuba yena.
MAYELANA NESIMO SEBHOLA KULELI
Uthi kule minyaka engama-42 usazimisele ukushaya amagoli amaningi.
“Ngahlukumezeka kakhulu ngesikhathi ngibuya phesheya, kwaphela isizini nginamagoli ayi6. Ngisafuna ukwenza okukhulu,” kulanda yena.
Uthi namanje akaneme ngoba isizini isiyophela kodwa unamagoli amabili kuphela. Ugqugquzela abadlali abasebancane abafisa ukushaya amagoli ukuba bafunde izibalo ( maths) ngoba yizona ezisebenzayo uma udlala phambili.
“Kumele wazi izibalo nokushayela imoto ukuze ukwazi ukudida izitobha amakhanda, akumele udlale ngendlela eyodwa,” kusho unomvethe.
Iqembu laphesheya kwezilwandle alesekayo yifc Barcelona kanti eningizimu Afrika ugxile eqenjini Amazulu.
Uthi ukubona kuyinselelo yabo njengabadlali abadala ukucija abadlali abasebancane ukuze ibhola lakuleli libe sezingeni elikahle.