Kuzokhishwa isinqumo ngombango wakwashembe
AKWAZIWA mbhantshi kujiya ngesinqumo samajaji amathathu odabeni lombango webandla lamanazaretha esibhekwe ngolwesithathu nangolwesine. Lesi sinqumo besilindelwe kusukela ngasekupheleni konyaka owedlule.
Lokhu kulandela ukuba abohlangothi lwaseBuhleni, oluholwa yinkosi umduduzi “Nyazilwezulu” Shembe bafaka isikhalazo ngesinqumo esakhishwa ngowezi-2016 enkantolo yamajaji ethekwini sokuthi kube yinkosi uvela Muhle “Imisebeyelanga” Shembe engasekho wasethembezinhle ezoba ngumholi webandla lasebuhleni.
Inkosi Phinda “Inkanyeziyesithathu” Shembe yiyo engene esikhundleni semisebeyelanga, ehola ithembezinhle.
Kulindeleke ukuba iphini likamengameli wamajaji Kwazulu-natal, ijaji Isaac Madondo nabasizi bakhe ababili bahlukanise inhloko nesixhanti, basho ukuthi ngabe umengameli wamajaji Kwazulu-natal, ijaji Achmat Jappie washaya emhlolweni yini noma washaya igwebu ngonyaka wezi-2016.
Leli cala beselidonse iminyaka eyisihlanu kungongaphansi nongaphezulu kubhekene, ummeli wasethembezinhle, u-advocate Archie Findlay, nowonyazi, u-advocate Rajesh Choudree.
Leli cala laliqulwa ngaphansi kwezisekelo zamalamaphuzu alandelayo:
Ngabe inkosi uvimbeni Shembe kwabe kuyisandla sayo ngempela yini esaloba incwadi, yasayindwa, yokuthi kuthathe Imisebeyelanga.
Ngabe kwalandelwa indlela eyiyo yini yokuqokwa komholi kuleli bandla lamanazaretha. Abasebuhleni bayephula yini imiyalelo yenkantolo.
ISINQUMO SEJAJI SAPHAMBILINI
Ijaji ujappie lathola ukuthi ochwepheshe bokusayindwa kwezincwadi bobathathu bakhomba ukuthi yilo uthingo olwayisayina incwadi eqoka Imisebeyelanga. Laphinde labuchitha ubufakazi benkosi yamaqadi umqoqi Ngcobo bokuthi uthingo lwayitshela izikhawu ezintathu ukuthi uma kwenzeka lwendela koyisemkhulu kuzohlala esihlalweni unyazilwezulu. Libe selinquma ukuthi abasebuhleni bakhokhe izindleko zecala.
Unyazilwezulu alupholisanga maseko emuva kwalesi sinqumo, lwasiphikisa lwacela ukuba isinqumo siyoxilongwa ngamanye amajaji amathathu ngoba lukholwa wukuthi ijaji Jappie liphundulekile.
Ngonyaka owedlule luhlalile lolu daba enkantolo enkulu yamajaji emgungundlovu, maphakathi nekwazulu-natal kwaba nemibuzo eyajulukisa amadoda ivela emajajini ibhekiswe kummeli wonyazi mayelana namaphuzu amasha ayewabekile ngokungeneliseki ngodaba lokuqokwa konyazi ngomlomo olwatshelwa inkosi ungcobo nangendlela okwenziwa ngayo isimemezelo ngosuku lomfihlo. Amajaji asigodla isinqumo esayodla amathambo engqondo njengoba ngolwesithathu sekuwumnqamulajuqu.
Umlando omfushane ngombango wobuholi bebandla lamanaretha kusukela eminyakeni yawo 1979 umi kanje:
Ngesikhathi kukhothama inkosi yamanazaretha ugalile Johannes Shembe kwaqubuka umbango wokuhola ibandla ngonyaka we-1979 ekomkhulu laleli bandla, Ekuphakameni, enanda enyakatho yetheku. Intatheli YELANGA eloba lapha kwaba yiyo eyathathela lolo daba mathupha lapho indodana yelanga, inkosi ulonda Shembe, yabe ibanga noyise omncane inkosi u-amos Khula Shembe.
Abalandeli benkosi ulonda basala Ekuphakameni, enye kumakhosi ayehamba phambili ohlangothini lwasekuphakameni kwabe kuyiNkosi yasemazimeleni, ulindokuhle Mzimela, kanti ohlangothi, lwenkosi U-AK, kwakuyinkosi yamaqadi, umzonjani Ngcobo.
Inkosi U-AK Shembe yagobisa amadlangala emzini wenkosi ungcobo, yaze yayinika indawo yasematabetulu, eyagcina iqanjwe ngokuthi kuse"buhleni”. Inkosana yenkosi U-AK kwabe kuwuthingolwenkosazane, kanti eyenkosi ulonda kwaba yinkosi uvukile esakhonya namanje Ekuphakameni. Akhothama omabili lawa makhosi amanazaretha U-AK nolonda.
Uthingo lwathatha inkosi Vela (Imisebeyelanga) lwayisondeza eduze kwalo, luyikhonzile njengoba bengabafowabo, Imisebe isendlini ye- Langa, lona lusendlini ka-ak. Kuthiwa lwayinakekela Imisebe lwayikhokhela esikoleni yafunda yaze yaba neziqu zasenyuvesi yaba nguthishela.
Kuthiwa lwabe seluloba incwadi lwayinika ummeli walo, umnu Zwelabantu Buthelezi, ukuba ayigcine aze ayiveze uma kwenzeka lwedlula emhlabeni. Lokho lalikwenza ngoba lwaluthi alufuni ukuba uma lwedlula emhlabeni kwenzeke lokho okwenzeka kuyise emuva kokukhothama kwelanga.
Ngosuku lokufihla, inkosi ungcobo yamemezela igama lonyazi kuqala engakayifundi incwadi umnu Buthelezi, kwasuka ukuxokozela wasuka kanjalo umbango.
Imisebe ibona ukuthi iphanjaniselwe yacela iseluleko kummeli umnu Trevor Nkosi kwavunyelwana ukuthi udaba aluyiswe enkantolo ngoba luphethe ubufakazi obuphathekayo kanti nendlela okwenzeka ngayo ngalolo suku ayigculisanga, kwathathwa nama- awubufakazi.
Kulindeleke ukuba ziqiniswe ezokuphepha ngolwesithathu.