Olukazuma lufakazela amandla omthetho
NOMA kunokuhlukana phakathi kwemibono kwabakhele leli ngokuvuka kwamacala okushushiswa kukamengameli osewabeka phansi izintambo, umnu Jacob Zuma, kufanele sizishayele ihlombe njengezwe ngokuthi okwenzeka kumsholozi kuyinkomba yokuthi sonke siyalingana phambi komthetho.
Yebo, kuyiqiniso ukuthi kuningi okungahambi kahle ezweni lethu, kodwa futhi kukhona okuhamba kahle.
Sinenhlanhla yokuthi noma zikhona izinkinga, umthetho uyasebenza noma ngabe uyisikhulu njengomnu Zuma nje, okumanje ubhekene namacala ali-16 enkohlakalo nokukhwabanisa.
Ukushushiswa komuntu ongaconsi phansi kwabanye bethu njengomsholozi, futhi osewake waphatha isikhundla esiphezulu, yinto engajwayelekile emazweni asathuthuka. Uma sikhuluma ngamazwe ase-afrika, isigameko esifana nalesi yivela kancane impela, uma sake senzeka.
Uma sithi ukuphuma kancane kwelikaNxamalala, obevele ngolweshlanu enkantolo enkulu yasethekwini, ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, nowayengumengameli wasebrazil phambilini, umnu Lula da Silva, inkantolo yakuleliya lizwe inqume ukuthi kufanele aqale isigwebo emuva kokutholakala enamacala enkohlakalo.
Noma singeke siphawule ngokuthi umnu Zuma wawenza yini la macala abekwa wona noma cha - okuyoba wumsebenzi wabehluleli benkantolo - kodwa sibona ukushushiswa kwakhe kuzoqhakambisa ukuthi sonke siyalingana ngaphambi komthetho.
Sethemba ukuthi lokhu kungaqinisa ukuhlonishwa komthetho yizakhamizi ngokuthi awuche-mile, noma ngabe umsolwa uyisikhulu esihlonishwayo noma ungumfokazana.
Lokhu kubalulekile ezweni elisakhasayo njengaleli lethu ngokwenqubo yentando yeningi nokulingana kwabantu phambi komthetho.
Sifisa ukuba umnu Zuma aqhubeke njengoba enza, ahloniphe umthetho nezinkantolo zezwe, ahambe ezinyathelweni zikamengameli wokuqala ngaphansi kombuso wentando yeningi, umnu Nelson Mandela, owavuma ukuya enkantolo ngesikhathi emangalelwe yibhodi lesa Rugby ngeminyaka yama-1990, lapho wafike waphekwa khona ngemibuzo, wayiphendula ngaphandle kokusebenzisa isikhundla sakhe sokuba ngumengameli wezwe njengehawu lokuvika.
Sinxusa abalandeli bakamsholozi ukuba bayekele abashushisi nenkantolo basingathe lolu daba luze luphothulwe ngaphandle kokukhonjwa ngenjumbane kuthiwe bacheme nabathile, kodwa bungekho ubufakazi obuphathekayo ngabakushoyo.