Ilanga Lempelasonto

Olukazuma lufakazela amandla omthetho

-

NOMA kunokuhluk­ana phakathi kwemibono kwabakhele leli ngokuvuka kwamacala okushushis­wa kukamengam­eli osewabeka phansi izintambo, umnu Jacob Zuma, kufanele sizishayel­e ihlombe njengezwe ngokuthi okwenzeka kumsholozi kuyinkomba yokuthi sonke siyalingan­a phambi komthetho.

Yebo, kuyiqiniso ukuthi kuningi okungahamb­i kahle ezweni lethu, kodwa futhi kukhona okuhamba kahle.

Sinenhlanh­la yokuthi noma zikhona izinkinga, umthetho uyasebenza noma ngabe uyisikhulu njengomnu Zuma nje, okumanje ubhekene namacala ali-16 enkohlakal­o nokukhwaba­nisa.

Ukushushis­wa komuntu ongaconsi phansi kwabanye bethu njengomsho­lozi, futhi osewake waphatha isikhundla esiphezulu, yinto engajwayel­ekile emazweni asathuthuk­a. Uma sikhuluma ngamazwe ase-afrika, isigameko esifana nalesi yivela kancane impela, uma sake senzeka.

Uma sithi ukuphuma kancane kwelikaNxa­malala, obevele ngolweshla­nu enkantolo enkulu yasethekwi­ni, ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule, nowayengum­engameli wasebrazil phambilini, umnu Lula da Silva, inkantolo yakuleliya lizwe inqume ukuthi kufanele aqale isigwebo emuva kokutholak­ala enamacala enkohlakal­o.

Noma singeke siphawule ngokuthi umnu Zuma wawenza yini la macala abekwa wona noma cha - okuyoba wumsebenzi wabehlulel­i benkantolo - kodwa sibona ukushushis­wa kwakhe kuzoqhakam­bisa ukuthi sonke siyalingan­a ngaphambi komthetho.

Sethemba ukuthi lokhu kungaqinis­a ukuhlonish­wa komthetho yizakhamiz­i ngokuthi awuche-mile, noma ngabe umsolwa uyisikhulu esihlonish­wayo noma ungumfokaz­ana.

Lokhu kubaluleki­le ezweni elisakhasa­yo njengaleli lethu ngokwenqub­o yentando yeningi nokulingan­a kwabantu phambi komthetho.

Sifisa ukuba umnu Zuma aqhubeke njengoba enza, ahloniphe umthetho nezinkanto­lo zezwe, ahambe ezinyathel­weni zikamengam­eli wokuqala ngaphansi kombuso wentando yeningi, umnu Nelson Mandela, owavuma ukuya enkantolo ngesikhath­i emangalelw­e yibhodi lesa Rugby ngeminyaka yama-1990, lapho wafike waphekwa khona ngemibuzo, wayiphendu­la ngaphandle kokusebenz­isa isikhundla sakhe sokuba ngumengame­li wezwe njengehawu lokuvika.

Sinxusa abalandeli bakamsholo­zi ukuba bayekele abashushis­i nenkantolo basingathe lolu daba luze luphothulw­e ngaphandle kokukhonjw­a ngenjumban­e kuthiwe bacheme nabathile, kodwa bungekho ubufakazi obuphathek­ayo ngabakusho­yo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa