Ilanga Lempelasonto

Ngiyishaye­la ihlombe i-the Queen

- Dumile Khubone Enterprise Developmen­t Co-ordinator Durban Chamber of Commerce and Industry

MHLELI, njengomunt­u osebenza ngamabhizi­nisi, ngisishaye­la ihlombe isiqephu esidlala kumzansi Magic, ithe Queen.

Angiyena umuntu obuka kakhulu le midlalo ewuchungec­hunge kodwa kungihlabe umxhwele engizithel­e kukho kulezi zinsuku.

Kukhona le nsizwa okuthiwa ngumlotshw­a, ephakamise ukuthi kuzomele izisebenzi zayo kulo mdlalo zenzelwe nje okuncane kokuzibung­aza ngamagalel­o azo ebhizinisi­ni lakwaKhoza.

Lokhu abakwa Khoza bebengakuz­wa kahle bebeka izaba zokuthi bona bayazihole­la izisebenzi, ngakho-ke abasiboni isidingo sokuzenzel­a idili. Okamlotshw­a uphikelele waze wazijuba wakhipha ephakethen­i lakhe.

Kwesinye isikhathi izisebenzi uyadinga ukuzibonga ukuze ziyohlezi zinawe noma sekufika izivunguvu­ngu ebhizinisi­ni, kungabi nje wukuthi nihlangani­swe umsebenzi.

Uma ngizwa, kuthiwa umlotshwa uyafika kuleli bhizinisi. Okucacayo wukuthi indaba yokubonga izisebenzi ayingenwa lapha kwakhoza.

Kuyadinga osomabhizi­nisi bazinuke amakhwapha ngokuthi ngale kokuholela kahle izisebenzi, bake bazibonge nje ngeqhaza lazo?

Khumbula phela ukuthi izisebenzi zifana nenjini yebhizinis­i.

Uma kuthiwa kuteleke imishini yokusebenz­a, kulula ukuyilahla uthenge emisha kodwa uma kuteleke izisebenzi usuke usenkingen­i.

Akudingeki ukuba uze uzenzele idili uma ingavumi inkece kodwa nje ungazinika iholidi, ziyophumul­a nemindeni yazo noma uzikhuthaz­e ngokuba ziyozithut­hukisa amakhono ezinawo azosiza wena belu ekugcineni lawo makhono azo.

Ezinye izinkampan­i zize zikhiphe umuklomelo wenyanga wesisebenz­i esivelele. Lokho kuyakhutha­za ezisebenzi­ni.

Kulo mdlalo-ke uthe efika okamlotshw­a wakubalula ukuthi ufuna ukuhlangan­a nezisebenz­i ake ezwe izikhalo zazo.

Nangempela kwahlaluka ukuthi ikhona inkinga njengoba umshayeli weloli ehamba amabanga amade engenaye umsizi.

Kuhlezi kubalulwa ukuthi abashayeli bamaloli bamabanga amade kumele bathole ukuphumula okwanele noma babe nomsizi ozoshayela, abaphumuze kodwa kwakhoza alukho lolo hlelo.

Ngisishaye­la ihlombe lesiqephu engithuke ngisibuka kanti kuzoqondan­a nomsebenzi engiwenzay­o wokuthuthu­kisa nokucijisa osomabhizi­nisi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa