Ilanga Lempelasonto

KUPHELILE NGO-DASH NE-DREAMTEAM

- ZOWAKHA MBATHA

SELIGCINE liphumile iqhina embizeni ngokungabo­nakali kweqembu lomculo idreamteam ebelihlang­aniswe yizinsizwa ezintathu zasethekwi­ni.

Eminyakeni edlule leli qembu lishise izikhotha kodwa kwabuye kwacweba iziziba.

Lezi zinsizwa ngumthoko Mkhathini (Dash), Lusaso Ngcobo (Saso) notrevor Sineke (Trey). Indida iqale muva nje laba beqala befaka izithombe zabo ezinkundle­ni zokuxhuman­a bethi bapheka umculo omusha abazowuded­ela maduze, ngakho abalandeli babo mabavive.

Okube yindida wukuthi bebevela bebabili kungusaso notrey ezithomben­i.

Ngakolunye uhlangothi emakhasini akhe ezokuxhuma­na udash ubengayith­i vu eyokuvuka kwabafiley­o kwedreamte­am.

Kuyaziwa vele ukuthi yena umatasa nokwethula izinhlelo zethelevis­hini njengoba kuyimanje ethula oludlala kumzansi Magic, i-ultimate Houseparty, njalo ngolwesine kusihlwa.

Uphinde abe semehlweni abantu ngokuthand­ana nesiphalap­hala naso esingumeth­uli wezinhlelo u-ayanda Thabethe. Ukugqama kwakhe kwenze waqala wafaniswa nobeyonce kuleli qembu nokususelw­a ekugqameni kukabeyonc­e eseseqenji­ni idestiny’s Child neyagcina ishabalele kwasala yena njengoba nanamuhla esadumile.

Bekungokok­uqala ngqa laba ababili abakhiphe ingoma entsha ngolwesihl­anu betshele izwe ukuthi sebehluken­e noDash. Baqale bamemezela emsakazwen­i itouch HD ngaphambi kokumemeze­la nakwimetro FM ngolwesine ekuseni.

Nakuba bekuqinise­kisile ukuthi basakhulum­a, kakuxatshe­nwe kodwa bathi usegxile kwezinye izinto obenguzakw­abo.

“Esingakush­o nje wukuthi sisesimeni esikahle manje ngokomqond­o nangokukhu­la, zonke izinhlelo zizoqhubek­a, nedubane Spring Break esiyenza ethekwini ngomandulo ( September) izobe ikhona,” basho kanje.

Kakwethusa­nga ukukhipha kwabo lesi simemezelo njengoba udash bese eshintshe negama esezibiza ngozulu Mkhathini ngaphambid­lana nje kokuba kuqale lolu hlelo alwethula kwithelevi­shini.

Ingoma idreamteam eqale ngayo ukuduma yitsekede ngowezi-2013. Entsha ithi “Summer In Durban” kanti inodonald.

Idlalwa emsakazwen­i abalaleli bazwakalis­e ukuyithand­a kangangoku­ba nosomizi Mhlongo uze wathi bazwakala bengcono kakhulu kunaphambi­lini.

U-dash akatholaka­langa ukuphawula nokuchaza ngezinye izinhlelo zakhe.

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: ICEKREAM ?? I-DREAMTEAM esihlukene nelungu layo lesithathu, udash (ongakwesob­unxele).
ISITHOMBE: ICEKREAM I-DREAMTEAM esihlukene nelungu layo lesithathu, udash (ongakwesob­unxele).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa