Ilanga Lempelasonto

Ufihlwe ngesizotha ulemmy Special

Ubegila izimanga kwisoul Brothers

- KNOWLEDGE SIMELANE

ASAZIKHOTH­A amanxeba amalungu eqembu lomculo wombhaqang­a, isoul Brothers, ngokudlula emhlabeni kwelinye lawo elifihlwe izolo ngomgqibel­o.

Umoses Ngwenya, ongumholi weqembu, uthi balahlekel­we kakhulu ngokudlula emhlabeni kukalemmy Mabaso (72) obebuye aziwe ngelikalem­my Special.

Ulemmy ushonele kwakhe echiawelo, esoweto, ngesonto eledlule emuva kokugula isikhathi eside.

“Kusiphindi­le futhi okubi, besiziqhen­ya ngale nsizwa ebingabona­kali ukuthi yindala kunathi sonke. Isijoyine amanye amasosha eqembu angaphambi­li - ayilale ngokuthula,” kusho umoses.

Ulemmy ufihlwe emathuneni ase-avalon khona esoweto. Ushiye abantwana bakhe ababili, umfana nentombaza­ne kanti inkosikazi yakhe idlule emhlabeni ngonyaka wezi-2010.

Ulemmy ubengomuny­e wabadlali bezinsimbi, eyinjini efutha icilongo, adanse nalo kuncanywe izihlwele.

Wazalwa mhla ziyi-15 kumbasa ( April) ngonyaka we-1946 egiyani, elimpopo. Ukhulele e-alexandra Township, egoli lapho uyise wayeqashe khona, esebenza egoli.

Eceleni komqasho kayise kwakukhona ibhendi yomculo, i-alexandra Bright Boys wathatheka eyibona wacela kuyise ukuba amthengele umtshingo.

Usuke lapho basungula ibhendi yabo yemitshing­o nezigingci eyayibizwa nge-alexandra Junior Bright Boys, kwathi emuva kwalokho waba nenhlanhla yokubonwa ngabenkamp­ani yakwagallo eqopha ama- record yamcela ukuba ayoqopha izingoma zakhe wakhipha i-albhamu eyabe isihloko sithi “Khwela with Lemmy” eyamakhela ugazi.

Kuthe ngonyaka we-1979 kwashona amalungu amabili esoul Brothers, umpompie Sosibo notuza Mthethwa, wacelwa ukuba alijoyine, wangena wafutha icilongo.

Wangena khaxa, bathokoza omo- ses Ngwenya, udavid Masondo nozakhele Mchunu ababepheth­e iqembu ngaleso sikhathi.

Ubuye walishiya leli qembu wajoyina umdlalo kambongeni Ngema, isarafina, ngonyaka we-1988 kuya kowe-1991, waya enew York City iminyaka emine. Ubuye lapho waphindela kwibrother­s waze waficwa ukufa eseyilungu layo.

Bazomkhumb­ula abaningi emakhonsat­hini esoul Brothers, ngemigilin­gwane abeyenza esteji. Bekuthi ngesikhath­i sekungena ama- saxophone yena afuthe maqede agxamalaze ayibambe ayiphendul­e emoyeni, aphenduke nayo kube mnandi.

knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? U-LEMMY “Special” Mabaso (omfishane kunabo bonke phambili) nebhendi ayecula nayo esophiatow­n.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE: SITHUNYELW­E U-LEMMY “Special” Mabaso (omfishane kunabo bonke phambili) nebhendi ayecula nayo esophiatow­n.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa