Ilanga Lempelasonto

UMNGQITHI UYAZIQHENY­A NGENDODAKA­ZI YAKHE

- LUCKY CAIN

UMQEQESHI wemamelodi Sundowns uthi uyazigqaja ngendodaka­zi yakhe elingisa emdlalweni owuchungec­hunge Isibaya, okhonjiswa kumzansi Magic phakathi nezinsuku.

Umanqoba Mngqithi (osesithomb­eni esincane) , oyiphini lomqeqeshi kuleli qembu eliqengqel­eza phambili kwi- log, uthi nakuba ebekulinde­le ukubona indodakazi yakhe kumabonaku­de kodwa ubengalind­ele ukuthi izosheshe ithole indawo enedumela njengale eyidlalayo manje kulo mdlalo. Umngqithi unguyise ka-asavela odlala indawo kantwenhle okuthiwa uyindodaka­zi kamandla Ndlovu (Bongani Gumede) kulo mdlalo othandwa ngabaningi kuleli. Ekhuluma neLANGA LangeSonto umngqithi uthi akethuki uma ebona indodakazi yakhe igila izimanga ngoba ukulingisa yinto vele eyifundele futhi eyithanday­o. “Bengazi ukuthi ukule nto yokulingis­a kodwa bengithi uzoqala ngokuthola izindawo ezincane. Ngiyajabul­a ukuthi uqale ngegiya eliphezulu,” kusho umngqithi enge- za ngokuthi uyazigqaja ngomsebenz­i wendodakaz­i yakhe. Uqhuba ngokuthi uzoyeseka kulo mkhakha engena kuwona inqobo nje uma izoziphath­a kahle, ihloniphe umsebenzi wayo.

“Njengomzal­i kuwumseben­zi wami ukuyeseka emkhakheni engena kuwona,” kusho umngqithi.

Uthe akananking­a nendawo elingiswa yindodakaz­i yakhe kulo mdlalo ngoba uyakuqonda ukuthi yenza umsebenzi, ayiyona le nto eyilingisa­yo.

Untwenhle kulo mdlalo uyintombaz­ane ephuza utshwala futhi ebuye ithathwe njengeqola.

U-asavela naye uthi uyalijabul­ela ithuba alitholile lokulingis­a kulo mdlalo.

“Ukulingisa yinto engiyifund­ele futhi engiyithan­dayo ngakho ukudlala kulo mdlalo kusho lukhulu kimina,” kusho lo mlingisi ofundele lo mkhakha esikhungwe­ni semfundo ephakeme, I-AFDA, Durban Campus.

Uthi lona wumdlalo wokuqala kumabonaku­de alingisa kuwona futhi usazi- misele ngokufunda okuningi ngalo mkhakha. Uqhube wathi nakuba kukhona okuncane okufanayo phakathi kwakhe nendawo ayidlalayo kodwa kuningi okwehlukil­e.

“Into engingathi siyafana ngayo nontwenhle wukuthi ngiyazikhu­lumela nje kuphela,” esho.

Uphethe ngokuthi kuyamjabul­isa ukwesekwa akuthola kubazali bakhe.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ?? INDODAKAZI kamanqoba Mngqithi, u-asavela, odlala indawo kantwenhle emdlalweni owuchungec­hunge, Isibaya.
INDODAKAZI kamanqoba Mngqithi, u-asavela, odlala indawo kantwenhle emdlalweni owuchungec­hunge, Isibaya.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa