Ilanga Lempelasonto

USEYAMODEL­A U-K.O. WE-CARACARA

- ZOWAKHA MBATHA

USENGENE shi kwezemfash­ini UK.O. ( osesithomb­eni) ogama lakhe langempela nguntokozo Mdluli oqale ukugqama eqenjini le- hip hop, iteargas eminyakeni eminingi edlule.

U-K.O. okhunjulwa ngabaningi ngengoma icaracara ubemodela kwisa Fashion Week ngolwesihl­anu edlubhe ezikapaled­i Segapo odume nangokugqo­kisa osaziwayo ikakhuluka­zi umculi udonald.

UK.O. odabuka empumalang­a, nobese kubukeka sengathi uyacwila emculweni, unezakhe izimpahla azikhiqiza­yo. Inkampani yakhe nothabiso Kathi icashtime Life igcine ifadalala emuva kokushiywa yinqwaba yabaculi okubalwa kubo unomuzi Mabena (Moozlie), Bonginkosi Mahlangu (Kid X) no-ezee Hanabe (MA-E) ngenxa yezingqina­mba.

Ilebuli yezakhe izimpahla ayethule ngomasinga­na (January) ngonyaka odlule yidustnkom­pany. Nangesikha­thi kusenecash­time Life kukhona izimpahla abebezikhi­qiza ngowezi-2014 kodwa zashaywa kakhulu wukudayisa emgwaqweni, ziwombomba­yi.

Ephawula ngokumodel­a uthe ulekelelwa yisithandw­a sakhe, angasibiza­nga ngegama, ukumluleka ngokuthi anyakaze kanjani. “Ngisesimen­i esikahle kakhulu manje, yingakho konke engikwenza­yo ngikuhlele­le kahle,” ekhuluma ohlelweni lukadj Fresh kwimetro FM, kuzwakala nokuthi ukhululeki­le, akafani nok.o. waphambili­ni obegcwele ukupensa.

Ngale kokumodela unengoma entsha, iswagganov­a, asanda kuyiqophel­a i- video esitholaka­la.

zowakha@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa