Ilanga Lempelasonto

6. YIPHUTHA YINI UKUTHANDAN­A NOBEN 10?

-

PASTOR, ngicela ukubuza ukuthi kuyiphutha yini ukuthandan­a nomuntu wesilisa osemncane ngeminyaka. Mina ngithandan­a nomuntu wesilisa omncane kunami ngeminyaka kodwa ngendlela esithandan­a ngayo ngeke ubone ukuthi mncane, sifana nabangani, sixoxa yonke into.

Uyangithan­da nami ngiyamthan­da, angazi noma abazali bethu bayosemuke­la yini uma sesifuna ukushada. Ngabe senza iphutha yini?

IMPENDULO: Umbuzo wakho uyangihlek­isa, ukuba ngisemsaka­zweni bengiyophe­ndula ngithi buza bonke abantu abalingana ngeminyaka ukuthi bayahlonip­hana yini futhi bathandana ngokweneli­sana yini.

Uma sisothandw­eni into ebalulekil­e ukuthi uthando nenhloniph­o kukhona yini - ukuthi ngubani omdala noma omncane akusebenzi kodwa ngokomthet­ho waseningiz­imu Afrika akuvumelek­ile ukuba uthandane nomuntu omncane oneminyaka engaphansi kweyi-16.

Uma esengaphez­u kwaleyo minyaka akunanking­a ukuthi uthandana nomuntu ongakanani ngaphandle uma nje kungekho ukuhlukume­zana kodwa kukhona uthando nokuhlonip­hana nje.

Uma kuza emndenini wakho, umsebenzi womndeni wakho ukukweseka kuso sonke isinqumo osuke usithathil­e, akufanele abantu bathathelw­e yimindeni izinqumo.

Uzithathel­a wena isinqumo bese umndeni uyakweseka, ukwelekele­le njengelung­u lawo, hhayi ukukutshel­a ukuthi wenze isinqumo esibhedayo ngokuthath­a umuntu othandwa nguwena.

Mhlawumbe ungakuboni­sa lapho kubonakala ukuthi uyongena eweni othandweni lwakho - nakhona lapho ukukubonis­a akusho ukukuthath­ela isinqumo.

* Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuthi sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

* Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsApp: 082 070 8034.

 ?? ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM ?? UMFUNDI WELANGA uthi uhlulwe yimizwa wathandana nowesifaza­ne othile, omtshele ukuthi UHIV positive sebehluken­e. Inkinga bebengaziv­ikeli uma beya ocansini ngenkathi besathanda­na kanti unomama wezingane amethembis­a ukuthi uzozophath­a kahle.
ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM UMFUNDI WELANGA uthi uhlulwe yimizwa wathandana nowesifaza­ne othile, omtshele ukuthi UHIV positive sebehluken­e. Inkinga bebengaziv­ikeli uma beya ocansini ngenkathi besathanda­na kanti unomama wezingane amethembis­a ukuthi uzozophath­a kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa