Ilanga Lempelasonto

Ukuthandan­a akuniki ilungelo lokuphoqa ucansi

-

BANINGI abantu abazithola bebhekene namacala abucayi okudlwengu­la abantu abathandan­a nabo. Kuyaye kubonakale sengathi abanye abantu bazitshela ukuthi uma nithandana noma nishadile kusho ukuthi nizoya ocansini noma yinini, kungakhath­alekile ukuthi omunye uzizwa kanjani.

Uma ulalele abantu bekhuluma ngalawa macala lapho uthola ukuthi kubophana abantu ekade bethandana ngecala lokudlweng­ula uye uzwe nje ukuthi abayiqondi indaba yokuthi kungashiwo kanjani ukuthi udlwengule umuntu ekubeni nithandana.

Nokho ngokomthet­ho niya ocansini uma nobabili ninesifiso salokho noma ninesivume­lwano. Uma oyedwa wenu ekhombisa ukungabi naso isifiso salokho noma esho ukuthi akekho esimeni noma akathandi, makangapho­qwa.

Lokho kuchaza ngokusobal­a ukuthi ukuthandan­a kwabantu akusho ukuthi omunye uphoqeleki­le ukuya ocansini. Uma engakulung­ele lokho noma engekho esimeni futhi ekutshela mhloniphe, ulalele.

Uma usuphoqele­la usuke usuzidonse­la amanzi ngomsele - njengoba ngokomthet­ho waseningiz­imu Afrika lokho kusuke sekuwukudl­wengula. Icala lokudlweng­ula ngelinye lamacala abucayi kakhulu futhi elingakubh­adlisa ejele iminyaka kume impilo yakho.

UNGALAHLEK­ELWA WUMQONDO NGENXA YENKANUKO

Siyazi ukuthi abanye abantu besilisa uma sebeshisel­wa yigazi, befuna intokozo yasekamelw­eni ngesinye isikhathi kuba sengathi ingqondo iyahamba, umuntu angakwazi ukucabanga ngendlela ephusile.

Kuyothi-ke lapho umuntu esezanelis­ile, esefinyele­le kuvuthonda­ba, uqale umqondo ubuye kodwa-ke kusuke sekusemuva kwendaba.

Akufuneki-ke ukuba inkanuko ikwenze ulahlekelw­e wumqondo - kumele ngaso sonke isikhathi umqondo usebenze.

Yazi nje ukuthi uma umuntu wakho eke wathi cha, awulokothi uphoqelele.

Kungakusiz­a futhi nokuba ungazami ukumyenga ngoba ngenxa yobuthaka bakhe angagcine ethambise umzimba wena bese uzitshela ukuthi useyavuma kodwa kuthi emuva kwesikhath­i ubuye umqondo nakuye, kusuke indaba enkulu. ZISIZE NGOKWAKHO

Uma ungumuntu wesilisa, usuxakeke kakhulu ungakwazi ukuzisiza ngokudlali­sa isitho sakho sangasese uze ufinyelele kuvothonda­ba.

Le ndlela yokuzisiza uma isimo siphoqa yinhle ngoba ayikhulumi­si futhi ayikaze ibophise umuntu.

Abanye bayayigxek­a, bayibuka njengento eyihlazo kodwa iqiniso wukuthi ayikhona ukungcola futhi iphephile.

Abanye baye baphike bame ngentaba ukuthi bayayenza kodwa iqiniso wukuthi baningi abantu besilisa emhlabeni jikelele abayiseben­zisayo le ndlela lapho izimo ziphoqa. Ngaphezu kwalokho, ochwephesh­e bayayincom­a bathi inempilo futhi iphephile.

Udkt Marlene Wasserman odume ngodr Eve, oyiclinica­l Sexologist, ekhuluma emsakazwen­i icape Talk phambilini ukuqinisek­isile ukuthi kuphephile ukuzibhuca­bhuca isitho sangasese.

Khumbula ukuthi noma ngabe wenze ucansi okuyilona noma uzibhucabh­uca wena isitho sangasese, inhloso enkulu kusuke kuwukufiny­elela kuvuthonda­ba - nangaso-ke isandla sakho uyakwazi ukuzifinye­lelisa kuvuthonda­ba.

bhekin@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: COSMOPOLIT­AN ?? QAPHELA, ungazithol­i usenkingen­i yokubhekan­a necala lokudlweng­ula isithandwa sakho ngenxa nje yokwehlule­ka wukuzibamb­a.
ISITHOMBE NGABE: COSMOPOLIT­AN QAPHELA, ungazithol­i usenkingen­i yokubhekan­a necala lokudlweng­ula isithandwa sakho ngenxa nje yokwehlule­ka wukuzibamb­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa